Kungani Silapha?
NGOKWEBHAYIBHELI, uNkulunkulu ogama lakhe linguJehova, unokuhlakanipha okuphakeme kunakho konke. UnguMthombo wawo onke amandla asendaweni yonke noMdali wendawo yonke. (IHubo 83:18; 92:5) Isahluko sokuqala seBhayibheli sithi: “Ekuqaleni uNkulunkulu wadala amazulu nomhlaba.” Ngemva kwalokho, uNkulunkulu wenza umuntu “ngomfanekiso” wakhe—okusho ukuthi, waba nezimfanelo ezifana nezakhe—futhi uNkulunkulu watshela umuntu ukuba azale ande agcwalise umhlaba.—Genesise 1:1, 26, 28.
Ingabe lokhu kusho ukuthi uNkulunkulu wadala indawo yonke, kuhlanganise umhlaba nezilwane eziningi nezitshalo ezikuwo, ukuze nje anelise isintu? Ingabe silapha ukuze nje sijabulele ukuphila amashumi eminyaka ambalwa, sidle, siphuze futhi sizale?
Wasidalelani UNkulunkulu?
UJehova uNkulunkulu wadala isintu ukuze abonise uthando lwakhe—wayefuna ukuhlanganyela ukuphila nenjabulo nabantu. Ngokungangabazeki, uNkulunkulu wajabula kakhulu lapho edala zonke izinhlobo zendalo, ukuze umuntu azungezwe ubuhle obuningi. Ngaphezu kwakho konke, abantu kufanele babe nobuhlobo obuseduze noMdali wabo, bamazi futhi bakhulume naye. Badalelwa ukuphila phakade ngaphansi kwezimo eziphelele nezinokuthula.—Genesise 3:8, 9; IHubo 37:11, 29.
UJehova wabela abantu nomsebenzi obalulekile futhi owanelisayo. UNkulunkulu watshela abantu bokuqala: “Zalani nande nigcwalise umhlaba niwunqobe, nithotshelwe yizinhlanzi zolwandle nezidalwa ezindizayo zamazulu nazo zonke izidalwa eziphilayo ezihamba phezu komhlaba.” (Genesise 1:28) Yebo, umbhangqwana wokuqala nezingane zawo kwakufanele uphendule wonke umhlaba ube ipharadesi lenjabulo.
Izinto azenzekanga ngendlela uJehova ayeyihlosile ngokushesha.a Noma kunjalo, injongo kaNkulunkulu yokuqala ngesintu izofezeka.—Isaya 46:9-11; 55:11.
Phakathi naleso sikhathi, isifiso somuntu—isidingo sakhe sokwazi uNkulunkulu nokuba nobuhlobo naye sibonakala ekufuneni kwakhe injongo. Umuntu wenziwa waba isidalwa esihlakaniphile esinesifiso sokwazi nokuqonda. IBhayibheli lithi umuntu uyoqhubeka efaka ulwazi olwanelisayo ngoNkulunkulu nendalo yakhe kuze kube phakade.
Omunye umlobi weBhayibheli waveza injongo yomuntu ngale ndlela: “Ngiwubonile umsebenzi uNkulunkulu awuniké amadodana abantu ukuba abe matasa kuwo. Wenzé konke kwaba kuhle ngesikhathi sako. Ufake ngisho nobuphakade ezinhliziyweni zawo, ukuze abantu bangawutholi nanini umsebenzi uNkulunkulu weqiniso awenzile kusukela ekuqaleni kuze kube sekupheleni. Sengiyazi ukuthi akukho lutho olungcono ngabo kunokuba umuntu ajabule futhi enze okuhle phakathi nokuphila kwakhe; nokuthi wonke umuntu adle futhi empeleni aphuze abone okuhle ngawo wonke umsebenzi wakhe onzima. Kuyisipho sikaNkulunkulu.” (UmShumayeli 3:10-13) Ngakho-ke akusoze kwaphela lokho isintu esingakufunda ngoNkulunkulu nendalo yakhe.
Funda NgoNkulunkulu
Ungamazi kangcono uNkulunkulu ngokuhlola indalo yakhe. Omunye umlobi weBhayibheli wathi “izimfanelo zakhe ezingabonakali zibonakala ngokucacile kusukela ekudalweni kwezwe kuye phambili, ngoba ziqondakala ngezinto ezenziwe, ngisho namandla akhe angunaphakade nobuNkulunkulu bakhe.” (Roma 1:20) Yebo, okuningi okuphathelene nothando lukaJehova, ukuhlakanipha namandla kubonakala endalweni yakhe.
Omunye umthombo obalulekile wokwazi ngoNkulunkulu, iBhayibheli. Le ncwadi ephefumulelwe isitshela okuningi ngoJehova—imibono yakhe, izimfanelo nenjongo—kunalokho esingakufunda ekuhloleni indalo yakhe.
IBhayibheli lisho lokhu ngokuphathelene nenjongo kaNkulunkulu: “Ngokuqondene namazulu, wona angakaJehova, kodwa umhlaba uwuniké abantwana babantu.” (IHubo 115:16) Kubonakala sengathi okuwukuphela kwendawo efanelekayo endaweni yonke isintu esingaphila kuyo umhlaba, uJehova awenzela le njongo.
Khona-ke, kuthiwani ngendawo yonke engenamkhawulo? Ingabe zonke izinkanyezi ezisizungezile zisezindaweni ezikuzo ukuze isimiso sikanozungezilanga sizinze ukuze kube khona ukuphila emhlabeni? Ingabe izinto ezisemkhathini zikhona nje ukuze zenze isibhakabhaka sibe sihle? Kufanele sibone ukuthi kunezinto eziningi esingakazazi. Kodwa kuhle lokho! Ngani?
Iphakade aliyikwanela ukuze isintu siqonde konke lokho uNkulunkulu akwenzile nakuhlosile. Ufuna ukuba ikusasa lethu libe nezinto eziningi esingazifunda nenjabulo engapheli. Ukuphila phakade ngenjabulo emhlabeni kuyonikeza isintu esilalelayo amathuba amaningi okufunda, ukufunda okuningi ngendawo yonke.
[Umbhalo waphansi]
a Kubantu abaningi, ukuba khona kobubi nokuhlupheka kwenza bangakholelwa ukuthi ukhona uMdali onothando. Mayelana nalesi sihloko, bheka isahluko 11 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 9]
Umuntu wenziwa waba isidalwa esihlakaniphile esinesifiso sokwazi nokuqonda
[Izithombe ekhasini 10]
IBhayibheli libonisa ukuthi umhlaba wadalelwa ukuba ujatshulelwe isintu ngokuyinhloko