Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 3/10 k. 10
  • Lokho Esikufunda Emvelweni

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lokho Esikufunda Emvelweni
  • I-Phaphama!—2010
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2010
  • “Izimfanelo Zakhe Ezingabonakali Zibonakala Ngokucacile”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
  • Yazisa Umklamo Ufunde NgoMklami Wawo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • Ukwambulwa Komklami Omkhulu
    I-Phaphama!—2000
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2010
g 3/10 k. 10

Lokho Esikufunda Emvelweni

“Yeka ukuthi miningi kangakanani imisebenzi yakho! Yonke uyenzé ngokuhlakanipha.”—IHubo 104:24.

ABANTU abaningi basebenzisa igama elithi “imvelo” uma bebhekisela emthonjeni womklamo wezinto eziphilayo. Ngokwesibonelo, kumagazini ka-March 2003, i-Scientific American yathi: “Kuzo zonke izinto ezimboza umzimba eziye zaklanywa imvelo, kunezinhlobo zezimpaphe ezihlukahlukene kakhulu nezingaqondakali kunazo zonke.” Nakuba lowo mbhali engase abheke imvelo njengamandla nje, uthi imvelo “eyaklama” izimpaphe. Ingabe amandla angakwazi ukuklama izinto?

“Ukuklama” kusho “ukuhlela (into ethile) unenjongo noma inhloso ekhethekile engqondweni.” (The New Oxford Dictionary of English) Umuntu kuphela okwazi ukuklama nokusungula. Njengoba nje abasunguli benamagama, noMdali unegama. UJehova unguMsunguli wemvelo. Nguye yedwa ‘ongoPhezukonke emhlabeni wonke,’ ‘owadala zonke izinto.’—IHubo 83:18; IsAmbulo 4:11.

Yini esiyifunda endalweni? Izifundo ezibalulekile esizifunda endalweni zisitshela ngoJehova nezimfanelo zakhe ezimangalisayo, kuhlanganise nokuhlakanipha kwakhe. “Izimfanelo zakhe ezingabonakali zibonakala ngokucacile kusukela ekudalweni kwezwe kuye phambili, ngoba ziqondakala ngezinto ezenziwe, ngisho namandla akhe angunaphakade nobuNkulunkulu bakhe.” (Roma 1:20) Emvelweni sifunda ukuthi ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kukhulu kunokwethu. Uma ekwazi ukuklama izinto kangcono kunabasunguli abangabantu, ingabe lokho akusenzi yini sibone ukuthi angaseluleka kangcono kunabeluleki abangabantu?

Iseluleko sikaNkulunkulu asitholakali “encwadini yemvelo ngokuyinhloko,” kodwa eZwini lakhe elilotshiwe, iBhayibheli. Wena ucabangani? Ingabe uMklami wezitho zethu zokukhuluma uyafuna ukukhuluma nathi? Kubonakala kunengqondo ukuthi kunjalo. IBhayibheli lithi: “Yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu.”—2 Thimothewu 3:16.

Uma ukuthola kuthakazelisa ukufunda ngabantu abangabasunguli, kuyokuthakazelisa nakakhulu ukufunda ngoMdali. Ngokwesibonelo, kungenzeka ukuthi ufuna ukwazi izimpendulo zale mibuzo: Kungani sibhekana nokuhlupheka sigcine ngokufa? Ingabe lokhu ngempela kuyinjongo kaNkulunkulu ngomuntu? Uma kungenjalo, kungani uNkulunkulu ekuvumela ukuhlupheka?

Kungakhathaliseki ukuthi bayakuqaphela noma qha, ososayensi baye bakufunda kuJehova ukuklama izinto. Nawe ungafunda okuningi kuMdali wethu. Ngokwesibonelo, ungafunda ukuthi ungawujabulela kanjani umshado ozinzile, indlela ephumelelayo yokukhulisa abantwana, injongo kaNkulunkulu ngomhlaba, nokuningi okungenza ukuphila kwakho kube nenjongo. Incwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova, ingakusiza ukuba uzuze kakhulu eZwini likaNkulunkulu.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela