Umbono WeBhayibheli
Yini Esenza Sibe Abalungile Noma Abangalungile?
WONKE umlando ugcwele imibiko yenzondo nokuchithwa kwegazi. Kodwa-ke, naphezu kwezinsizi kuye kuvele izenzo ezimangalisayo zabantu abanomusa nokuzidela. Yini eyenza umuntu abe umbulali ononya kuyilapho omunye engumsizi wabantu onenhliziyo enhle? Kungani ngezinye izikhathi ukuziphatha kwabantu kuba nezici zobulwane?
Ukungapheleli Nonembeza
IBhayibheli lisho ngokungagunci ukuthi: “Imicabango yenhliziyo yomuntu mibi kusukela ebusheni bakhe.” (Genesise 8:21, Revised Standard) Ngenxa yalokho, izingane zithambekele ekugangeni. (IzAga 22:15) Kusukela lapho sizalwa, sonke sithambekele ekwenzeni okungalungile. (IHubo 51:5) Ukwenza okuhle kudinga umzamo, njengokugwedla isikebhe uphambane nomsinga.
Noma kunjalo, sinikezwe nonembeza. Lo muzwa esizalwa nawo wokuhle nokubi ushukumisela iningi lethu ukuba lenze izinto ezibonisa ubuntu. Ngenxa yalokhu, ngisho nabantu abangaqeqeshiwe ekuziphatheni okuhle bangase baziwe ngezenzo zabo zokulunga. (Roma 2:14, 15) Nokho, njengoba kuphawulwe ngenhla, ukuthambekela kwethu ekwenzeni okubi kungabangela impi ngaphakathi. Yini enye engasithonya emzamweni wethu wokwenza okulungile hhayi okungalungile?
Indawo Eyonakele
Unwabu lushintsha umbala ukuze lufane nendawo olukuyo. Ngokufanayo, labo ababa abangane nezigebengu cishe bayofunda imikhuba yobugebengu. IBhayibheli liyaxwayisa: “Ungalandeli isixuku ngezinhloso ezimbi.” (Eksodusi 23:2) Ngakolunye uhlangothi, ukuzihlanganisa njalo nabantu abathembekile, abanobulungisa nabaziphethe kahle kukhuthaza umuntu ukuba enze okuhle.—IzAga 13:20.
Nokho, asinakucabanga ukuthi siphephile ethonyeni lobubi ngoba nje singazihlanganisi ngokuqondile nabantu abenza okubi. Ngenxa yokungapheleli kwethu, izingqondo zethu zingase zibe nemicabango emibi, elinde ithuba lokuba izibonakalise. (Genesise 4:7) Ngaphezu kwalokho, ububi bungafinyelela emakhaya ethu ngemithombo yezindaba. Imidlalo yama-video, izinhlelo zikamabonakude namabhayisikobho ngokuvamile akhuthaza ubudlova nezenzo zokuziphindiselela. Ngisho nokubuka izindaba zomhlaba wonke noma zezwe lakithi njalo kungasenza sithuntubale singabe sisakubona ukuhlupheka nosizi lwabantu.
Uyini umnyombo wale ndawo eyonakele? IBhayibheli liyaphendula: “Lonke izwe lisemandleni omubi.” (1 Johane 5:19) ImiBhalo iveza lona “omubi,” uSathane uDeveli, njengomqambimanga nombulali. (Johane 8:44) Ukhuthaza ububi ngethonya lezwe lakhe.
Njengoba sinalezi zici ezithonya isimo sethu sengqondo nezenzo, abanye bangase bathi abanakusolwa ngezenzo zabo ezimbi. Kodwa liyini iqiniso? Njengoba nje isondo lokuqondisa imoto liyilawula ukuthi iyaphi nephini lomkhumbi liqondisa umkhumbi, ingqondo nayo ilawula umzimba.
Ukwenza Okuhle Noma Okubi —Nguwe Okufanele Ukhethe
Zonke izenzo zangamabomu, ezinhle noma ezimbi, zandulelwa umcabango. Ukutshala imicabango eyakhayo nemihle kuletha izithelo ezinhle. Ngakolunye uhlangothi, uma sivumela isifiso sobugovu ukuba sikhule engqondweni yethu, cishe siyothola isivuno sezenzo ezimbi. (Luka 6:43-45; Jakobe 1:14, 15) Ngakho-ke, kungashiwo ukuthi umuntu ulungile noma akalungile kuye ngokuthi ukhethani.
Ngokujabulisayo, iBhayibheli libonisa ukuthi umuntu angafunda ukuba olungile. (Isaya 1:16, 17) Uthando lungamandla ashukumisela ekwenzeni okulungile, ngoba “uthando alwenzi okubi kumakhelwane womuntu.” (Roma 13:10) Uma sihlakulela uthando ngabantu, asinakulokotha senze okubi kunoma ubani.
Yilokho uRay wasePennsylvania, e-U.S.A., akufunda. Njengoba ayefunde ukulwa esemncane, ngokushesha wayesebizwa ngokuthi uPunch (uSibhakela). Futhi wayenesififane. Kodwa ngokusebenzisa izimiso zeBhayibheli, kancane kancane washintsha. Kodwa lokhu kwakungelula. Ngezinye izikhathi, wayezizwa ngendlela umlobi weBhayibheli uPawulu ayezizwa ngayo: “Lapho ngifisa ukwenza okuhle, kukhona okubi kimi.” (Roma 7:21) Manje, ngemva kweminyaka yokuzama ngokuzimisela, uRay useyakwazi ‘ukunqoba okubi ngokuhle.’—Roma 12:21.
Kungani kuwufanele umzamo ‘ukuhamba ngendlela yabantu abahle’? (IzAga 2:20-22) Kungenxa yokuthi ekugcineni, ubuhle buyobunqoba ububi. IBhayibheli lithi: “Abenzi bokubi bazonqunywa . . . Sekuyisikhashana nje, omubi abe engasekho . . . Kodwa abamnene bayodla ifa lomhlaba, futhi ngempela bayothola injabulo enkulu ngokuchichima kokuthula.” (IHubo 37:9-11) UNkulunkulu uyosusa yonke iminonjana yobubi. Yeka ikusasa elimangalisayo elilindele labo abenza okusemandleni ukuze benze okuhle!
WAKE WAZIBUZA?
● Ubani obangela izenzo zethu?—Jakobe 1:14.
● Singakwazi yini ukushintsha inkambo yethu?—Isaya 1:16, 17.
● Ingabe ububi buyoke buphele?—IHubo 37:9, 10; IzAga 2:20-22.
[Izithombe ekhasini 21]
Umuntu ulungile noma akalungile kuye ngokuthi ukhethani