Intsha Iyabuza
Ingabe Ukuya Ocansini Kuyobuthuthukisa Ubuhlobo Bethu?
Sekuphele izinyanga ezimbili uHeather ethandana noMike, kodwa uzizwa sengathi sekuyisikhathi eside emazi. Babhalelana imiyalezo njalo, bachitha amahora bekhuluma ocingweni, futhi bacabanga ngendlela efanayo! Kodwa manje, njengoba behleli emotweni ebusuku, uMike ufuna okungaphezu nje kokuxoxa.
Kulezi zinyanga ezimbili ezidlule, uMike noHeather bebengakaze benze lutho ngaphandle kokubambana ngezandla nokuqabulana nje okuncane. UHeather akafuni ukwenza okungaphezu kwalokhu. Kodwa akafuni ukulahlekelwa uMike. Akekho omunye umuntu omenza azizwe emuhle futhi ekhetheke kangaka. Uyazitshela, ‘Mina noMike siyathandana, . . . akunjalo?’
CISHE uyabona ukuthi lesi simo siyoholelaphi. Kodwa kungenzeka awuqapheli ukuthi ucansi lungazishintsha kangakanani izinto phakathi kukaMike noHeather—lwenze isimo sibe sibi. Cabanga ngalokhu:
Uma ungawulaleli umthetho wemvelo, njengamandla adonsela phansi, ubhekana nemiphumela. Kunjalo nalapho wephula umthetho wokuziphatha, njengalowo othi: “Nidede ebufebeni.”a (1 Thesalonika 4:3) Iyini imiphumela yokungawulaleli lowo myalo? IBhayibheli lithi: “Ofebayo wona owakhe umzimba.” (1 Korinte 6:18) Kuyiqiniso kangakanani lokho? Ake ubhale ngezansi imiphumela emithathu eyingozi eyehlela abantu abaya ocansini bengakashadi.
1. ․․․․․
2. ․․․․․
3. ․․․․․
Ake ubheke lokho okubhalile. Ingabe uzihlanganisile izinto ezinjengezifo ezithathelwana ngobulili, ukukhulelwa okungafunwa, noma ukulahlekelwa umusa kaNkulunkulu? Ngokuqinisekile leyo imiphumela ebuhlungu engehlela noma ubani owephula umthetho kaNkulunkulu wokuziphatha mayelana nobufebe.
Noma kunjalo, ungase uzizwe ulingeka. Ungase uthi, ‘Akukho lutho oluyongehlela.’ Ingani wonke umuntu ulala nothile? Ontanga yakho esikoleni baqhosha ngokuthi balale nabantu abathile, futhi kubonakala sengathi akukho okubalimazayo. Mhlawumbe njengoHeather okukhulunywe ngaye esethulweni, unomuzwa wokuthi ukuya ocansini kuyonenza nisondelane nomuntu othandana naye. Ngaphandle kwalokho, ubani ofuna ukugconwa ngokuthi usemsulwa? Akungcono yini ukuvele uzinikele?
Yima kancane! Okokuqala, akubona bonke abantu abaya ocansini. Kuyiqiniso ukuthi ungase ufunde izibalo ezibonisa ukuthi inani elishaqisayo lentsha liya ocansini. Ngokwesibonelo, ucwaningo lwase-United States lwembula ukuthi lapho beqeda isikole, abasha ababili kwabathathu kulelo zwe basuke sebenomuntu abalala naye. Kodwa lokho kusho ukuthi oyedwa kwabathathu—okuyisibalo esikhulu—akalali namuntu. Manje kuthiwani-ke ngalabo abayayo ocansini? Abacwaningi bathole ukuthi intsha eningi enjalo ibhekana nomphumela obuhlungu owodwa noma ngaphezulu kwelandelayo.
Umphumela Obuhlungu #1: UKUCINDEZELEKA. Intsha eningi eye ocansini ingakashadi ithi yazisola kamuva.
Umphumela Obuhlungu #2: UKUNGATHEMBANI. Ngemva kokuya ocansini nothile, ngamunye uqala ukuzibuza, ‘Ubani omunye ake walala naye?’
Umphumela Obuhlungu #3: UKUNGATHEMBEKI. Ngemva kokulala nentombi, cishe umfana uzoyilahla adlulele kwenye.
Umphumela Obuhlungu #4: UKUDUMAZEKA. Ekujuleni kwenhliziyo, intombazane ibingathanda ukuba nothile ozoyivikela, hhayi ozoyixhaphaza.
Ngaphandle kwezinto ezibalwe ngenhla, cabangela lokhu: Abafana abaningi baye bathi ngeke balokothe bashade nentombazane abake balala nayo. Ngani? Ngoba bakhetha ukuthola othile omsulwa!
Ingabe lokho kuyakumangaza—mhlawumbe kukwenza uthukuthele ngisho nokuthukuthela? Uma kunjalo, kungakhathaliseki ukuthi uyintombazane noma ungumfana, khumbula lokhu: Ukulala nomuntu ningashadile kuhluke ngokuphelele kulokho okuboniswa emabhayisikobho nakumabonakude. Imboni yezokuzijabulisa idumisa intsha eya ocansini, ikwenze lokhu kubukeke njengothando lweqiniso. Kodwa ungakhohliswa! Labo abangase bazame ukukunxenxa ukuba ulale nomuntu ningashadile bamane nje baphishekela izifiso zabo. (1 Korinte 13:4, 5) Ingabe umuntu okuthanda ngempela ubengafaka inhlalakahle yakho engokomzimba nengokomzwelo engozini? (IzAga 5:3, 4) Ingabe umuntu okukhathalela ngempela ubengakuvivinya ukuba ulimaze ubuhlobo bakho noNkulunkulu?—Hebheru 13:4.
Iqiniso liwukuthi uma ulala nomuntu ningashadile, uyazilulaza ngokulahla okuthile okuyigugu. (Roma 1:24) Yingakho abaningi kangaka bezizwa bengento yalutho kamuva, njengokungathi babé budedengu ngokuvumela ukuba ingxenye yabo ethile eyigugu yebiwe! Ungakuvumeli ukuba lokho kwenzeke kuwe. Uma othile ezama ukukunxenxela ukuya ocansini ngokuthi, “Ukube ubungithanda, ubuzokwenza lokhu,” mphendule unganqikazi, uthi, “Ukube ubungithanda, ubungeke ukucele lokho!”
Umzimba wakho uyigugu kakhulu ukuba ungawulahla. Bonisa ukuthi unesibindi sokulalela umyalo kaNkulunkulu wokudeda ebufebeni. Khona-ke, uma kwenzeka ushada ngolunye usuku, uyokwazi ukuya ocansini. Futhi uyokujabulela ngokugcwele, ngaphandle kokukhathazeka, ukuzisola nokungabaza okuvame ukuba umphumela wokulala nomuntu ningashadile.—IzAga 7:22, 23; 1 Korinte 7:3.
Izihloko ezengeziwe zochungechunge oluthi “Intsha Iyabuza” zingatholakala engosini ye-Internet ethi www.watchtower.org/ype
[Umbhalo waphansi]
a Incazelo yeBhayibheli yelithi “ubufebe” ayihlanganisi nje ukuya ocansini kuphela kodwa nezinye izenzo phakathi kwabantu abangashadile, njengokuphulula izitho zangasese zomunye umuntu noma ubulili bomlomo noma bendunu. Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka incwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 2, amakhasi 42-47.
OKUDINGA UKUCATSHANGELWA
● Nakuba ukulala nomuntu ningashadile kungase kuhehe inyama engaphelele, kungani kungakulungele wena?
● Uyokwenzenjani uma othile ekucela ukuba ulale naye?
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 27]
LOKHO OKUSHIWO ONTANGA YAKHO
“Ukumane wenqabe akumenzi umuntu ayeke ukuzama futhi. Okubalulekile indlela owenqaba ngayo. Uma wenqaba ngomoya ophansi kodwa unqikaza, kuyoba sobala. Kufanele uqine!”
“Ukumane wenqabe akusebenzi ngaso sonke isikhathi. Ngisho nokuchaza izinkolelo zakho kungase kungasebenzi. Kunabanye engibaziyo abaqhosha ngokuthi bakwazile ‘ukuwisa’ umKristu. Ngezinye izikhathi kufanele nje usuke. Kunzima ukukwenza, kodwa kuyasebenza.”
“NjengomKristu, unezimfanelo eziyokwenza ukhange kwabanye. Ngakho kufanele uphaphame futhi wenqabe uma ucelwa ukuba wenze okuthile okuwukuziphatha okubi. Hlonipha lezo zimfanelo. Ungayekeleli!”
[Izithombe]
UDiana
UJames
UJoshua
[Ibhokisi ekhasini 28]
YIBA IQHAWE LAYO!
Uma uthandana nentombi, ingabe uyayikhathalela ngempela? Uma kunjalo, ibonise ukuthi . . .
● unamandla okulalela imithetho kaNkulunkulu
● unokuhlakanipha kokugwema izimo ezivivinyayo
● unothando lokunakekela izifiso zayo
Uma wenza kanjalo, cishe imizwa yentombi yakho iyofana neyomShulamiti, owathi: “Isithandwa sami singesami nami ngingowaso.” (IsiHlabelelo SeziHlabelelo 2:16) Ngamafuphi, yiba iqhawe layo!
Bheka izAga 22:3; 1 Korinte 6:18; 13:4-8.
[Ibhokisi ekhasini 28]
UKUSIKISELA
Uma kuziwa endleleni oziphatha ngayo kwabobulili obuhlukile, isimiso esihle ongasilandela yilesi: Uma kungokuthile ongeke uthande ukuba abazali bakho bazi ukuthi uyakwenza, musa ukukwenza.
[Isithombe ekhasini 28]
Ukulala nomuntu ningashadile kuwukusisebenzisa kabi isipho sikaNkulunkulu. Kunjengokuthatha umdwebo omuhle owuphiwe othile bese uwusebenzisa njengomata