Ukubukeza Komkhaya
Ubani Owayenza Lo Msebenzi?
Ibaphi abaholi ababili bakwa-Israyeli wasendulo ababengabelusi? Bhala izimpendulo zakho emigqeni engezansi.
1. UMKHONDO: Funda u-Eksodusi 3:1.
․․․․․
2. UMKHONDO: Funda eyoku-1 Samuweli 17:34-36.
․․․․․
ENINGAXOXA NGAKHO:
Iziphi izimfanelo ezinhle okwakufanele umalusi omuhle abe nazo? Kungani uJesu ezifanisa nomalusi futhi abafundi bakhe ebafanisa nezimvu?
UMKHONDO: Funda uJohane 10:11-16.
YINI OYAZIYO NGENKOSI U-ASA?
3. Yini u-Asa ayenza kuqala lapho eba inkosi?
UMKHONDO: Funda eyesi-2 IziKronike 14:2-5.
․․․․․
4. Ibutho lamadoda ayisigidi elalizolwa no-Asa lalivela kuliphi izwe?
UMKHONDO: Funda eyesi-2 IziKronike 14:9, 10.
․․․․․
ENINGAXOXA NGAKHO:
U-Asa wasabela kanjani lapho elulekwa uHanani?
UMKHONDO: Funda eyesi-2 IziKronike 16:7-10.
Ingabe kwakulungile ukuba u-Asa asabele ngaleyo ndlela? Kufanele usabele kanjani lapho welulekwa, futhi ngani?
IZINGANE ZIFUNA IZITHOMBE
Ungakwazi yini ukuthola lezi zithombe kulo magazini? Ngamazwi akho, chaza ukuthi kwenzekani esithombeni ngasinye.
IMIBUZO ESEKELWE KULO MAGAZINI
Phendula le mibuzo, bese ubhala ivesi noma amavesi eBhayibheli afunekayo.
IKHASI 20 Izwe lonke lisemandleni kabani? 1 Johane 5:․․․
IKHASI 21 Yini uthando olungayenzi? Roma 13:․․․
IKHASI 26 Yini okufanele sidede kuyo? 1 Thesalonika 4:․․․
IKHASI 26 Umuntu ofebayo wona ini? 1 Korinte 6:․․․
● Izimpendulo zisekhasini 22
IZIMPENDULO ZEMIBUZO ESEKHASINI 31
1. UMose.
2. UDavide.
3. Waqeda ukukhulekela kwamanga.
4. ETopiya.