Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 5/10 k. 4
  • Zimisele

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Zimisele
  • I-Phaphama!—2010
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Uyini Umbono KaNkulunkulu Ngokubhema?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
  • Ugwayi—Ingabe Uyawenqaba?
    I-Phaphama!—1996
  • Inkinga Yomhlaba Wonke
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
  • Ukubhema—Umbono WamaKristu
    I-Phaphama!—1989
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2010
g 5/10 k. 4

Zimisele

“Ukuzimisela okukhulu kuyisisusa esibaluleke kunazo zonke abantu abayeka ukubhema ababa naso.”—Incwadi ethi “Stop Smoking Now!”

NGAMAFUPHI nje, uma ufuna ukuyeka ukubhema, okungenani kufanele ube nesizathu esikhulu sokwenza kanjalo. Ungazimisela kanjani? Okokuqala, ake ucabangele indlela okuyokusiza ngayo ukuyeka ukubhema.

Uyokonga imali. Umkhuba wokubhema iphakethe elilodwa nje ngosuku ungabiza amashumi ezinkulungwane zamaRandi ngonyaka. “Ngangingaboni ukuthi iningi kangakanani imali engiyichitha ngogwayi.”—UGyanu waseNepal.

Kufanele uthole injabulo eyengeziwe ekuphileni. “Ukuphila kwami kwaqala lapho ngiyeka ukubhema, futhi kwaya ngokuya kuba ngcono kakhulu.” (URegina waseNingizimu Afrika) Lapho abantu beyeka ukubhema, ikhono labo lokunambitha nelokuhogela lithuthuka ngokumangalisayo, futhi ngokuvamile baba namandla engeziwe nendlela ababukeka ngayo ithuthuke.

Impilo yakho ingase ithuthuke. “Ukuyeka ukubhema kunezinzuzo zempilo ezinkulu nezisheshayo kwabesilisa nabesifazane babo bonke ubudala.”—I-U.S. Centers for Disease Control and Prevention.

Ukuzethemba kwakho kuyothuthuka. “Ngayeka ukubhema ngoba ngangingafuni ukubuswa ugwayi. Ngangifuna ukuwubusa mina owami umzimba.”—UHenning waseDenmark.

Umndeni nabangane bakho bayozuza. ‘Ukubhema kulimaza impilo yalabo abaseduze kwakho. Ucwaningo lubonise ukuthi ukuhogela intuthu kagwayi kubulala abantu unyaka ngamunye ngenxa yomdlavuza wamaphaphu nesifo senhliziyo.’—I-American Cancer Society.

Uyojabulisa uMdali wakho. “Bathandekayo, masizihlanze kukho konke ukungcola kwenyama.” (2 Korinte 7:1) ‘Nikelani imizimba yenu ingumhlatshelo ophilayo, ongcwele owamukelekayo kuNkulunkulu.’—Roma 12:1.

“Lapho sengiqonda ukuthi uNkulunkulu akazifuni izinto ezingcolisa umzimba, nganquma ukuyeka ukubhema.”—USylvia waseSpain.

Nokho, ngokuvamile ukuba nesizathu nje kuphela akwanele. Kungase kudingeke nokuba sithole usizo lwabanye, kuhlanganise umndeni nabangane. Yini abangayenza?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela