Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 7/10 k. 30
  • Iso Lebhu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Iso Lebhu
  • I-Phaphama!—2010
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Lapho Uthando Lungaboni
    I-Phaphama!—2000
  • Ibhu Elihle
    I-Phaphama!—2001
  • INGABE KWAKLANYWA?
    I-Phaphama!—2015
  • Uhlu Lokuphakathi
    I-Phaphama!—2001
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2010
g 7/10 k. 30

Ingabe Laklanywa?

Iso Lebhu

● Amabhu amaningi andiza kakhulu ebusuku. Nakuba izilwane eziningi ezihamba ebusuku zibonakala lapho ukukhanya kuhlaba amehlo azo, ibhu linendlela elizifihla ngayo—i-cornea yalo ayikubambi ukukhanya.

Cabanga ngalokhu: Iso lebhu line-cornea engavamile—yakhiwa amaqoqo amaningi amaqhuqhuvana amancane anezinhlangothi ezingu-8. La maqhuqhuvana “mancane kunemisebe yokukhanya ebonakalayo,” kusho uPeng Jiang, oyisekela likaprofesa wobunjiniyela bamakhemikhali e-University of Florida, e-U.S.A. Ukuma kwala maqhuqhuvana nobukhulu bawo kwenza iso lebhu likwazi ukubamba ukukhanya okuvela ezinhlangothini ezihlukahlukene. Ukuphakama kwala maqhuqhuvana kungama-nanometer angu-200 kuya kwangu-300 kuphela. Uma siqhathanisa, ubukhulu bonwele lomuntu bucishe bube ama-nanometer angu-80 000!

Onjiniyela banethemba lokuthi ukuyiqonda kangcono i-cornea yebhu kuyobasiza bathuthukise indlela abaklama ngayo ama-light-emitting diode (ama-LED) kanye nama-liquid crystal display (ama-LCD) avame ukusetshenziswa ezintweni ezisebenza ngogesi. Indlela iso lebhu eliklanywe ngayo ingase isetshenziswe nakugesi okhiqizwa ngemisebe yelanga. Izibuko ze-silicon ezidonsa imisebe yelanga zibuyisela emuva ukukhanya okungaba amaphesenti angu-35—okuwukulahleka kwamandla abengase asetshenziselwe okuthile. Kodwa, ngokulingisa amaqhuqhuvana eso lebhu ahlelwe kahle, uJiang nethimba lakhe bakha ucwecwe lwe-silicon olubuyisela emuva amandla okukhanya angaphansi kwamaphesenti amathathu. UJiang uphetha ngokuthi, “Singafunda okuningi ezintweni zemvelo.”

Ucabangani? Ingabe iso elincane lebhu elibamba amandla okukhanya lavela ngengozi? Noma ingabe laklanywa?

[Isithombe ekhasini 30]

Iso lebhu line-“cornea” eyakhiwa amaqoqo amaningi amaqhuqhuvana amancane anezinhlangothi ezingu-8

[Izithombe ekhasini 30]

Ucwecwe lwe-“silicon” olubamba amandla elanga okwenziwa ngalo izibuko ezibamba amandla okukhanya

[Imithombo Yesithombe ekhasini 30]

Moth eye close-up: Courtesy of Dartmouth Electron Microscope Facility; silicon close-up: Courtesy Peng Jiang

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela