Umbono WeBhayibheli
Ingabe Abesifazane Kufanele Babe Yizikhonzi?
“KUYANGIMANGAZA futhi kuyangithukuthelisa ukuthi akukho okushintshile uma kuziwa endabeni yokugcotshwa kwabesifazane,” kubhala owesifazane othile ongumKatolika ephephandabeni i-USA Today. Abantu abaningi bazizwa njengaye. Phela, kwezinye izinkolo kunabesifazane abayizikhonzi, abapristi, ababhishobhi norabi.
Izinkolo ezihilelekile kule mpikiswano—lezo ezenqabayo ukuba abesifazane babe yizikhonzi nalezo ezibavumelayo ukuba bashumayele epulpiti—zithi zilandela imiBhalo. Kodwa awukho kule mibono osekelwa yiBhayibheli. Ngani? Ukuze siphendule, kumelwe siqale sicabangele indlela iBhayibheli elilisebenzisa ngayo igama elithi “isikhonzi.”
Izikhonzi Zangekhulu Lokuqala
Wena uliqonda kanjani igama elithi “isikhonzi”? Abaningi cishe bangacabanga ngomholi wenkolo owengamela ibandla ekukhulekeleni, kungakhathaliseki ukuthi ungowesilisa noma owesifazane. Kodwa iBhayibheli lisebenzisa leli gama ngomqondo obanzi. Cabangela owesifazane ongumKristu okuthiwa uFibhi, umphostoli uPawulu amethula ngokuthi “udadewethu, oyisikhonzi sebandla eliseKenikreya.”—Roma 16:1.
Ingabe ngeso lengqondo uFibhi umbona emi phambi kwebandla laseKenikreya, engamele inkonzo engokwenkolo? Empeleni, iyiphi inkonzo eyayenziwa uFibhi? Encwadini ayibhalela abaseFilipi, uPawulu uthi abesifazane abathile “basebenza kanye nami . . . ekusakazeni izindaba ezinhle.”—Omalukeke sizenzele; Filipi 4:2, 3, Contemporary English Version.
Indlela eyinhloko amaKristu ekhulu lokuqala ayeshumayela ngayo izindaba ezinhle yayiwukushumayela “obala nasendlini ngendlu.” (IzEnzo 20:20) Labo ababenza lo msebenzi babeyizikhonzi. Lokhu kwakuhlanganisa nabesifazane abanjengoPrisila. Yena nomyeni wakhe ‘abachaza indlela kaNkulunkulu ngokuqonde ngokwengeziwe’ endodeni eyayesaba uNkulunkulu kodwa eyayingakabhapathizwa njengomKristu. (IzEnzo 18:25, 26) NjengoFibhi, kusobala ukuthi uPrisila wayeyisikhonzi esiphumelelayo njengabanye besifazane abaningi.
Indima Ehloniphekile
Ingabe inkonzo yasobala yayiyisabelo esiwubala, okwakufanele senziwe abesifazane kuyilapho amadoda enza umsebenzi obalulekile wokwengamela ibandla? Akunjalo neze ngenxa yezizathu ezimbili. Esokuqala, iBhayibheli liyakucacisa ukuthi wonke amaKristu—kuhlanganise namadoda anemithwalo emikhulu ebandleni—kwakufanele ahlanganyele enkonzweni yasobala. (Luka 9:1, 2) Esesibili, inkonzo yasobala yayiyindlela eyinhloko abesilisa nabesifazane abangamaKristu ababelalela ngayo umyalo kaJesu wokuba ‘benze abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, babafundise,’ futhi isenjalo nanamuhla.—Mathewu 28:19, 20.
Kunenye indima ebalulekile eyayifezwa abesifazane abathile ebandleni. UPawulu wabhala: ‘Abesifazane asebekhulile babe abafundisi bokuhle; ukuze basangulukise abesifazane abasebasha ukuba bathande abayeni babo, bathande nabantwana babo.’ (Thithu 2:3, 4) Ngakho, abesifazane abavuthiwe abangomakadebona ekuphileni njengamaKristu banelungelo lokusiza abesifazane abasebasha nabangenakho okuhlangenwe nakho ukuba bafinyelele ukuvuthwa. Nalokho kuyindima ehloniphekile nenohlonze.
Ukufundisa Ebandleni
Nokho, akukho ndawo eBhayibhelini lapho abesifazane betshelwa khona ukuba bame phambi kwebandla bafundise. Kunalokho, umphostoli uPawulu wabayala ukuba ‘bathule emabandleni.’ Ngani? Wabhala ukuthi esinye isizathu siwukuba izinto zenziwe “ngokufaneleyo nangohlelo.” (1 Korinte 14:34, 40) Ukuze ibandla lisebenze kahle, uNkulunkulu wabele iqembu elilodwa vó indima yokufundisa. Kodwa phawula ukuthi umuntu akanikwa ilungelo lokwengamela ebandleni ngoba nje eyindoda; linikezwa amadoda afanelekayo kuphela.a—1 Thimothewu 3:1-7; Thithu 1:5-9.
Ingabe indima uNkulunkulu ayabele abesifazane iyabehlisa? Cha. Khumbula ukuthi uJehova uNkulunkulu ubanikeze ubizo olubaluleke ngempela—lokunikeza ubufakazi basobala ngaye. (IHubo 68:11) Phakathi koFakazi BakaJehova, amadoda nabesifazane abayizikhonzi zasobala baye basiza izigidi ukuba ziphenduke futhi zithole insindiso. (IzEnzo 2:21; 2 Petru 3:9) Lokho akuyona into encane!
Leli lungiselelo elithinta amadoda nabesifazane likhuthaza ukuthula kuyilapho libonisa inhlonipho ngabo. Ngokwesibonelo: Amehlo nezindlebe kuyasebenzelana ukuze umuntu akwazi ukuwela umgwaqo omatasa. Ngokufanayo, uma amadoda nabesifazane befeza intando kaNkulunkulu ngokuvumelana nendima ngamunye ayabelwe, uNkulunkulu ubusisa ibandla ngokuthula.—1 Korinte 14:33; Filipi 4:9.b
[Imibhalo yaphansi]
a Phawula futhi ukuthi indima yendoda ebandleni ilinganiselwe. Ingaphansi kukaKristu futhi kumelwe iziphathe ngokuvumelana nezimiso zeBhayibheli. (1 Korinte 11:3) Labo abanemithwalo yemfanelo ebandleni kumelwe futhi ‘bathobelane,’ babonise umoya wokuthobeka nokubambisana.—Efesu 5:21.
b Ngokuhlonipha indima uNkulunkulu ayinike amadoda ebandleni, abesifazane abangamaKristu nabo baba yizibonelo zezingelosi ezulwini.—1 Korinte 11:10.
INGABE WAKE WAZIBUZA?
● Abesifazane babefundisa kanjani ebandleni lokuqala lobuKristu? —IzEnzo 18:26.
● Obani abamiswe ukuba bengamele ibandla?—1 Thimothewu 3:1, 2.
● UNkulunkulu uyibheka kanjani inkonzo yabesifazane abangamaKristu namuhla?—IHubo 68:11.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 29]
“UJehova ngokwakhe unika izwi; abesifazane abalandisa izindaba ezinhle bayibutho elikhulu.”—IHUBO 68:11