Ngilangazelela Ukubatshela Ukuthi, “Sikhona Sonke!”
Njengoba ilandiswa ngu-Abigail Austin
Ngangineminyaka engu-9 ubudala. Kwakuwusuku oluhle ngo-April ngo-1995, futhi ebandleni lakithi loFakazi BakaJehova sanquma ukuhamba njengeqembu siyochitha lolo suku emaphandleni. Sahamba ngezimoto ezihlukahlukene. Mina, udadewethu omdala uSarah nomngane wethu uDeborah sasihamba nobaba nomama. Kungazelelwe, kwaqhamuka imoto eyayindiza iza ngqo kithi ngasohlangothini olungafanele lomgwaqo, yangena kithi. Kwasinda mina kuphela.
NGAVUKA esibhedlela ngemva kwamasonto amabili. Ugebhezi lwami lwaluphukile, ngakho odokotela babefake izingcwecwe ezimbalwa ukuze baluhlanganise. Nokho, ngalulama ngokushesha. Ekugcineni izihlobo zami zangitshela okwakwenzekile, kodwa angizange ngikholwe. Ngangilokhu ngicabanga ukuthi mhlawumbe angibabonanga abazali bami nodadewethu ngesikhathi bengivakashele ngoba bengilele. Kwaze kwaba ngemva kokubuyela ekhaya lapho ngaqaphela khona ukuthi ezazikusho kwakuyiqiniso. Ngakhungatheka.
Yini eyangisiza ukuba ngibhekane nale nhlekelele embi kangaka?
Isizinda Sami Esingokomoya
Ngangiwuthumbu ezinganeni ezinhlanu. Ngesikhathi kwenzeka ingozi, uSarah wayeneminyaka engu-22, uShane enengu-20, uJessica engu-17 kanti uLuke wayeneminyaka engu-15. Sasinabazali abahle abakhathalelayo. Ubaba uSteve wayengumdala eBandleni LaseWest Yorkshire LoFakazi BakaJehova eShipley futhi bonke abantu babemthanda ngenxa yokuthi wayezinika isikhathi sokulalela abanye futhi abasize. Umama uCarol naye wayethandwa kakhulu, ngoba wayenakekela asebekhulile ebandleni njengokungathi uyindodakazi yabo. Wayesihlelela imicimbi njengentsha futhi esisiza ukuba sibe nabangane abahle. Wonke umuntu wayemukelwa ekhaya. Abazali bethu basifundisa ukuba sibe nomusa futhi sibacabangele nomakhelwane.
Njalo ngoLwesithathu kusihlwa sasifunda iBhayibheli ndawonye njengomkhaya. Ngezinye izikhathi sasidlala amadrama, sigqoke njengabalingiswa baseBhayibhelini. Umama nobaba basisiza kusukela sisebancane ukuba silungiselele imihlangano yethu yebandla futhi sethule isigijimi seBhayibheli kubantu emizini yabo. Nakuba umkhulu umsebenzi ababenawo wokunakekela izingane ezinhlanu, abazali bethu babechitha isikhathi nathi futhi besisiza ukuba siqine ngokomoya.
Lapho uSarah, uShane noJessica beqeda esikoleni, baba amaphayona, abashumayeli besikhathi esigcwele abangamaKristu, kanjalo nomngane wethu uDeborah. Mina noSarah sasisondelene kakhulu. Wayenjengomama wesibili kimi, futhi lapho izikole zivaliwe, sasichitha isikhathi ndawonye sisiza abanye ukuba bafunde iBhayibheli. Ngangizithanda lezo zinsuku. Ngangibona indlela ayejabule ngayo wonke amaphayona, futhi ngangikujabulela ukuba nawo. Umgomo wami wawuwukuba ngiphayone noSarah lapho ngiqeda esikoleni.
Ngesikhathi samaholidi, umkhaya wakithi neminye ebandleni yayivame ukuchitha isikhathi ndawonye. Abasha nabadala babengabangane futhi bethandana. Ngangingazi ukuthi laba bangane abakhulu babeyoba usizo nenduduzo kangakanani kimi ezinsukwini ezazizolandela!
Ngemva Kwengozi
Lapho ngiphuma esibhedlela, ngabuyela ekhaya. UShane noJessica bazikhandla ukuze basondle futhi basinakekele sonke, bebamba amatoho kuyilapho behlanganyela enkonzweni yesikhathi esigcwele.
Abanye oFakazi abaningi ebandleni lakithi nabo basisiza. Kuningi kabi abasenzela khona! Babesipha ukudla, besihlanzela, besithengela futhi besiwashela izingubo, kwaze kwaba yilapho sesikwazi ukuzinakekela. Sasikwazisa kakhulu lokho. Kwafika izipho eziningi namakhadi enduduzo evela koFakazi kuyo yonke indawo, okwembula uthando olujulile olukhona enhlanganweni kaJehova.
Cishe ngemva konyaka, abafowethu nodadewethu babona ukuthi ngangidinga ukuphila komkhaya ozinzile. Imikhaya ethile enomusa ebandleni yayizimisele ukusiza, ngakho umkhaya wakithi wahlala phansi futhi wacabangela lokho umama nobaba ababeyokubona kungilungele mina nekusasa lami elingokomoya. Kunomkhaya owodwa owavelela kulesi simo. UBilly ongumdala, nomkakhe uDawn, babengabangane abakhulu bomkhaya wakithi futhi babenendodakazi eneminyaka emihlanu, uLois. Bangamukela emzini wabo futhi kusukela ngaleso sikhathi baye banginakekela ngothando njengokungathi ngiyindodakazi yabo. Nakuba kwadingeka ukuba uLois ahlanganyele abazali bakhe kanye nami, akakaze abe nesikhwele, futhi namuhla sisondelene njengokungathi udadewethu engizalwa naye.
Indlela Engabhekana Ngayo Nale Nhlekelele
Ekuqaleni, ngangizibuza ukuthi kungani umkhaya wakithi wawehlelwe yile nhlekelele, ikakhulukazi ngenxa yokuthi abazali bami, uSarah kanye noDeborah, babebonise uthando olungaka ngoJehova nangabanye abantu. Kodwa-ke ngakhumbula ukulandisa kweBhayibheli ngoJobe, owalondoloza ukholo lwakhe kuNkulunkulu nakuba alahlekelwa yizingane zakhe. (Jobe 1:19, 22) Ngacabanga, ‘Yebo, nguSathane owaletha ukuhlupheka nokufa ezweni, futhi angajabula uma le nhlekelele ingasenza siyeke ukukhonza uNkulunkulu.’ (Genesise 3:1-6; IsAmbulo 12:9) Ngakhumbula nokuthi ngenxa yothando lwakhe, uJehova usinike ithemba elimangalisayo lovuko. (Johane 5:28, 29) Siyophinde siwubone umkhaya wakithi noDeborah emhlabeni oyipharadesi! Empeleni, uthando lwami ngoJehova lwaqina.
Uma ngihlangana nabantu abaye babhekana nezinhlekelele, ngidabuka kakhulu uma bengakaze basizwe isithembiso seBhayibheli esiyigugu sovuko. Lokhu kungenza ngifune ukubatshela ngethemba esinalo, ngoba ngiyaqiniseka ukuthi nguJehova nenhlangano yakhe kuphela abasisize ukuba sibhekane nale nkathi elusizi kangaka, sazi ukuthi kunethemba eliqhakazile ngaphambili.
Kungenzeka esiye sabhekana nakho kuye kwasiza nangenye indlela, ngoba kwenza abanye abazali bazibuze ukuthi, ‘Ingabe sizibekele isisekelo esingokomoya esiqinile yini izingane zethu ukuze kuthi noma kwenzeka okuthile kithi, zikwazi ukuqhubeka zikhonza uJehova ngaphandle kwethu?’
Ngiye ngazama ukuphila ukuphila kwami njengokungathi umama nobaba basekhona. Ngiyazi ukuthi bebengafuna ukuba ngizikhandle ekusizeni abanye, njengoba nje nabo babenza. Bengilokhu ngiphayona kusukela ngaqeda esikoleni, kanti noLois useyiphayona kanye nami. Abafowethu nodadewethu sebeshadile futhi bakhonza uJehova ngenjabulo emabandleni abakuwo.
Ngibheke phambili ezweni elisha likaNkulunkulu nasovukweni! Ngaleso sikhathi, ubuhlungu noma ukufa kuyobe kungasekho. (IsAmbulo 21:3, 4) Ukwazi ukuthi siyophinde sibonane kuyangiqinisa. Ngibheke phambili ekwangeni umama, ubaba, uSarah noDeborah bese ngibatshela ukuthi, “Sikhona sonke!”
[Isithombe ekhasini 23]
U-Abigail (ongowesibili kusuka kwesokunxele) nomkhaya akhulele kuwo namuhla