Iponi LaseShetland Elilungile Kodwa Elinamandla
● Uma wake waya embukisweni wezinto zasemaphandleni, kungenzeka walibona noma waze waligibela iponi laseShetland. Njengoba igama lawo libonisa, la maponi avela eziQhingini zaseShetland enyakatho-mpumalanga yeScotland. Empeleni, abavubukuli abasebenza kuleyo ndawo baye bathola amathambo amaponi amancane asenezinkulungwane zeminyaka.
Amaponi aseShetland abonakala kalula ngemilenze yawo emifushane, umhlwenga nomsila omude kanye noboya obukhulu obuyisivikelo emakhazeni endaweni adabuka kuyo. La maponi ngokuvamile angamasentimitha angu-70 kuya kwangu-107 ukuphakama emahlombe futhi avame ukuba nombala omnyama noma onsundu. Ngokungafani namanye amahhashi, la maponi alinganiswa ngamasentimitha hhayi ngesandla, esingamasentimitha ayishumi ngokwesilinganiso. Isilinganiso esivamile sokuphakama kwaleli poni singamasentimitha angu-107, kodwa elaseMelika lingafinyelela emasentimitheni angu-117.
Nakuba enesiqu esincane, amaponi aseShetland anamandla. Empeleni, uma ubheka ubungako bawo, yiwo anamandla kakhulu kunazo zonke izinhlobo zamahhashi. Ngenxa yalokho, esikhathini esidlule amaponi ayesetshenziselwa ukulima nokusebenza ezimayini zamalahle, ezazinemihubhe okwakuhamba izilwane ezincane kuphela kuyo. Yebo, amaningi ayechitha konke ukuphila kwawo ezimayini, engaphumeli nhlobo ngaphandle.
Uma eqeqeshwe kahle, la maponi aseShetland alungile futhi amnene, okuwenza abalungele kahle abantwana. Ubumnene bawo kungenzeka yibo obuyimbangela yemiphumela emihle etholakale lapho la maponi esetshenziswa ezinhlelweni zokwelapha abakhubazekile.
Ngenxa yezimfanelo zawo ezinhle nekhono lokuzivumelanisa nezimo ezihlukahlukene, amaponi aseShetland athunyelwa ezingxenyeni ezihlukahlukene zomhlaba futhi manje sekunezinhlangano eziningi nemibhalo egciniwe yokuzalaniswa kwawo. Kodwa igama lalesi silwane lisasihlobanisa nekhaya laso eliyisiqhingi, lapho kusatholakala khona la maponi aseShetland aphile kahle nangaxubile.
[Isithombe ekhasini 24]
Uma ubheka ubungako bawo, amaponi aseShetland anamandla kakhulu kunazo zonke izinhlobo zamahhashi
[Umthombo Wesithombe ekhasini 24]
© S Sailer/A Sailer/age fotostock