Ngangenela Umncintiswano Ongcono Kunayo Yonke Ekuphileni Kwami
Njengoba ilandiswa nguKarl-Erik Bergman
Ukusubatha ngejubane kwakungijabulisa kakhulu. Nganginekhono lemvelo, ngakho ukugijima kwaba into eza kuqala ekuphileni kwami.
NGO-1972, lapho sengineminyaka engu-17, ngajoyina iqembu labasubathi. Ngokushesha ngaqaphela ukuthi kukhulu okwakusafanele ngikwenze ukuze ngibe umsubathi ophambili. Ikhono lemvelo alanele ukuze ube umsubathi ongumpetha. Kodwa ngangizimisele ukusebenza ngokuzikhandla.
Lapho sengineminyaka engu-22, ngabizelwa eqenjini lesizwe laseFinland. Ngonyaka olandelayo ngaba umsubathi ophambili kulo lonke elaseFinland emncintiswaneni wamamitha ayikhulu. Kodwa-ke, ukulimala umsipha weqakala kwangithiya ekufinyeleleni umgomo wami. Noma kunjalo, uthando lwami lokugijima lwalunamandla kangangokuba ngaqala ukuba umqeqeshi wabasubathi abafufusayo. Ngo-1982, ngahlela ukuthuthela eCalifornia e-United States ngiyofunda eyunivesithi, futhi ngaphansi kwalezo zimo ezinhle, ngangizokwazi ukuphishekela umsebenzi kwezemidlalo. Ngathenga ngisho nethikithi.
Okwashintsha Ukuphila Kwami
Ngolunye usuku kusihlwa ngaphambi nje kohambo lwami lokuya eCalifornia, kwangqongqoza othile emnyango. Ngathi uma ngivula ngathola abesifazane ababili abangoFakazi BakaJehova. Babenesizotha nenhlonipho, izimfanelo ezithandekayo kumuntu ongumsubathi. Ngabamukela, futhi sahlala phansi saxoxa. Ngemva kwengxoxo emnandi, bangishiyela incwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni.a Ngaqala ukuyifunda. Lapho sengiphakathi nayo, ngaqaphela ukuthi yayikhuluma iqiniso. Laba besifazane babuya, futhi ngababuza ukuthi ngingenzenjani ukuze ngibe omunye woFakazi BakaJehova. Bangitshela ukuthi kwakuzodingeka ngiqhutshelwe isifundo seBhayibheli.
Angizange nje ngamukele isifundo seBhayibheli kuphela kodwa ngaqala nokuya emihlanganweni noFakazi eHholo LoMbuso laseVantaa, lapho ngangihlala khona. Ngathola ukuthi okwakufundiswa kwakusekelwe eBhayibhelini. Empeleni, amaqiniso eBhayibheli engangiwafunda kancane kancance aqala ukushintsha imibono yami ngalokho okwakubaluleke ngempela ekuphileni kwami. Ngakho ngaya lapho kuthengiswa khona amathikithi endiza ngabuyisela ithikithi lami. Ngathatha ingxenye yale mali ngathenga isudi engangizoyigqoka emihlanganweni kanye nesikhwama sokuphatha iBhayibheli nezincwadi zeBhayibheli. Ngabhapathizwa njengomunye woFakazi BakaJehova emhlanganweni wesigodi owawuseHelsinki ngo-1983.
Abanye Abasubathi Bazibandakanya Nami
Njengoba ngangifunda amaqiniso eBhayibheli, ngatshela abangane ngawo ngomdlandla. Bamane bamangala. Empeleni, kwaqala amahlebezi okuthi sengisangene. Abangane bami baqala ukungigwema ngamunye ngamunye. Ngemva kokubhapathizwa, ngangihlangana nabanye abasubathi enkundleni yokugijima, ngoba ngangizivocavoca njalo ukuze ngihlale ngiwumqemane. Izingxoxo zethu zabasiza ukuba babone ukuthi nakuba ngase ngishintshile, ngangingasangene.
Ngokuhamba kwesikhathi, abasubathi abaningi baqala ukubona ukuthi engangikusho kwakunengqondo futhi kukufanelekele ukucatshangelwa. Baphawula nokuthi ngangingasayisebenzisi inhlamba, ngingasenalo nolaka. Abambalwa babezimisele ukufunda okwengeziwe ngeBhayibheli. Ngangikujabulela ukubonisa abanye ukuthi iBhayibheli lifanisa ukuphila komKristu nomncintiswano. Sisemncintiswaneni wokuzuza umklomelo wokuphila okuphakade.—2 Thimothewu 2:5; 4:7, 8.
Iqiniso liwukuthi injongo yangempela nenjabulo ekuphileni akuxhomekile ekunqobeni imincintiswano yokusubatha, kodwa ekwenzeni lokho okuthokozisa uMdali wethu. Izingxoxo engangiba nazo nabanye abasubathi zenza ukuba abanye bahlaziye imigomo yabo, futhi idlanzana lawamukela amaqiniso eBhayibheli ayeshintshe ukuphila kwami. Ngenjabulo, iningana labo liye lakhonza uNkulunkulu ngentshiseko efana nelaliyibonisa ekusubatheni.
Omunye wabo kwakunguYvonne, umsubathi onekhono wamamitha angu-800. Wayengumsubathi wesifazane ophambili kunabo bonke emazweni aseScandinavia kuleli banga, futhi wayethwele isicoco sikazwelonke eFinland. Wayelimelela kahle elaseFinland emincintiswaneni yabasubathi baseYurophu. Ngenxa yezingxoxo zethu, uYvonne waqala ukubona ukuthi kuyize kangakanani ukuphishekela udumo ezweni lanamuhla. Njengoba iBhayibheli lifundisa, wafunda ukuthi leli zwe liyadlula, futhi esikhundleni salo kuzofika elisha elenziwe uNkulunkulu.—1 Johane 2:17.
Ngokushesha uYvonne wavuma ukuqhutshelwa isifundo seBhayibheli. Ngaleso sikhathi, wayethandana noJouko, owayeyilungu elinekhono leqembu labasubathi laseFinland. Empeleni, uJouko wayeke wamelela elaseFinland emincintiswaneni yokusubatha yaseYurophu neyomhlaba wonke. Ngokuhamba kwesikhathi, uYvonne noJouko bathuthela e-United States ukuze baqhubeke nomsebenzi wabo wokusubatha.
Ngesikhathi belapho, uYvonne waqhubeka nesifundo seBhayibheli, futhi noJouko wahlanganyela kuso. Lokhu wayekwenza ngoba efuna ukuthola amaphutha ukuze asize uYvonne asanguluke. Kodwa kancane kancane, amaqiniso eBhayibheli aqala ukuzika enhliziyweni kaJouko. UYvonne noJouko bashada futhi kamuva banikezela ukuphila kwabo kuNkulunkulu, bakubonakalisa ngokubhapathizwa emanzini. Namuhla bobabili bangamaphayona, izikhonzi zesikhathi esigcwele ezingoFakazi BakaJehova.
Ngakwazi futhi ukuqala isifundo seBhayibheli noBarbro, owayengumpetha wabesifazane ebangeni lamamitha angu-400 eFinland. Wayesanda kumelela elaseFinland emincintiswaneni yokusubatha yaseYurophu. UBarbro nomyeni wakhe uJarmo, owayengumdlali we-pole vault, babe sebethuthela eSweden. Lapho, uBarbro waqhubeka nesifundo sakhe seBhayibheli, futhi noJarmo wahlanganyela kuso. Bobabili babefuna injongo ekuphileni, futhi ngemva kokufunda amaqiniso eBhayibheli, babhapathizwa eSweden. Ngokuhamba kwesikhathi, uJarmo waba udokotela wokuvocavoca umzimba, futhi bobabili bebelokhu beshiseka enkonzweni kusukela ngaleso sikhathi. UJarmo ungumdala ebandleni lobuKristu.
Kwakukhona noHeidi, naye owayengumsubathi onekhono, owayesanda kweva nje eminyakeni eyishumi nambili. Njengomqeqeshi wakhe, ngaqaphela ukuthi wayezithanda izinto ezingokomoya. Ngakho ngolunye usuku ngaxoxa naye ngezimfundiso zeBhayibheli ngokuphathelene noMbuso kaNkulunkulu nezibusiso ozoziletha emhlabeni. Ngabuza, “Ingabe ucabanga ukuthi singazithola lezi zibusiso?”—IHubo 37:11, 29; Mathewu 6:9, 10.
Waphendula: “Yebo.” Wayefuna ukutadisha iBhayibheli. Ngakho ngahlela ukuba udade ongumKristu afunde naye. Ngemva kweminyaka embalwa, uHeidi naye wabonakalisa ukuzinikezela kwakhe kuNkulunkulu ngokubhapathizwa emanzini. Ngokuhamba kwesikhathi, wakhula waba intokazi enhle, ethanda izinto ezingokomoya futhi waba umkami. Ubelokhu engumngane omuhle kakhulu, elondoloze nokuzimisela kwakhe ukukhonza uNkulunkulu—ukuzimisela okwakuyomenza umpetha kwezokusubatha ukube wayekusebenzise kwezemidlalo.
Umfowethu omncane uPeter, naye owayehileleke kwezemidlalo, ekuqaleni akathandanga lapho ngiqala ukufunda iBhayibheli. Ngabe sengimnika ikhophi yencwadi Ungaphila Phakade. Kamuva weza kimi wathi: “Sengiqalile ukuyifunda le ncwadi, kodwa angikuqondi konke. Ungangisiza?” Ngahlela ukuba omunye uFakazi afunde naye, futhi ngemva kwezinyanga ezine, wabhapathizwa. Kamuva washada, futhi umkakhe ukhonza njengephayona.
Umncintiswano Uyaqhubeka
Ngisho nangaphambi kokuba ngibhapathizwe, ngangifuna ukuba isithunywa sevangeli. Ngemva nje kokubhapathizwa, ngaqala ukukhonza njengephayona. Ngabona ukuthi uma usemncintiswaneni wokuphila, kufanele wenze umzamo ongcono kakhulu. Mina nomkami uHeidi safaka isicelo saseGileyadi, isikole sezithunywa zevangeli ezingoFakazi BakaJehova eNew York, futhi samukelwa ngo-1994. Ngemva kokuthweswa iziqu sabelwa ukuyokhonza eLatvia, lapho kukhulunywa khona isiRashiya.
Ukuwa kweSoviet Union kwakushiye abantu bedumazekile. IBhayibheli laligxekwa futhi livinjelwe, kodwa sathola ukuthi abaningi babefuna ukwazi ukuthi lithini. Ukufunda isiRashiya kwakungomunye wemisebenzi enzima engake ngayenza. Kodwa ngemva kokukhonza njengesithunywa sevangeli iminyaka eyisithupha eLatvia, ngamiswa ukuba ngihambele futhi ngikhuthaze amabandla oFakazi BakaJehova njengombonisi ojikelezayo. Ngisaqhubeka ngenza lo msebenzi, ngihamba nomkami othembekile.
Kule minyaka edlule, ngiye ngakwazi ukuqeqesha abaningi ukuba bathuthuke emncintiswaneni wokuphila, “ukuphila kwangempela” ezweni elisha likaNkulunkulu. (1 Thimothewu 6:19) Ukuqeqesha abasubathi ukuba benze okungcono kakhulu kudinga ukuba ubaqonde. Umqeqeshi kufanele abasize ukuba bathuthukise amakhono abo, banciphise ubuthakathaka. Kudingeka abakhuthaze ukuba baqhubeke futhi bafinyelele ikhono elingcono kakhulu.
Kuyangimangalisa ukubona indlela umKristu afana ngayo nomsubathi, njengoba umphostoli uPawulu agcizelela encwadini yakhe yokuqala ayibhalela abaseKorinte. Umsubathi ophumelelayo ugxila ekuziqeqesheni ngokomzimba futhi akagcini nje ngokuphupha ngokuwina. Uzibekela imigomo enengqondo futhi azikhandle ukuze ayifinyelele. Uma umbono wakhe ufiphala futhi engathuthuki, lokhu kuwenza ize wonke umsebenzi wokuzikhandla asewenzile kakade. NomKristu weqiniso kumelwe agweme iziphazamiso.
Umsubathi ophumelelayo unamathela nasesimisweni esithile, azikhuze uma kuziwa endleleni adla ngayo. Kunjalo nangomKristu weqiniso. Akadli izimfundiso zokuziphatha okubi, adle “etafuleni lamademoni,” njengoba kwasho umphostoli uPawulu. Kunalokho, udla ukudla okunomsoco okungokomoya okutholakala eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli. (1 Korinte 10:21) Ngaphezu kwalokho, lapho kuphakama izinkinga, umsubathi ophumelelayo uhlalela ethembeni. Uyawavuma amaphutha akhe, alungise. UPawulu wabhala: “Indlela engigijima ngayo akuyona engaqinisekile.” Wathi: “Kodwa ngiyawutuba umzimba wami,” ukuze angakhishwa emncintiswaneni.—1 Korinte 9:24-27.
Mina nomkami sisakujabulela ukulondoloza impilo enhle ngokuzivocavoca njalo. Kodwa, asikuvumeli lokhu ukuba kusithikameze ekukhonzeni uJehova, owadala abantu ngendlela emangalisa kangaka. (IHubo 139:14) Ndawonye, sigxile ekufinyeleleni umklomelo ‘wokuphila kwangempela’ “okuzayo” ezweni elisha likaNkulunkulu.—1 Thimothewu 4:8.
Ngemva kokuchaza “ifu lofakazi” langaphambi kwenkathi yobuKristu, umphostoli uPawulu wakhuthaza: “Masilahle konke okusindayo nesono esisithandela kalula, futhi masiwugijime ngokukhuthazela lo mncintiswano obekwe phambi kwethu.” (Hebheru 12:1) Akukho okungcono umuntu angakwenza kunokugijima kulowo mncintiswano. Lokhu kungenxa yokuthi bonke abawugijimayo bayothola izibusiso zaphakade lapho bewuqeda ngempumelelo.—2 Thimothewu 4:7, 8.
[Umbhalo waphansi]
a Yayinyatheliswa oFakazi BakaJehova kodwa manje ayisanyatheliswa.
[Isithombe ekhasini 14]
Maphakathi nawo-1980, mina noHeidi noYvonne ngenhla kanye noJouko nendodakazi yabo ngezansi
[Isithombe ekhasini 15]
NginoHeidi enkonzweni namuhla
[Umthombo Wesithombe ekhasini 12]
Sisemhlanganweni wesigodi woFakazi BakaJehova ngo-2009 eHelsinki. UYvonne noJouko bangakwesokunxele sethu, kanti ngakwesokudla uJarmo noBarbro
[Umthombo Wesithombe ekhasini 12]
Published in Aamulehti 8/21/1979