Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 10/10 k. 13
  • Ukubuka Okwezwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubuka Okwezwe
  • I-Phaphama!—2010
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izingane Ezingakwazi Ukukhuluma
  • Amasonto Ase-Ireland Angenabo Abefundisi?
  • Amandla Kazibuthe Asenyakatho Ayahamba
  • Abagibeli Abangaqondakali Bemimoya Yasesibhakabhakeni
    I-Phaphama!—1993
  • Inguqulo kaBedell
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • Ukubuka Okwezwe
    I-Phaphama!—1999
  • Nansi Inja Yokuzingela Yase-Ireland
    I-Phaphama!—1999
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2010
g 10/10 k. 13

Ukubuka Okwezwe

Abacwaningi baseCanada babefuna ukuhlola indlela izithombe ezingcolile ezibathinta ngayo abantu besilisa. “Saqala ucwaningo lwethu sifuna abesilisa abevile eminyakeni engamashumi amabili ababengakaze bazibuke izithombe ezingcolile,” kusho ilungu laleli thimba, kodwa “asitholanga noyedwa.”—I-UNIVERSITY OF MONTREAL, ECANADA.

Isakhiwo esiphakeme kunazo zonke emhlabeni, iBurj Khalifa, sivulwe eDubai ngo-January odlule. Lesi sakhiwo singamamitha angu-828 ukuphakama, sinezitezi ezingaphezu kuka-160, futhi ungasibona usebangeni elingamakhilomitha angu-95.—I-GULF NEWS, E-UNITED ARAB EMIRATES.

“UbuJuda Obunezinguquko abulutho uma bungahambisani nokushintsha kwezikhathi. Muva nje inkonzo yabo yomphakathi inezele umthandazo owenzelwa abantu abazohlinzwa ngenjongo yokushintsha ubulili babo.”—I-NEW YORK TIMES MAGAZINE, E-U.S.A.

Izingane Ezingakwazi Ukukhuluma

Abazali banamuhla bachitha isikhathi esincane bexoxa nezingane zabo ngesikhathi sokudla noma bezifundela ngaphambi kokuba ziyolala kunabazali bezizukulwane ezidlule. I-Times yaseLondon iyabika: “Izingane ziqala esikoleni esiphansi zinekhono lokukhuluma lezingane ezinezinyanga ezingu-18 kuphela futhi siyanda isibalo salezo ezingakwazi ngisho nokusho amazwi ambalwa.” EBrithani, “izingane ezingamaphesenti angu-18 ezineminyaka emihlanu (okuyizingane ezingaphezu kuka-100 000) azikwazi ukufinyelela ikhono lokukhuluma elilindeleke ezinganeni ezingangazo.” Ngenxa yalokho, izingane eziningi ezingaziqondi iziyalezo eziyisisekelo noma ezingakwazi ukusho ukuthi yini eziyidingayo “zinjengezihambi ekilasini,” azazi ukuthi kuqhubekani.

Amasonto Ase-Ireland Angenabo Abefundisi?

“Lokho esikubonayo njengamanje ukufa kweSonto LamaKatolika elibuswa abefundisi,” kusho i-Irish Times. Eminyakeni engu-50 edlule, alikho izwe elalidlula elase-Ireland ngokuba nesibalo esikhulu sabefundisi. Manje, ukwanda kwenani labefundisi asebekhulile e-Ireland kusho ukuthi maduze, uma laba befundisi bethatha umhlalaphansi sebeneminyaka engu-75 ubudala, ezinye izifunda ziyosala zingenabefundisi. Abanye bathi umnyombo wale nkinga yisinqumo esibucayi esinqabela ukuvinjelwa kwenzalo, esanyatheliswa kuyi-Humanae Vitae ka-1968 eyayichaza isinqumo sikapapa. I-Times iyaqhubeka ithi leyo ncwadi yaqale “yenza abantu bangabaza izimfundiso zeSonto,” ngemva kwalokho yabangela “ukuncipha kokwethenjwa kwabaholi besonto.”

Amandla Kazibuthe Asenyakatho Ayahamba

Lapho kutholakala amandla kazibuthe aseNyakatho Yomhlaba ngo-1831, ayesenyakatho yeCanada, “la mandla ayeqhele ngamakhilomitha angaba ngu-2 750 ukusuka eNyakatho Yomhlaba,” kusho iphephandaba lesiFulentshi i-Figaro. Kuze kube ngo-1989, la mandla kazibuthe asenyakatho ayesondela eNyakatho Yomhlaba ngamakhilomitha amahlanu kuya kwangu-15 ngonyaka. NgokweParis Institute of Global Physics, okwamanje la mandla kazibuthe ahamba “amakhilomitha angaba ngu-55 ngonyaka” futhi ngo-2007 ayengaba sebangeni elingamakhilomitha angu-550 kuphela ukusuka enyakatho yomhlaba. Leli phephandaba lithi uma izinto ziqhubeka ngale ndlela, ngo-2020 i-aurora borealis, noma ukukhanya kwasenyakatho okuhambisana namandla kazibuthe asenyakatho, “kuyobe sekubonakala kakhulu ngenhla kweSiberia kunaseCanada.”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela