Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 11/10 k. 19
  • Ukusebenzisa Ulimi Ngokuhlakanipha

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukusebenzisa Ulimi Ngokuhlakanipha
  • I-Phaphama!—2010
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Bonisa Uthando Nenhlonipho Ngokulawula Ulimi Lwakho
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
  • Ukholo Lusishukumisela Esenzweni!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
  • Kungani Ngihlale Ngisho Izinto Ezingathandeki?
    Intsha Iyabuza
  • ‘Izindebe Zeqiniso Ziyohlala Kuze Kube Phakade’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2010
g 11/10 k. 19

Ukusebenzisa Ulimi Ngokuhlakanipha

‘UKUBE nje bengingawagwinya amazwi ami!’ Ingabe wake wazizwa ngaleyo ndlela? Yebo, sonke sikuthola kunzima ukulawula ulimi lwethu. IBhayibheli lithi, singathambisa cishe zonke izilwane “kodwa ulimi, akekho noyedwa kubantu ongaluthambisa.” (Jakobe 3:7, 8) Ingabe lokhu kusho ukuthi kufanele simane sisonge izandla nje? Cha! Cabangela izimiso zeBhayibheli ezingasisiza sililawule kakhudlwana leli lungu lomzimba elincane kodwa elinamandla.

● “Lapho kukhona amazwi amaningi asiphuthi iseqo, kodwa obamba izindebe zakhe wenza ngokuqonda.” (IzAga 10:19) Lapho sikhulumela futhi, aba maningi amathuba okusho into ewubuwula noma ngisho nelimazayo. Ngempela, ulimi olungalawulwa lungaba njengomlilo, lubhebhethekise inhlebo elimazayo nokunyundela. (Jakobe 3:5, 6) Kodwa lapho ‘sibamba izindebe zethu,’ noma sicabanga ngaphambi kokuba sikhulume, siyayicabangela indlela okuyobathinta ngayo abanye lokho esikushoyo. Ngokwenza kanjalo siyokwaziwa njengabantu abanokuqonda, kanti abanye bayosihlonipha futhi basethembe.

● ‘Shesha ukuzwa, wephuze ukukhuluma, wephuze ukuthukuthela.’ (Jakobe 1:19) Abanye bayajabula lapho sikulalelisisa abakushoyo, ngoba lokho kubenza babone ukuthi akukhona nje ukuthi sinesithakazelo kuphela kodwa futhi siyabahlonipha. Nokho, kuthiwani uma othile esho into esizwisa ubuhlungu noma esicasulayo? Kumelwe sizame ‘ukwephuza ukuthukuthela’ ngokuba singaphindiseli. Ubani owaziyo? Kunzeka ukuthi lowo muntu akaphathekile kahle ngasizathu simbe futhi angase axolise nokuxolisa ngendlela akhulume ngayo. Ingabe ukuthola kunzima ‘ukwephuza ukuthukuthela’? Uma kunjalo thandaza kuNkulunkulu ucele ukuzithiba. Ngeke asishaye indiva isicelo esiqotho njengaleso.—Luka 11:13.

● ‘Ulimi olumnene lungaliphula ithambo.’ (IzAga 25:15) Ngokuphambene nombono ovamile, ubumnene buyimfanelo enamandla. Ngokwesibonelo, impendulo emnene inganqoba ukuphikiswa okubonakala kuqine njengethambo, mhlawumbe okubangelwa intukuthelo noma ukucwasa. Ngokuqinisekile kungaba inselele ukubonisa ubumnene, ikakhulu lapho kuphakama impikiswano. Ngakho-ke, cabanga ngezinzuzo zokwenza lokho okushiwo iBhayibheli nangemiphumela engaba khona uma ungenzi kanjalo.

Izimiso zeBhayibheli ngempela ‘ziwukuhlakanipha kwaphezulu.’ (Jakobe 3:17) Lapho sisebenzisa lokhu kuhlakanipha enkulumweni yethu, amazwi ethu abonisa inhlonipho, akhange futhi akhe—‘anjengama-apula egolide ezitsheni zesiliva,’ ayafaneleka.—IzAga 25:11.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela