Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 11/10 k. 30
  • Ukubuka Okwezwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubuka Okwezwe
  • I-Phaphama!—2010
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingcina Yasendulo
  • Ukungalali Ngokwanele, Kubangela Umkhuhlane
  • Kunendawo Enkulu Okusengalinywa Kuyo
  • Okwenza Umzimba Wakho Udinge Ukulala
    I-Phaphama!—1995
  • Ukulala—Ingabe Kuyisenzo Sokunethezeka Noma Kuyadingeka?
    I-Phaphama!—2003
  • Ukulala—Kubaluleke Kangakanani?
    I-Phaphama!—2011
  • Ukulala Ngokwanele
    I-Phaphama!—2004
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2010
g 11/10 k. 30

Ukubuka Okwezwe

Ezilwaneni zasemanzini ezingamathani ayizigidi ezingu-95,2 ezidotshwayo unyaka ngamunye, cishe ezingaba ngamathani ayizigidi ezingu-38,5 ziyalahlwa. “Uma nje amaphesenti angu-40 alokho esikudoba olwandle esalahlwa, inani lezinhlanzi emanzini ngeke lande,” kusho isazi sezokudoba se-World Wildlife Fund uKaroline Schacht.—I-BERLINER MORGENPOST, EJALIMANE.

“Izinkomo, izimvu nezimbuzi kungase kubonakale kuyizisulu ezingenacala zezisu zabantu ezifuna inyama, kodwa . . . emhlabeni wonke imfuyo iyimbangela yamaphesenti angu-18 egesi eyingozi [ngokuyinhloko i-methane]—okuyisilinganiso esingaphezu kwesikhishwa yizinto zokuthutha zizonke.”—I-NEW SCIENTIST, EBRITHANI.

Ingcina Yasendulo

Ososayensi abasebenza KwaZulu-Natal, eNingizimu Afrika, bathole ingcina enezinkulungwane zeminyaka. Iphephandaba laseGoli i-Star lithi: “Le ngcina . . . iyafana nje naleyo edayisa ezitolo namuhla.” Kucatshangwa ukuthi abazingeli basendulo babesebenzisa le ngcina ukuze banamathisele izihloko zemicibisholo noma zemikhonto. Imizamo yososayensi yokwenza ingcina efana nale—ngamafutha esilwane abomvana, inomfi yomkhamba nesihlabathi—nokuthola izinga lokushisa elifanele ukuze yome, kwenza ukuba labo sosayensi babe “nenhlonipho” ngabantu ababeyisebenzisa.

Ukungalali Ngokwanele, Kubangela Umkhuhlane

Umbiko we-Carnegie Mellon University, yasePittsburgh, ePennsylvania, e-U.S.A. uthi: “Abantu abalala amahora angaphansi kwayisikhombisa ngosuku banamathuba aphindwe kathathu okungenwa umkhuhlane uma beqhathaniswa nabantu abalala amahora angu-8 noma ngaphezulu.” Kanti labo abaqwashayo “ngisho noma kungaba isikhathi esingaba ngamaphesenti angu-8 bengazumekile banamathuba angaba yisihlanu nengxenye” okungenwa umkhuhlane kunalabo abalala ngokwanele. “Nakuba kuyinto eyaziwayo ukuthi ukungalali ngokwanele kuphazamisa isimiso somzimba sokuzivikela, lobu ubufakazi bokuqala bokuthi ngisho neziphazamiso ezincane lapho ulele zingaba nomthelela endleleni umzimba osabela ngayo ekulweni namagciwane omkhuhlane. Lokhu kungesinye sezizathu zokuthi kungani abantu kufanele bazinike isikhathi esanele sokulala ukuze baphumule ngokwanele,” ngokusho kukaSheldon Cohen, umholi walolu cwaningo.

Kunendawo Enkulu Okusengalinywa Kuyo

Umagazini i-New Scientist uthi: “Kunendawo eyanele emhlabeni okungase kulinywe kuyo ukudla okudingekayo okunganela umphakathi wabantu okhulayo. Ngokuphambene nalokho abantu abakucabangayo, lokhu kudla kutshalwa e-Afrika.” Lo magazini ucaphuna umbiko wezolimo owakhishwa yi-Organization for Economic Cooperation and Development ne-United Nations Food and Agriculture Organization. Ngokwalo mbiko, indawo njengamanje eyabelwe ezolimo emhlabeni wonke ingaphindwa izikhathi ezingaphezu kwezimbili. Lo mbiko uthi, “Cishe ingxenye enkulu yale ndawo yokulima ekhona, itholakala e-Afrika naseLatin America.”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela