Amacebiso Okuphepha Kwasebekhulile
INTOMBAZANE ishwibeka eqhweni. Kungazelelwe iyashelela iwe. Ngomzuzwana nje seyimi ngezinyawo futhi, ayilimalanga ndawo ngaphandle nje kokushaywa amahloni kancane. Owesifazane osekhulile uyakhubeka awe emzini wakhe, aphuke inqulu. Uyahlinzwa bese kuphela izinyanga elulama. Manje njengoba esekwesaba nakakhulu ukuwa, usegwema ukwenza noma yini edinga amandla futhi uya eba buthakathaka.
Kwelinye izwe laseNtshonalanga, abantu abangaphezu kwezingxenye ezintathu abaneminyaka engu-65 nangaphezulu bayawa. Ngaphezu kwalokho, kuso leso sigaba, ukuwa kuyimbangala eyinhloko yokufa ngenxa yokulimala. IBhayibheli lisho kufanele ngokuphathelene nasebekhulile ukuthi: “Sebesaba into ephakeme nje, kukhona nezinto ezethusayo endleleni”—UmShumayeli 12:5.
Nakuba ukuguga kuletha izinselele ezingokomzimba, ungathatha izinyathelo ezisebenzisekayo ukuze uthuthukise indlela ongaphepha ngayo nezinga lempilo yakho. Okokuqala, ungalwela ukulondoloza impilo esesilinganisweni namandla. Okwesibili, ungenza umuzi wakho ube yindawo ephephile.
Londoloza Impilo Enhle Namandla
Njengoba sikhula, ukubambisana kwamalungu emizimba yethu kungaphazamiseka, sibe nenkinga yamehlo futhi siwe kalula. Singaba buthakathaka ngokwengeziwe njengoba izicubu namathambo kuba ntekenteke. Noma kunjalo, ukuvivinya umzimba njalo nokudla ukudla okufanele kungasenza singasheshi ukuwohloka. “Kubalulekile ukuvivinya umzimba ngendlela eyosenza sikwazi ukuzimelela, ukuma siqonde, sibe namandla nomzimba olula,” kusho uNita, owelapha ngokubhucunga umzimba.
Incwadi ekhishwa uMnyango Wezempilo neZinkonzo Zomphakathi e-U.S. ithi: “Kungakhathaliseki ukuthi impilo yabo namandla omzimba kunjani, asebekhulile bangazuza kakhulu ngokuhlala benza umsebenzi ovivinya umzimba. Ngisho noma ukuthola kunzima ukuma noma ukuhamba, usengawuvivinya umzimba futhi uzuze kukho. Eqinisweni, ezikhathini eziningi ulahlekelwa kakhulu ngokungenzi lutho.”a Phakathi kwezinye izinto, ukwenza izinto ezivivinya umzimba kungakusiza ulwe nesifo senhliziyo, ukuqaqamba kwamalunga omzimba, ukuchachamba kwamathambo nokucindezeleka. Kungathuthukisa nokujikeleza kwegazi emzimbeni, ukugayeka kokudla nokulala, kungathuthukisa nokuzethemba futhi uhlale uphapheme.
Uma ungajwayele ukuvivinya umzimba, uyobe wenza kahle ngokuqale uxoxe nodokotela wakho. Yiya kuye futhi uma ushaywa inzululwane noma kuba buhlungu isifuba ngesikhathi uzivocavoca. Empeleni, uma kuba naleso simo kungaba kuhle ushayele abezimo eziphuthumayo ucingo. Ungazithathi kalula izimpawu eziyingozi njengalezo! Kutuswa nokuba uhlolwe udokotela wamehlo njalo kanye ngonyaka.
Endabeni yokudla, gwema ukudla okungenamsoco ngisho noma kuphekeka kalula nangokushesha. Abantu asebekhulile bakudinga ngokukhethekile ukudla okuno-vitamin D ne-calcium, okuyizinto ezingabasiza ukuba bagcine amathambo abo eqinile. Ngakho zama ukudla ukudla okusanhlamvu, okwenziwe ngobisi, okungenawo amafutha amaningi, izithelo nemifino. Khuluma nodokotela wakho ngaphambi kokuba wenze izinguquko ezinkulu ekudleni okudlayo. Angase asikisele izinhlobo zokudla eziwusizo noma okufanele uzigweme ngenxa yezizathu ezithile zempilo.
Ngaphezu kwalokho, zama ukuphuza amanzi amaningi. Ukuntuleka kwamanzi emzimbeni okuyinto evamile kubantu asebekhulile ikakhulukazi labo abahlala bodwa noma abasemakhaya asebekhulile, kubenza bavame ukuwa, ukudideka, ukusongelana, ukuba nesikhumba esomile, ukungenwa izifo ngisho nokufa.
Yenza Umuzi Wakho Uphephe
Ngokuvamile asebekhulile bawa emakhaya. Kodwa, ngokuthatha izinyathelo ezimbalwa ezisebenzayo zokuqapha, ungayinciphisa kakhulu leyo ngozi. Njengoba ufunda okulandelayo cabanga ngomuzi wakho.
Igumbi Lokugezela:
● Kufanele kungasheleli phansi lapho kumanzi.
● Isisefo sokugeza noma ubhavu kufanele ungasheleli, futhi uma unesihlalo esisefweni sokugeza, kufanele kube lula ukufinyelela kumpompi uma ukuso. Kungaba usizo ukuba nesisefo sokugeza esibanjwa ngesandla ukuze ukwazi ukusisebenzisa uhleli lapho ugeza.
● Kuhle ukuba nezinsimbi zokubambelela ukuze zikusekele uma usuphuma kubhavu noma usebenzisa indlu yangasese. Lezi zinsimbi kufanele zishayelwe ziqine odongeni. Qiniseka futhi ukuthi isihlalo sendlu yangasese siphakeme ngokwanele ukuze ukwazi ukuhlala futhi usukume kuso kalula.
● Gcina izibani zasebusuku zikhanya noma usebenzise ithoshi.
Izitebhisi:
● Akufanele kube nezinto eziningi ezitebhisini, kufanele zibe sesimweni esihle futhi zibe nokukhanya okwanele.
● Izitebhisi kufanele zibe nezindawo zokubambelela eziqinile uma kungenzeka, futhi zingasheleli zibe nezinkinobho zokukhanyisa phansi naphezulu.
● Ukwenyuka nokwehla izitebhisi kungasiza asebekhululile ukuba babe nemilenze eqinile. Nokho, uma unenkinga yokuyendayenda, kufanele uzame ukugwema ukusebenzisa izitebhisi ungasizwa muntu.
Igumbi Lokulala:
● Makube nendawo eyanele yokuhamba ngokuphephile eceleni kombhede nenye impahla yasendlini.
● Makube nesihlalo ongahlala kuso uma ugqoka.
● Makube nesibani noma ithoshi eduze kombhede.
Ekhishini:
● Amatafula kufanele angagcwali izinto ukuze kube lula ukubeka ukudla okuthengiwe nezinye izinto.
● Akufanele lishelele ikhishi noma licwebezele kakhulu.
● Izinto ezisemakhabetheni kufanele zingabi phezulu kakhulu noma phansi kakhulu, kodwa kufanele zifinyeleleke kalula ngaphandle kokucela usizo. Zama ukugwema ukusebenzisa iladi noma isigqiki, futhi ungalokothi ugibele esihlalweni!
Okunye:
● Gcina izibani eziya egumbini lokugezela zikhanya ebusuku neziya kwezinye izindawo okungenzeka uye kuzo ebusuku.
● Kungasiza ukusebenzisa udondolo noma inqodlana yokuhamba enamasondo ebusuku lapho usenobuthongo.
● Izihlalo zakho kufanele zizinze (zingabi namasondo), zibe nendawo yokubeka izingalo futhi ziphakame ngokwanele ukuze kube lula ukuhlala nokusukuma.
● Ukuze ugweme ukuqhuzuka, kufanele ulungise, ushintshe noma ukhiphe ukhaphethi osugugile, nomata osuvokomele noma ama-tile aphukile. Zonke izintambo zikagesi mazigudle udonga, zinganqamuli lapho kuhanjwa khona.
● Omata abancane bangamkhuba umuntu, ngakho kufanele basuswe lapho kunokhaphethi khona. Uma bebekwe endaweni ebushelelezi, njengenama-tile noma amapulangwe, kufanele banamathele phansi.
● Gwema ukufaka amahliphasi axegayo noma asegugile, angavalekile ngemuva noma ashelelayo. Ungafaki izingxabulela noma izicathulo ezinezithende ezicokeme.
● Eminye imithi ingenza umuntu abe nenzululwane noma isiyezi. Uma kwenzeka uzizwa kanjalo ngemva kokudla imithi, qiniseka ukuthi uyambikela udokotela wakho. Angase ashintshe isilinganiso semithi oyidlayo noma ashintshe imithi ngokwayo.
Uma uphawula noma yini edinga ukunakekelwa ongeke wakwazi ukuyilungisa ngaphandle kokuzibeka engozini, kungani ungaceli usizo kwamanye amalungu omkhaya, abangane noma abanakekeli besakhiwo? Zama ukuba ungazindeli.
Lokho Abanye Abangakwenza
Uma unabazali asebekhulile, umkhulu nogogo noma abangane asebekhulile, yini ongayenza ukuze ubasize bagweme ingozi yokuwa balimale? Into yokuqala ongayenza, ungaxoxa nabo ngokuhlakanipha ngezinto ezibalwe ngenhla bese ubasiza bahlele ukulungisa izindawo ezinenkinga. Kuye ngesidingo, mhlawumbe ungabaphekela ukudla okunomsoco kanye noma kabili ngesonto. Abantu asebekhulile kudingeka nokuba bavocavoce umzimba. Ungabathatha yini uhambe nabo ngezinyawo, mhlawumbe uhlanganise nezinye izinto? Abaningi asebekhulile bangakujabulela ukuphuma endlini uma bezohamba nomuntu abamethembayo. Kwamanye amazwe uhulumeni usiza ngokuthumela abahlengikazi emakhaya asebekhulile, ukubhucunga nokunyakazisa umzimba nokwenza imizi iphephe. Udokotela kufanele akwazi ukukuthumela lapho kutholakala khona lezi zinkonzo.
UMdali wethu, naye ngokwakhe obizwa ngokuthi “oMdala Wezinsuku,” ufuna ukuba sihloniphe abantu abadala, ikakhulu abazali asebekhulile. (Daniyeli 7:9) Uyayala, “Hlonipha uyihlo nonyoko.” (Eksodusi 20:12) Ubuye anikeze lesi siqondiso: “Kufanele usukume phambi kwempunga, ubonise ukucabangela ixhegu, umesabe uNkulunkulu wakho.” (Levitikusi 19:32) Ngempela, ukuhlonipha abantu abadala empeleni kubonisa ukwesaba uNkulunkulu okunempilo! Ngakolunye uhlangothi lapho asebekhulile bebonga ngokusuka enhliziyweni ngosizo abalutholayo, benza ukuba bathandwe futhi bacatshangelwe ngenhlonipho. Ukusiza abantu abanjalo akuwona neze umthwalo. Kuyinto ejabulisayo!
[Umbhalo waphansi]
a I-Phaphama! ka-May 22, 2005 yaningiliza izinzuzo zokuvivinya umzimba njalo.
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 15]
USIZO LWEZINTO ZOBUCHWEPHESHA EZIMWENI EZIPHUTHUMAYO
Kwamanye amazwe asebekhulile bangazitholela umshini othile abangawusebenzisa uma kunesimo esiphuthumayo, njengalapho bewile balimala bese becindezela inkinobho ukuze bathole usizo. Le mishini ingase igaxwe entanyeni noma esihlakaleni. Uma lo mshini utholakala endaweni yakini, mhlawumbe kungakuhle uzitholele wona—ikakhulukazi uma uhlala wedwa.