Umbono WeBhayibheli
Ingabe Isayensi NeBhayibheli Kuyavumelana?
“Ukubaluleka kwesayensi nenjabulo yami kutholakala ngezikhathi ezithile ezingavamile lapho ngithola okuthile okusha bese ngicabanga, ‘Kanti uNkulunkulu wayenza kanje le nto!’”—UHENRY SCHAEFER, UPROFESA WESAYENSI YOKUTHAKWA KWAMAKHEMIKHALI.
KUNINGI okwenziwa yisayensi ukuze sisizakale sikwazi ukuqonda indalo esizungezile, ukwembula izinga lokuhleleka, ukunemba nobunkimbinkimbi obubangela abaningi ukuba bakholelwe kuNkulunkulu onamandla nokuhlakanipha okungenamkhawulo. Ngokombono wabo, isayensi ayembuli nje kuphela imininingwane ephathelene nendalo kodwa nendlela uNkulunkulu acabanga ngayo.
Lowo mbono usekelwa kakhulu yiBhayibheli. EyabaseRoma 1:20 ithi: ‘Izimfanelo zikaNkulunkulu ezingabonakali zibonakala ngokucacile kusukela ekudalweni kwezwe kuye phambili, ngoba ziqondakala ngezinto ezenziwe, ngisho namandla akhe angunaphakade nobuNkulunkulu bakhe.’ Ngokufanayo, iHubo 19:1, 2 lithi: “Amazulu amemezela inkazimulo kaNkulunkulu; umkhathi ulandisa ngomsebenzi wezandla zakhe. Usuku ngalunye lwenza ukuba inkulumo iphuphume, nobusuku ngabunye bubonisa ulwazi.” Kodwa, naphezu kwazo zonke izimangaliso, indalo esizungezile yembula izici ezimbalwa nje zoMdali wethu.
Ukulinganiselwa Kwesayensi
Amaqiniso amaningi ngoNkulunkulu awanakufundwa ngesayensi. Ngokwesibonelo, usosayensi angakwazi ukuchaza inhlayiyana ngayinye esekhekheni, kodwa ingabe ucwaningo lwakhe lungembula ukuthi libhakelweni ikhekhe noma libhakelwe bani? Ukuze athole izimpendulo zemibuzo enjalo—abantu abaningi abangase bazibheke njengezibaluleke kakhulu—kufanele akhulume nomuntu obhake ikhekhe.
Ngokufanayo, isayensi “inikeza ubufakazi obusekelwe emininingwaneni eyiqiniso,” kwasho isazi sesayensi yezinto eziphilayo sase-Australia esathola umklomelo kaNobel u-Erwin Schrödinger, “kodwa ayembuli lutho ngakho konke . . . okubaluleke kakhulu ekuphileni kwethu.” Uthi lokhu kuhlanganisa, “uNkulunkulu nephakade.” Ngokwesibonelo, uNkulunkulu kuphela ongaphendula imibuzo enjengokuthi: Kungani kunendawo yonke? Kungani iplanethi yethu inezinto eziphilayo eziningi kangaka, kuhlanganise nezinto eziphilayo ezihlakaniphile? Uma uNkulunkulu engumninimandla onke, kungani evumela ububi nokuhlupheka? Ingabe likhona ithemba ngemva kokufa?
Ingabe uNkulunkulu uyiphendulile leyo mibuzo? Yebo uyiphendulile ngeBhayibheli. (2 Thimothewu 3:16) Ungase ubuze, ‘Kodwa ngingaqiniseka kanjani ukuthi iBhayibheli livela kuNkulunkulu ngempela?’ Ngokombono ongokwesayensi, lokho iBhayibheli elikushoyo ngomhlaba esiphila kuwo kufanele kuvumelane namaqiniso angokwesayensi, ngoba uNkulunkulu akaziphikisi. Ingabe kukhona ukuvumelana okunjalo? Cabangela izibonelo ezilandelayo.
Lahamba Phambili Ngokwesayensi
Lapho iBhayibheli libhalwa, abantu abaningi babekholelwa ukuthi kunonkulunkulu abehlukahlukene emhlabeni nokuthi labo nkulunkulu, hhayi imithetho yemvelo, balawula ilanga, inyanga, isimo sezulu, ukuzala njalonjalo. Kodwa akubanga njalo ngabaprofethi bakaNkulunkulu basendulo abangamaHebheru. Kuyiqiniso ukuthi babazi ukuthi uJehova uNkulunkulu angayilawula ngokoqobo indalo esizungezile nokuthi wake wakwenza lokho ngezikhathi ezithile. (Joshuwa 10:12-14; 2 AmaKhosi 20:9-11) Noma kunjalo, uJohn Lennox, onguprofesa wezibalo eYunivesithi yase-Oxford, eNgilandi waphawula ukuthi labo baprofethi “kwakungadingekile ukuba bayeke ukukholelwa ukuthi [onkulunkulu abayinganekwane] balawula indawo yonke . . . , ngenxa yokuthi vele babengakaze bakholelwe konkulunkulu kwasekuqaleni. Ukukholelwa kwabo kuNkulunkulu Weqiniso Oyedwa nakuMdali wezulu nomhlaba kwabasindisa ekulandeleni inkolelo-ze.”
Le nkolelo yabo yabavikela kanjani kuyinkolelo-ze? Okokuqala, uNkulunkulu weqiniso wabembulela ukuthi ulawula indawo yonke ngemithetho enembile. Ngokwesibonelo, cishe eminyakeni engaphezu kwengu-3 500 edlule, uJehova uNkulunkulu wabuza inceku yakhe uJobe: “Uyazazi yini izimiso zamazulu?” (Jobe 38:33) Ngekhulu lesikhombisa B.C.E., umprofethi uJeremiya wabhala ‘ngezimiso zezulu nomhlaba.’—Jeremiya 33:25.
Ngakho, bonke abantu abaphila endulo futhi ababenokholo emibhalweni yabaprofethi beBhayibheli babazi ukuthi indawo yonke ilawulwa imithetho yemvelo enengqondo, hhayi onkulunkulu abayinganekwane. Ngenxa yalokho, abantu abahlonipha uNkulunkulu babengazikhulekeli izinto ezidaliwe, njengelanga, inyanga, izinkanyezi futhi babengenankolelo-ze ephathelene nazo. (Duteronomi 4:15-19) Kunalokho, babona imisebenzi kaNkulunkulu njengezinto ezembula ukuhlakanipha kwakhe, amandla nezinye izimfanelo.—IHubo 8:3-9; IzAga 3:19, 20.
Ngokuvumelana nemibono yososayensi abaningi namuhla, amaHebheru asendulo ayekholelwa nawukuthi indawo yonke yaba nesiqalo. UGenesise 1:1 uthi, “Ekuqaleni uNkulunkulu wadala amazulu nomhlaba.” Eminyakeni engaba ngu-3 500 edlule, uNkulunkulu wembulela inceku yakhe uJobe ukuthi umhlaba ‘uphezu kweze,’ noma untanta emoyeni. (Jobe 26:7) Ekugcineni, eminyakeni engaphezu kuka-2 500 edlule, umprofethi u-Isaya wabhala ukuthi umhlaba uyisiyingi noma indilinga.—Isaya 40:22.a
Yebo, iBhayibheli liyavumelana namaqiniso angokwesayensi aphathelene nomhlaba. Empeleni, le mikhakha yomibili ayivumelani nje kuphela—kodwa iwusizo. Ukungawunaki owodwa kuvala umnyango wokwazi ngoNkulunkulu.—IHubo 119:105; Isaya 40:26.
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngokuba khona kukaNkulunkulu nokunemba kweBhayibheli, sicele ufunde incwajana ethi Ingabe Izinto Eziphilayo Zadalwa? nethi Is There a Creator Who Cares About You? ezinyatheliswa oFakazi BakaJehova.
INGABE WAKE WAZIBUZA?
● Indalo ingasitshelani ngoNkulunkulu?—Roma 1:20.
● Yimaphi amaqiniso ngoNkulunkulu isayensi engenakuwachaza?—2 Thimothewu 3:16.
● Kungani abaprofethi bakaNkulunkulu weqiniso basendulo bengabanga nenkolelo-ze ngendalo?—Jeremiya 33:25.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 23]
Indawo yonke ilawulwa imithetho enembile—“izimiso zezulu nomhlaba.”—JEREMIYA 33:25