Injabulo Yokuba Ngumalusi
Njengoba ilandiswa ngu-Alymbek Bekmanov
Lapho ngineminyaka emithathu ubudala, ngaqala ukwalusa izimvu futhi ngangikujabulela ukuzinakekela. Lapho senginengu-17, ngase ngiwumalusi ochwepheshile. Kamuva ngafunda ngolunye uhlobo lokwalusa, ukwalusa okungo-komoya. Ake ngichaze ukuthi kungani lolu hlobo lokwalusa luye lwangilethela injabulo eyengeziwe.
NGAZALWA ngo-1972. Umkhaya wakithi omkhulu ongamaKirghiz wawuhlala edolobhaneni laseChyrpykty, ogwini oluhle lweChibi i-Issyk Kul. Indawo eseduze naleli chibi yayithandwa kakhulu izihambeli ezazisuke zivakashele iKyrgyzstan, eyayikade ingaphansi kweSoviet Union. Manje sengihlala nomkami uGulmira, eBishkek, inhloko-dolobha yaseKyrgyzstan, eqhele ngamakhilomitha angu-200 endaweni engakhulela kuyo.
Umalusi Nezimvu
Lapho ngisemncane, sasivame ukuhola izimvu siziyise emadlelweni asezintabeni eziphakeme ngesikhathi sasentwasahlobo. Lokhu kwakusho ukuqwala intaba ibanga elingaphezu kwamamitha angu-3 000, okwakuthatha izinsuku eziningana. Abanye abelusi babekhetha izindlela ezinqamulelayo futhi babesheshe bafike emadlelweni. Kodwa indlela ababehamba ngayo yayiseduze kwemihosha futhi izimvu ezaziduka zazilimala ngezinye izikhathi noma zife nokufa.
Kulezo zindlela kwakwaziwa ukuthi izimpisi zethusa izimvu noma zizihlasele, zizehlukanise nomhlambi bese zizibulala. Ngakho ubab’ omkhulu wayekhetha indlela elula nengeyona ingozi kangako, nakuba ukuhamba ngaleyo ndlela kwakuthatha usuku olwengeziwe noma ngaphezulu. Ngezinye izikhathi ngangifuna ukushesha kodwa ubab’ omkhulu wayenginqanda. Wayethi, “Alymbek, cabangela izimvu, ungazicabangeli nje wena.”
Emadlelweni amahle esiqongweni sentaba, kwakwakhiwa izibaya zesikhashana ukuze izimvu zivikeleke ebusuku. Abanye abelusi babethanda ubuthongo futhi babengavuki bayise izimvu emadlelweni kuze kuphakame ilanga. Ngesikhathi izimvu ziqala ukudla, ilanga lalisuke selishisa.
Ngokushesha izimvu zazivele zime ndawonye zigebise amakhanda, zihefuzela. Njengoba zazingasuthi, zaziba buthaka futhi zonde. Ngakolunye uhlangothi, ubab’ omkhulu wayevuka ngovivi—ngehora lesine ekuseni, lalithi liphuma ilanga abe esesemadlelweni anothile nezimvu. Lapho, zazidla kusaheleza umoya opholile noqabulayo wasekuseni. Kwakunjengoba abantu babevame ukusho, “Uma ubuka izimvu, uyakwazi ukubona ukuthi zinaluhlobo luni lukamalusi.”
Isikhathi esikahle sokuhlola nokwelapha izimvu kungesikhathi seziphumule ngemva kokudla. Enye yezinkinga ezinkulu izimvu zethu ezaziba nayo, yizimpukane ezazibekela amaqanda azo ezinkabeni zezimvu. Lapho lokhu kwenzeka, inkaba iyavuvuka. Uma le nkinga ingatholakalanga kusenesikhathi, imvu ingezwa ubuhlungu obukhulu kangangokuba ingavele ihambe iwushiye umhlambi futhi ife. Cishe sasizihlola nsuku zonke izimvu ukuze sizelaphe. Nakuba lokhu kwakudla isikhathi futhi kukhandla, umvuzo wawuba ukuthi izimvu zaziphila kahle futhi zaneliseke.
Sasizibala njalo izimvu kusihlwa lapho zibuya emadlelweni. Zazingena esibayeni ngesango elincane—kwesinye isikhathi zingena ngantathu noma ngazine. Umhlambi wethu wawubalelwa emakhulwini, kodwa sase sichwepheshe kakhulu ekuzibaleni kangangokuba sasikwazi ukubala ezingu-800 ngemizuzu engu-15 noma engu-20. Lokhu kwakudinga umzamo ophindaphindiwe, kodwa sakwenza!
Uma sithola ukuthi kunemvu engekho, ubab’ omkhulu wayethatha isibhamu nomshiza ahambe ayoyifuna—ngisho noma lina futhi kumnyama wayephuma ayofuna izinyane elilodwa zwi. Wayememeza kakhulu. Izwi lakhe lalizixosha izilwane zasendle. Lapho imvu ilizwa lelo zwi, wawuvele ubone ukuthi izizwa ilondekile.
Ngayinye kulezi zimvu yayethiwa igama, ngokubukeka kwayo nangemikhuba yayo. Emihlanjini kwakuhlale kukhona izimvu eziyizijaka. Ngasizathu simbe, zazingafuni ukulalela umalusi. Ngezinye izikhathi, ezinye izimvu zazithambekela ekulandeleni ezingalaleli. Ngakho umalusi wayezama ukuziqeqesha nokuzijezisa lezi eziyizijaka. Ngokwesibonelo, wayeyishiya yodwa esibayeni enjalo. Ngokuhamba kwesikhathi, ezinye zazikwamukela ukuqondiswa bese zilandela isiqondiso sikamalusi. Izimvu ezaziqhubeka nokuba yizijaka zazigcina ziphelele ebhodweni.
Uhlobo Oluhlukile Lukamalusi
Ngo-1980, ngaqala ukudlala umkhalambazo futhi ngaba umpetha kuwo. Ngonyaka owalandela, ngabuthelwa ebuthweni laseSoviet. Ngesikhathi ngisebenza eRussia, engangikade nginabo emdlalweni womkhalambazo bazihlela baba yiqembu lezigilamkhuba. Lapho ngibuyela ekhaya eKyrgyzstan, bangitshela ukuthi uma ngizibandakanya nabo ngeke ngiswele lutho. Kodwa phakathi naleso sikhathi ngajwayelana noFakazi BakaJehova.
OFakazi baphendula imibuzo eyayilokhu ingikhathaza kusukela ebuntwaneni, enjengokuthi Kungani abantu befa? Izingxoxo zami nabo zangenza ngaqonda ukuthi ukufa kungenxa yesono somuntu wokuqala u-Adamu. (Roma 5:12) EBhayibhelini ngafunda nokuthi uJehova uNkulunkulu weqiniso, wathumela iNdodana yakhe uJesu njengoMhlengi wethu nokuthi ngokuba nokholo kuJehova neNdodana yakhe, isono sethu esasizuza ngefa singasitshekelwa. Lokhu kwakuyosenza sibe sethubeni lokuthola ukuphila okuphakade ePharadesi emhlabeni, ngokuvumelana nenjongo kaNkulunkulu yokuqala ngesintu.—IHubo 37:11, 29; 83:18; Johane 3:16, 36; 17:1-5; IsAmbulo 21:3, 4.
Izimpendulo ezisekelwe emiBhalweni oFakazi abangiphendula ngazo zazicacile futhi ziqondakala kangangokuba ngababaza, “Izinto kufanele zibe nje!” Ngangingasafuni ukuba nabangane bami bangaphambili. Bazama kaningi ukungenza ngibuyele eqenjini labo. Kodwa isifiso sami sokufunda nokwenza ngokuvumelana neqiniso leBhayibheli sasinamandla kangangokuba sangisiza ngamelana nokuyenga kwabo futhi sangiholela ekubeni umalusi ongokomoya.
Phakathi naleso sikhathi umthandazi owayedumile endaweni yakithi wayevame ukuvakashela umama. Ngolunye usuku lapho ngifika ekhaya, lona wesifazane wayebhula. Wathi nginesiphiwo esingavamile futhi wangikhuthaza ukuba ngiye ethempelini lamaSulumane ukuze ngithole umgexo wenhlanhla, ethi wawuyokungisiza. Kwala kancane ukuba angenze ngikholwe ukuthi ngokwenza lokho ngangizoba nesiphiwo sokwelapha.
Ngosuku olulandelayo, ngaya koFakazi engangifunda nabo iBhayibheli ngabatshela ngokuvakasha kwalona wesifazane. Bangibonisa eBhayibhelini ukuthi uJehova umelene nazo zonke izinhlobo zokusebenzelana nemimoya njengoba zihlobene nemimoya emibi. (Duteronomi 18:9-13) Kwaphela izinsukwana ngingabuthi quthu ubuthongo ngenxa yamademoni. Lapho oFakazi bengifundisa ukuthi ngingathandaza kanjani ngokuvumelana nentando kaJehova, ngathola impumuzo kwaphela ukuphupha kabi. Ngaqiniseka ukuthi ngangithole uMalusi wangempela uJehova.
Ngafunda ukuthi uDavide, owabhala amahubo amaningi aseBhayibhelini, naye wayengumalusi ebuncaneni bakhe. Wabiza uJehova ngokuthi “uMalusi wami,” futhi ngayithanda kakhulu indlela ayezizwa ngayo ngaYe. (IHubo 23:1-6) Ngangifuna ukulingisa uJesu, iNdodana kaJehova, obizwa ngokuthi ‘umalusi wezimvu.’ (Hebheru 13:20) Emhlanganweni owawuseBishkek ekuqaleni kuka-1993, ngabonisa ukuzinikezela kwami kuJehova ngobhapathizo lwamanzi.
Umhlangano Obalulekile
Iningi lezihlobo zami, kuhlanganise nomakhelwane, baqala ukuhlangana ukuze bafundiswe iBhayibheli. Abantu abangaba ngu-70 endaweni yakithi babehlangana ngaseChibini i-Issyk Kul. Isihlobo sami, esasiyinduna yomkhandlu wendawo yakithi, salithanda kakhulu iqiniso. Sathi sizohlela umhlangano omkhulu lapho sasizochaza khona izinkolelo zethu ezintsha. Kodwa abefundisi bendawo baqala ukutshela abantu endaweni ukuba bawuphikise umsebenzi wethu wokushumayela. Bakha uzungu lokusebenzisa lo mhlangano ukuze basiqhathe nabantu.
Ngosuku lwalo mhlangano, kwafika abantu ababalelwa enkulungwaneni, kuhlanganise nabantu ababesuka ezindaweni ezingomakhelwane. Bambalwa oFakazi ababekhona, omunye wabo waqala ukuchaza izinkolelo zethu ezisekelwe eBhayibhelini. Kungakapheli nemizuzu emihlanu, kwasukuma umuntu othile wabuza imibuzo enochuku. Sabe sesigxekwa futhi sasongelwa, isixuku sathukuthela kangangokuba sasifuna nokusilimaza.
Ngaleso sikhathi, omunye umfowethu omdala, owayesanda kuqala ukutadisha iBhayibheli wasivikela. Bonke babemesaba futhi bemgwema ngenxa yekhono lakhe lokulwa. Ngesibindi wama phakathi koFakazi nabahlaseli, futhi sahamba ngaphandle kokulimala. Phakathi neminyaka eyalandela, abaningi kulabo ababeye kulo mhlangano baba oFakazi. Namuhla, abangaphezu kuka-50 endaweni yakithi enabantu abangaba yinkulungwane bangoFakazi BakaJehova.
Indodakazi Kamalusi
Ezinyangeni ezimbalwa ngaphambi komhlangano omkhulu woFakazi BakaJehova owawuseMoscow, eRussia, ngo-August 1993, ngahlangana noGulmira, uFakazi waseKirghiz. Umkhaya wakubo nawo wawunemfuyo. Ngo-1988, ngesikhathi umsebenzi woFakazi usavinjelwe eSoviet Union, umama kaGulmira waqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi okuthiwa u-Aksamy. Ngawo-1970, u-Aksamy wayebe nguFakazi KaJehova wokuqala ongumKirghiz endaweni.
Ngokushesha uGulmira wahlanganyela nonina ekutadisheni iBhayibheli no-Aksamy. Ngo-1990 bobabili babhapathizwa baba oFakazi. Ngokushesha, inhliziyo kaGulmira yamshukumisela ukuba angenele inkonzo yesikhathi esigcwele waba yiphayona.
Eminyakeni emibili eyalandela ngangimbona ngokwethukela uGulmira, ngoba ngangihlala endaweni eqhele ngamakhilomitha angu-160. Ngo-March 1995, nganquma ukumazi kangcono, ngakho ngolunye usuku ekuseni ngaya kubo ngaleyo njongo. Ngashaqeka lapho ngizwa ukuthi uyahamba ngakusasa uyokhonza ehhovisi legatsha laseRussia, eliqhele ngamakhilomitha angu-5 633!
Ngaleso sikhathi ngase ngiqalile ukuba yisikhonzi sesikhathi esigcwele nokufunda isiRashiya, ngoba izincwadi zethu zazingakatholakali ngesiKirghiz. Kwaphela iminyaka emithathu mina noGulmira sibhalelana futhi sihlela ukufunda izindima ezifanayo zeBhayibheli ukuze sixoxe ngamaphuzu angokomoya. Phakathi naleso sikhathi, ngangikhonza ebandleni lokuqala lesiKirghiz, edolobheni laseBalikchi.
Ukukhonza UJehova NoGulmira
Ngo-1998, uGulmira weza eKyrgyzstan ezovakasha, futhi sashada. Ngamenyelwa ukuyokhonza ehhovisi legatsha laseRussia kanye naye. Yeka ukuthi ngajabula kanjani ngokuthi ngase ngiqalile ukufunda isiRashiya! Kamuva, ngabelwa ukusebenza neqembu labahumushi besiKirghiz elalihumusha izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini. Ngathandaza kuJehova ngacela ukuhlakanipha nesineke. Kanti uGulmira, njengoba sasisebenza naye, waba usizo olukhulu impela kimi.
Ngo-2004 iqembu lethu labahumushi lathuthela eBishkek, lapho ngabelwa ukukhonza ekomitini eyengamele umsebenzi woFakazi BakaJehova eKyrgyzstan. Ngaleso sikhathi kwakunamabandla angu-7 esiKirghiz nangaphezu kuka-30 esiRashiya kuleli zwe. Namuhla sekunamabandla angaphezu kuka-20 esiKirghiz namaqembu amaningi alolu limi, akha amaphesenti angu-40 oFakazi abangu-4 800 eKyrgyzstan.
Mina noGulmira sanquma ukufunda isiNgisi, ngoba ukusazi kwakuyosisiza enkonzweni. Lokhu kwasenza samenyelwa endlunkulu yomhlaba wonke yoFakazi BakaJehova e-United States ngo-2008. Lapho ngaqeqeshwa esikoleni esikhethekile esiklanyelwe labo abaholayo emsebenzini wokushumayela emazweni akubo.
Manje, mina noGulmira sizizwa sikulungele ngokugcwele ukukhonza izithakazelo ezingokomoya zabantu baseKyrgyzstan. Esikubonile ekuphileni kwethu kusisize ukuba sizibonele ngawethu ukuthi uJehova ungumalusi onothando ngempela. Mina ngizibonele mathupha ukugcwaliseka kwamazwi eBhayibheli, athi: “UJehova unguMalusi wami. Ngeke ngintule lutho. Ungilalisa emadlelweni anotshani; ungihola ngasezindaweni zokuphumula ezithola amanzi anele. Uqabula umphefumulo wami. Ungihola emikhondweni yokulunga ngenxa yegama lakhe.”—IHubo 23:1-3.
[Isithombe ekhasini 23]
Izimvu zethu emadlelweni
[Isithombe ekhasini 23]
Njalo kusihlwa sasizibala izimvu ukuze siqiniseke ukuthi ayikho elahlekile
[Isithombe ekhasini 24]
NginoGulmira namuhla