Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 3/11 kk. 7-31
  • Ukubukeza Komkhaya

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubukeza Komkhaya
  • I-Phaphama!—2011
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Yini Engalungile Ngalesi Sithombe?
  • Wagcine Bese Uwafunda Kamuva
  • Abantu namazwe
  • Izingane Zifuna Izithombe
  • IZIMPENDULO ZEMIBUZO ESEKHASINI 30 NO-31
  • “Lapho Uya Khona Ngizoya Khona Nami”
    Lingisa Ukholo Lwabo
  • Amaphuzu Avelele Encwadi KaRuthe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • “Owesifazane Ovelele”
    Lingisa Ukholo Lwabo
  • “Lapho Uya Khona Ngizoya Khona Nami”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2011
g 3/11 kk. 7-31

Ukubukeza Komkhaya

Yini Engalungile Ngalesi Sithombe?

Uyini umehluko phakathi komdwebo A nomdwebo B? Bhala izimpendulo zakho emigqeni engezansi, bese uqedela lesi sithombe ngokufaka umbala.

UMKHONDO: Funda u-Eksodusi 28:9-12, 33, 36, 37

1. ․․․․․

2. ․․․․․

3. ․․․․․

4. Yisiphi isithombe esifanele, esingakwesokudla noma esingakwesobunxele?

․․․․․

ENINGAXOXA NGAKHO:

Lisho ukuthini igama elithi “ngcwele”? Kungani kubalulekile ngabakhulekeli bakaJehova ukuba babe ngcwele?

UMKHONDO: Funda eyesi-2 Korinte 7:1.

OKUNGENZIWA UMKHAYA:

Ilungu ngalinye lomkhaya malicwaninge amaqiniso ngendima yompristi ophakeme kwa-Israyeli. Hlanganani bese nisho lokho enikutholile. Ngokwesibonelo, yimiphi eminye yemisebenzi eyayenziwa umpristi ophakeme?

UMKHONDO: Funda uLevitikusi 9:7; Duteronomi 17:9-11.

UJesu ubonisa kanjani ukuthi ungumPristi Ophakeme?

UMKHONDO: Funda amaHebheru 4:14-16; 7:26-28; 9:11-14.

Wagcine Bese Uwafunda Kamuva

Wasike, uwasonge bese uwabeka

IKHADI LEBHAYIBHELI 3 URUTHE

IMIBUZO

A. Qedela amazwi kaRuthe awatshela uNawomi: “Abantu bakini bazoba . . . ”

B. Uyisibonelo esihle kanjani uRuthe kulabo abanakekela abagulayo nasebekhulile?

C. Gcwalisa izikhala. URuthe washada ․․․․․ waba ukhokhokazi ka ․․․․․ no ․․․․․.

[Ishadi]

4026 B.C.E. 1 C.E. 98 C.E.

Ukudalwa kuka-Adamu Waphila cishe Incwadi yokugcina

ngawo-1200 B.C.E. yeBhayibheli eyalotshwa

[Ibalazwe]

Wasuka kwaMowabi waya eBhetlehema

UMOWABI

IBhetlehema

URUTHE

UMLANDO

Umfelokazi wakwaMowabi othembekile owasekela umamezala wakhe, uNawomi. Uthando oluqotho lukaRuthe ngoNawomi nokuzimisela kwakhe ukukhulekela uJehova kwamnika amandla okushiya izwe lakubo aye eBhetlehema. Abathile bathi kuNawomi, ‘Umalokazana wakho ungcono kunamadodana ayisikhombisa.’—Ruthe 4:14, 15.

IZIMPENDULO

A. “. . . ngabantu bakithi, noNkulunkulu wakho abe nguNkulunkulu wami.”—URuthe 1:16.

B. URuthe wabonisa ukuzidela nokukhuthala.—Ruthe 2:7, 10-12, 17; 3:11.

C. UBhowazi, iNkosi uDavide, uJesu Kristu.—Mathewu 1:5, 6, 16.

Abantu namazwe

5. Igama lami nginguShaé. Ngihlala eBrithani, eseduze nezwekazi laseYurophu. Cishe bangaki oFakazi BakaJehova abahlala eBrithani? Ingabe bangu-13 300, 133 000, noma bangu- 333 000?

6. Yiliphi ichashaza elibonisa izwe engihlala kulo? Likokolozele, bese ubeka ichashaza lapho wena uhlala khona, futhi ubone ukuthi useduze kangakanani neBrithani.

A

B

C

D

Izingane Zifuna Izithombe

Ungakwazi yini ukuthola lezi zithombe kulo magazini? Ngamazwi akho chaza ukuthi kwenzekani esithombeni ngasinye.

● Izimpendulo zemibuzo esekhasini 30 no-31 zisekhasini 7

IZIMPENDULO ZEMIBUZO ESEKHASINI 30 NO-31

1. Umbhalo osemshuqulweni.

2. Itshe le-onekisi emahlombe.

3. Izinsimbi ensepheni.

4. Engakwesobunxele.

5. 133 000.

6. B.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela