Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 5/11 k. 3
  • ‘Wenziwe Ngokumangalisayo’!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • ‘Wenziwe Ngokumangalisayo’!
  • I-Phaphama!—2011
  • Indaba Ethi Ayifane
  • IMidlalo Yama-Olympic YaseNorway—Ingabe Izinhloso Zazanele?
    I-Phaphama!—1994
  • Okufanele Ukwazi Ngokonga
    I-Phaphama!—2017
  • Umpetha Wejubane
    I-Phaphama!—1996
  • Izinhloso Zama-Olympic Zisengozini
    I-Phaphama!—2000
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2011
g 5/11 k. 3

‘Wenziwe Ngokumangalisayo’!

LAPHO ucabanga ngamakhono amangalisayo ezilwane ezihlukahlukene, ingabe ngezinye izikhathi uye uwafise? Mhlawumbe ufisa sengathi ungandiza njenge-albatross, ubhukude njengehlengethwa, ubone njengokhozi noma ugijime njengengulule.

Yebo, izilwane zinamakhono amangalisayo. Kodwa kunjalo nangathi! Empeleni, umzimba womuntu uye wachazwa njengomshini ongantuli lutho. Yiqiniso ukuthi siwudlula kude lé umshini. Sinekhono lokusungula, ilukuluku lokwazi, izifiso nobuhlakani bokuklama—okuyizinto ezisenza sisungule imishini esisiza sikwazi ukwenza noma yini esiyicabangayo. Singandiza ngisho nangesivinini esingaphezu kwesamaza omsindo, singanqamula izilwandle ngempumelelo ngaphezulu noma ngaphansi kwamanzi; sibone izinto emkhathini eziqhele ngebanga eliyizigidi eziyizinkulungwane ezingu-14 zeminyaka yejubane lokukhanya; sibone okwenzeka engqamuzaneni eliphilayo; sibuye sakhe imithi yokwelapha, siklame izindlela zokubhucunga nezinto zobuchwepheshe ezisisiza sikwazi ukuhlonza izifo futhi sizelaphe.

Ngisho noma bengasizwa yilutho, abantu abaphile kahle nabaqeqeshiwe bakwazi ukwenza izinto ezimangalisayo. Ngokwesibonelo, emidlalweni yama-Olympic abavocavoci bemizimba, abatshuzi abagxuma besendaweni ephakeme, abashibilika eqhweni nabanye benza ezibukwayo ngendlela elula, ubuciko, ikhono nobuhle obushiya izibukeli zikhexile.

Ingabe uyawazisa amakhono onawo njengomuntu? Kuyavunywa ukuthi ungase ungabi umdlali wama-Olympic, kodwa uneziphiwo eziningi ongabonga ngazo. Umlobi weBhayibheli wasendulo wazwakalisa ukwazisa kwakhe kuNkulunkulu ngehubo: “Ngizokudumisa ngoba ngenziwe ngokumangalisayo ngendlela eyesabekayo.”a (IHubo 139:14) Kungani ungacabangi ngalokho njengoba uhlola izihloko ezilandelayo? Lezi zihloko zizohlaziya ngokuningiliziwe ezinye zezimangaliso zomzimba womuntu kuhlanganise nezinye izici ezibalulekile ezisenza sehluke ngempela.

[Umbhalo waphansi]

a Abafundi abanesifiso sokwazi okuyiqiniso phakathi kwendalo nokuziphendukela kwemvelo, bangase bathande ukufunda incwajana ethi Ingabe Izinto Eziphilayo Zadalwa? nethi The Origin of Life—Five Questions Worth Asking. Lezi zincwajana zingatholakala koFakazi BakaJehova endaweni yakini noma kubanyathelisi balo magazini.

[Ibhokisi ekhasini 3]

SAKHEKE NGENDLELA ESENZA SONGE AMANDLA

Ukuma kwethu ngendlela eqondile konga amandla kakhulu ngoba kudingeka ukusebenza kwezicubu okungatheni ukugcina imizimba yethu imi iqondile. Empeleni, ‘sisebenzisa amandla engeziwe angamaphesenti angu-7 kuphela lapho simile kunalapho silele,’ kusho umcwaningi wesayensi yezinzwa uJohn R. Skoyles. Wenezela nokuthi inja isebenzisa amandla angaba amaphesenti angu-70 uma ime (ngayo yomine imilenze) kunalapho ilele.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela