Ingabe Izindebe Zakho “Ziyizitsha Eziyigugu”?
● “Kukhona igolide, nensada yamakhorali; kodwa izindebe zolwazi ziyizitsha eziyigugu,” kwabhala inkosi yasendulo uSolomoni. (IzAga 20:15) Igolide belilokhu liyigugu, kanti ezinsukwini zikaSolomoni, amakhorali nawo ayaziswa. Nokho, izindebe zethu zingaba yigugu nakakhulu kunalezi zinto. Kanjani? Hhayi ngenxa yendlela ezibukeka ngayo kodwa ngenxa yamazwi eziwakhulumayo.
Izindebe eziyigugu ziveza ubuhle, umusa nothando. Kanti ‘njengezindebe zolwazi,’ zikhuluma iqiniso ngoNkulunkulu njengoba lilotshwe eBhayibhelini. Yebo, le ncwadi yasendulo igcwele ukuhlakanipha neqiniso ngoMdali kuhlanganise neseluleko esihle kakhulu ngokuphila.—Johane 17:17.
Ngokudabukisayo, abantu abaningi bazisebenzisa kabi izindebe zabo ngokusho izinto ezingelona iqiniso ngoNkulunkulu. Ngokwesibonelo, abanye basola yena ngokungabi nabulungisa nokuhlupheka okusemhlabeni, okuningi kwakho okubangelwa yisintu ngokwaso. Mayelana nalokhu, izAga 19:3 zithi: “Abanye abantu bazilimaza ngezenzo zabo zobuwula bese besola iNkosi.”—Today’s English Version.
Abanye balulaza izindebe zabo ngokusebenzi-sa amazwi okubhuqa, inhlebo elimazayo noma ngisho ngokunyundela imbala. Zisebenzisa umfanekiso onamandla, izAga 26:23 zithi: “Izindebe ezishisayo kanye nenhliziyo embi zinjengesiliva elicwebezelayo elinanyekwe odengezini.” “Njengesiliva elicwebezelayo” elifihla udengezi olungaphansi, “izindebe ezishisayo,” ezidlulisela imizwelo enamandla ngisho neqotho imbala, empeleni zingafihla ‘inhliziyo embi.’—IzAga 26:24-26.
Kuyiqiniso ukuthi lobo bubi abufihlekile kuNkulunkulu. Ubona lokho esiyikho ngempela! UJesu washo kufanele ukuthi: “Hlanza kuqala ingaphakathi lendebe nelesitsha, ukuze nengaphandle lako lihlanzeke.” (Mathewu 23:26) Kuyiqiniso ngempela lokho! Ngaphezu kwalokho, ukuhlanzeka kwangaphakathi noma ubumsulwa, okuhambisana nenhliziyo egcwele iqiniso elingokomoya kuyobonakala emazwini ethu. Uyoba yini umphumela? Izindebe zethu ziyoba ‘yizitsha eziyigugu,’ ikakhulukazi emehlweni kaNkulunkulu.
[Isithombe ekhasini 19]
Izindebe zabahlakaniphile “ziyizitsha eziyigugu”