Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 5/11 kk. 20-21
  • Kungani Abalandeli BakaJesu Beqiniso Bezondwa?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kungani Abalandeli BakaJesu Beqiniso Bezondwa?
  • I-Phaphama!—2011
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Abaphikisi Bangase Benze Ngokungazi
  • Abanye Abaphikisi Banomona
  • Bazondwa Ngenxa ‘Yokungabi Yingxenye Yezwe’
  • Bangashintsha Yini Abantu Abenza Izinto Ezimbi?
    Funda KuMfundisi Omkhulu
  • UJesu Ukhetha USawulu
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Kungani USawulu Ashushisa AmaKristu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
  • “Zibambe Ngaphansi Kobubi”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2011
g 5/11 kk. 20-21

Umbono WeBhayibheli

Kungani Abalandeli BakaJesu Beqiniso Bezondwa?

“Abantu bayoninikela osizini banibulale, futhi niyoba yizinto zokuzondwa yizizwe zonke ngenxa yegama lami.”—MATHEWU 24:9.

UJESU washo lawo mazwi ezinsukwini ezimbalwa ngaphambi nje kokuba abulawe ngesihluku. Ngobusuku obandulela ukufa kwakhe, wathi kubaphostoli bakhe abathembekile: “Uma beye bashushisa mina, bayonishushisa nani.” (Johane 15:20, 21) Kodwa abantu babengabazondelani nje labo abalalela uJesu futhi abazama ukumlingisa? Angithi wazikhandla ngenxa yabanye, eduduza abahluphekile futhi enikeza abacindezelwe ithemba.

IBhayibheli lembula izizathu eziqondile zaleyo nzondo. Uma sihlola lezi zizathu, siyabona ukuthi kungani abantu abalandela uKristu namuhla bephikiswa ngendlela naye aphikiswa ngayo.

Abaphikisi Bangase Benze Ngokungazi

UJesu wathi kubalandeli bakhe: “Ihora liyeza lapho wonke umuntu onibulalayo eyocabanga ukuthi wenzé inkonzo engcwele kuNkulunkulu. Kodwa lezi zinto bayozenza ngoba abangazi mina noma uBaba.” (Johane 16:2, 3) Eqinisweni, iningi labashushisi lalithi likhonza yena kanye uNkulunkulu owayekhonzwa uJesu kodwa lalithonywe izinkolelo namasiko enkolo yamanga. Ngempela “banentshiseko ngoNkulunkulu; kodwa hhayi ngokolwazi olunembile.” (Roma 10:2) Omunye walaba bashushisi kwakunguSawulu waseTarsu, kamuva owaba umphostoli uPawulu ongumKristu.

USawulu wayengoweqembu elibizwa ngokuthi abaFarisi, ihlelo lamaJuda elalinamandla nethonya kwezombangazwe elalimelene nobuKristu. Kamuva uSawulu wavuma, “Ngangingumhlambalazi nomshushisi nomuntu oweyisayo.” Wabuye wathi, “Ngangingazi futhi ngenza ngenxa yokuntula ukholo.” (1 Thimothewu 1:12, 13) Kodwa, lapho esefunde iqiniso ngoNkulunkulu neNdodana yakhe, wazishintsha ngokushesha izindlela zakhe.

Lokhu kuye kwenzeka nakwabaningi namuhla ababengabashushisi. Ngaphezu kwalokho, abanye balaba bashushisi njengoSawulu, baye baba yizisulu zokushushiswa nabo ngokwabo. Noma kunjalo, abakaze babuyisele okubi ngokubi kodwa baye balandela iseluleko sikaJesu: “Qhubekani nithanda izitha zenu, nithandazela nalabo abanishushisayo.” (Mathewu 5:44) OFakazi BakaJehova balwela ukuwalalela la mazwi, benethemba lokuthi okungenani abathile kubaphikisi babo bayoshintsha njengoSawulu.

Abanye Abaphikisi Banomona

Abaningi ababephikisa uJesu bakwenza lokhu ngenxa yomona. Empeleni, umbusi ongumRoma uPontiyu Pilatu “wayeqaphela ukuthi abapristi abakhulu babemnikele ngenxa yomona [uJesu]” ukuze abethelwe. (Marku 15:9, 10) Kungani abaholi benkolo abangamaJuda babenomona ngoKristu? Phakathi kokunye, kwakuwukuthandwa kwakhe abantu abavamile, labo baholi ababebabukela phansi. AbaFarisi bakhala ngokuthi, “Izwe limlandele.” (Johane 12:19) Ngendlela efanayo, lapho kamuva abantu besabela kahle esigijimini sabalandeli bakaKristu, abaphikisi benkolo baphinde ‘bagcwala umhawu’ futhi bashushisa abashumayeli abangamaKristu.—IzEnzo 13:45, 50.

Ezinye izitha kwakuzicasula ukuziphatha okuhle kwezinceku zikaNkulunkulu. Umphostoli uPetru washo lokhu kumaKristu ayekanye nawo: “Ngenxa yokuthi aniqhubeki nigijima nabo kule nkambo eyisa echibini elifanayo eliphansi lokuzitika ngamanyala, bayakhungatheka futhi baqhubeke benihlambalaza.” (1 Petru 4:4) Isimo sengqondo esingesihle esifanayo siyabonakala namuhla. Kuyiqiniso ukuthi nakuba amaKristu eqiniso ekugwema ukuziphatha okubi, awazenzi abantu abalungile noma abangcono kunabanye. Empeleni lokho, kungaphambana nobuKristu, ngoba bonke abantu bayizoni futhi badinga isihe sikaNkulunkulu.—Roma 3:23.

Bazondwa Ngenxa ‘Yokungabi Yingxenye Yezwe’

IBhayibheli lithi: “Ningalithandi izwe noma izinto ezisezweni.” ( 1 Johane 2:15) Umphostoli uJohane wayebhekisela kuliphi izwe? Izwe lesintu elihlukanisiwe noNkulunkulu futhi elilawulwa uSathane. ‘Ungunkulunkulu waleli zwe.’—2 Korinte 4:4, The New Testament in Modern English; 1 Johane 5:19.

Ngokudabukisayo, abathile abathanda izwe nezindlela zalo ezimbi bayabaphikisa labo abazama ukuphila ngezimfundiso zeBhayibheli. Ngakho, uJesu wathi kubaphostoli bakhe: “Uma beniyingxenye yezwe, izwe belizothanda okungokwalo. Manje ngenxa yokuthi aniyona ingxenye yezwe, kodwa nginikhethile kuleli zwe, ngenxa yalokhu izwe liyanizonda.”—Johane 15:19.

Yeka ukuthi kudabukisa kanjani ukuthi abantu bazonda izikhonzi zikaJehova ngenxa yokungalithandi izwe eligcwele ukonakala, ukungabi nabulungisa, ubudlova nelibuswa uSathane! Abantu abaningi abanhliziyo ziqotho bafuna ukwenza leli zwe libe yindawo engcono, kodwa ngeke balibone elidlalayo kumbusi walo ongabonakali. UJehova uNkulunkulu kuphela ongasusa uSathane—futhi uyomsusa ngokumbhubhisa ngokuphelele, njengokungathi ngomlilo!—IsAmbulo 20:10, 14.

Lelo themba elihle liyisihluthulelo “ezindabeni ezinhle zombuso” eziyigugu oFakazi BakaJehova abazishumayela emhlabeni wonke. (Mathewu 24:14) Yebo, oFakazi bayaqiniseka ukuthi uMbuso kaNkulunkulu kuphela, uhulumeni wakhe awuphathise uKristu, oyoletha ukuthula okuhlala njalo nenjabulo emhlabeni. (Mathewu 6:9, 10) Ngakho, bayoqhubeka bememezela uMbuso, bebheka ukwamukelwa uNkulunkulu njengokubaluleke kakhulu kunokwamukelwa ngabantu.

INGABE WAKE WAZIBUZA?

● Kungani uSawulu waseTarsu ayephikisa abalandeli bakaKristu?—1 Thimothewu 1:12, 13.

● Ezinye izitha zikaJesu zazishukunyiswa yisiphi isimo sengqondo esibi?—Marku 15:9, 10.

● AmaKristu eqiniso alibheka kanjani izwe?—1 Johane 2:15.

[Isithombe ekhasini 21]

Ngo-1945, oFakazi BakaJehova bahlaselwa yisixuku eQuebec, eCanada, ngenxa yokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu

[Umthombo]

Courtesy Canada Wide

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela