Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 6/11 kk. 10-11
  • Okwenza Kube Nendaba Okushoyo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okwenza Kube Nendaba Okushoyo
  • I-Phaphama!—2011
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ongakwenza Ukuze Uthuthukise Indlela Okhuluma Ngayo
  • Khuluma ‘Okwakhayo’
    “Zigcineni Othandweni LukaNkulunkulu”
  • Ukusebenzisa Inkulumo Enhle Nsuku Zonke
    Incwadi Yokuchasisa Isikole Senkonzo EsingokwaseZulwini
  • Ungamjabulisa Kanjani UJehova Ngendlela Okhuluma Ngayo Nabanye?
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
  • Ingabe ‘Uyisibonelo’ Endleleni ‘Okhuluma’ Ngayo?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2022
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2011
g 6/11 kk. 10-11

Umbono WeBhayibheli

Okwenza Kube Nendaba Okushoyo

Ngemva kwengxoxo yabo epholile futhi engazi ukuthi umbhobho wokukhulisa izwi wawungakacinywa, undunankulu wabiza owesifazane osekhulile ayesanda kuxoxa naye ngokuthi nguzwi-lakhe futhi wakhalaza emalungwini ayekanye nawo ngokuthi bekungafanele amlethe kuye lona wesifazane. Isizwe sashaqeka ngendlela achaza ngayo lona wesifazane. Njengoba idumela lakhe lase lonakele, lo ndunankulu walahlekelwa isikhundla sakhe okhethweni olwalandela esinsukwini ezingu-8 kamuva.

AKEKHO umuntu ongalulawula ngokuphelele ulimi lwakhe. (Jakobe 3:2) Noma kunjalo, isenzakalo esingenhla sibonisa ukuthi esikushoyo kubalulekile. Idumela lakho, umgomo wakho ekuphileni kuhlanganise nokuphumelela nokwehluleka kobuhlobo bakho nabanye kuncike endleleni okhuluma ngayo.

Kodwa ingabe bewazi yini ukuthi amazwi akho enza okungaphezu kwalokhu? IBhayibheli lisitshela ukuthi okushoyo empeleni kuveza umuntu ongaphakathi, kwembula lokho oyikho ngempela. UJesu wathi: “Umlomo ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.” (Mathewu 12:34) Njengoba amazwi akho ebonisa imizwa, imicabango nemizwelo ekwenza uhluke kwabanye, kubalulekile ukuba uyihlolisise indlela okhuluma ngayo. Ingabe iBhayibheli lingasiza? Cabangela okulandelayo.

Ongakwenza Ukuze Uthuthukise Indlela Okhuluma Ngayo

Esikushoyo kwandulelwa imicabango. Ukuze uthuthukise indlela okhuluma ngayo, kudingeka uhlaziye futhi uthuthukise indlela ocabanga ngayo. Phawula ukuthi ukusebenzisa iZwi likaNkulunkulu kungayithonya kanjani imicabango yakho, yona eyobe isithonya lokho okushoyo.

Gcwalisa inhliziyo yakho ngezinto ezinhle. IBhayibheli lichaza lezo zinto ezinhle ngokuthi: “Noma yiziphi izinto eziyiqiniso, noma yiziphi izinto ezibaluleke ngempela, noma yiziphi izinto ezilungileyo, noma yiziphi izinto ezihlanzekile, noma yiziphi izinto ezithandekayo, noma yiziphi izinto okukhulunywa kahle ngazo, noma yibuphi ubuhle obukhona nanoma yini ekhona ekufanelekelayo ukudunyiswa, qhubekani nicabanga ngalezi zinto.”—Filipi 4:8.

Ukulandela leso seluleko esihle kuyokusiza ulahle imicabango engafanele. Khumbula ukuthi imicabango yakho ithonywa yilokho okubonayo nalokho okufundayo. Ngakho, ukuze ugweme imicabango engalungile nengahlanzekile, gwema amathonya angalungile. Lokhu kusho ukuziqhelelanisa nezokuzijabulisa ezinobudlova neziyichilo. (IHubo 11:5; Efesu 5:3, 4) Kunalokho, gxilisa ingqondo yakho emicabangweni ehlanzekile nelungile. IBhayibheli lingakusiza wenze kanjalo. Ngokwesibonelo, funda izAga 4:20-27; Efesu 4:20-32 noJakobe 3:2-12. Phawula indlela okungakusiza ngayo ukusebenzisa izimiso ezikule miBhalo ukuze uthuthukise indlela okhuluma ngayo.a

Kuhlaziye ngokucophelela lokho ozokusho. “Kukhona ophahluka njengokuhlaba kwenkemba, kodwa ulimi lwabahlakaniphile lungukuphulukisa,” kusho izAga 12:18. Uma uthola ukuthi uhlale ‘uhlaba’ noma ulimaza imizwa yabanye, uyobe wenza kahle ngokuzama ukucabanga ngaphambi kokuba ukhulume. Lalela iseluleko esihle kakhulu esisencwadini yezAga 15:28: “Inhliziyo yolungileyo iyazindla ukuze iphendule, kodwa umlomo wababi uphuphuma izinto ezimbi.”

Zama ukuzibekela umgomo. Kule nyanga ezayo, zimisele ukungayisho into efika kuqala engqondweni yakho, ikakhulu uma ucasukile. Kunalokho, cabanga ngemiBhalo ekhonjiwe kulesi sihloko futhi uzame ukukhuluma ngendlela ebonisa ukuhluzeka, enothando nezolile. (IzAga 15:1-4, 23) Kodwa akupheleli lapho.

Thandazela usizo lukaNkulunkulu. Umlobi weBhayibheli wathandaza: “Amazwi omlomo wami nokuzindla kwenhliziyo yami makujabulise phambi kwakho, Jehova.” (IHubo 19:14) Tshela uJehova ngesifiso sakho sokukhuluma ngendlela emjabulisayo neyenza abanye bakujabulele ukuba nawe. IzAga 18:20, 21 zithi: “Yenza amazwi akho abe mahle—kuyokujabulisa lokho. Amazwi angabulala noma aphilise!”—Contemporary English Version.

Sebenzisa IZwi likaNkulunkulu njengesibuko. IBhayibheli linjengesibuko ongazihlola kuso. (Jakobe 1:23-25) Ngokwesibonelo, njengoba ucabanga ngalezi zimiso zeBhayibheli ezintathu ezilandelayo, zibuze, ‘Inkulumo yami nedumela lami kunjani uma ngikuqhathanisa nazo?’

“Impendulo, lapho imnene, iyakunqanda ukufutheka, kodwa izwi elibangela ubuhlungu lenyusa intukuthelo.” (IzAga 15:1) Ingabe ukhuluma ngobumnene nangendlela enokuthula?

“Makungaphumi lizwi elibolile emilonyeni yenu, kodwa noma yiliphi izwi elakhayo kuye ngokwesidingo, ukuze lidlulisele okuhle kwabezwayo.” (Efesu 4:29) Ingabe inkulumo yakho iyakha kulabo onabo?

“Amazwi enu ngaso sonke isikhathi mawabe nomusa, ayoliswe ngosawoti, ukuze nazi ukuthi kufanele nimphendule kanjani umuntu ngamunye.” (Kolose 4:6) Ingabe uyazama ukwenza okushoyo kube nomusa futhi kube lula ukuba abanye bakuzwe, ngisho nangaphansi kwezimo ezinzima?

Ngokulungisa izinto ezingezinhle ozibona esibukweni, ubukeka kahle ngokwengeziwe kwabanye futhi uzizwa kangcono. Uzozuza ngendlela efanayo uma uthuthukisa indlela okhuluma ngayo ngokuzibuka esibukweni esiyiZwi likaNkulunkulu.

[Umbhalo waphansi]

a Ungazifundela iBhayibheli lesiNgisi engosini ye-Internet ethi www.watchtower.org.

INGABE WAKE WAZIBUZA?

● Ibonisani inkulumo yakho?—Luka 6:45.

● Kufanele ukhulume kanjani nabanye?—Efesu 4:29; Kolose 4:6.

● Iziphi izinto ezingokoqobo ongazenza ukuze uthuthukise indlela okhuluma ngayo?—IHubo 19:14; Filipi 4:8.

[Isithombe ekhasini 11]

Esikushoyo kuyalithinta idumela lethu nobuhlobo bethu nabanye

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela