Isipho Somculo
UCABANGA ukuthi ukuphila kunganjani ngaphandle komculo? Ingekho imilolozelo. Zingekho izingoma zothando. Zingekho izingoma ze-pop ezikwenza unyakaze. Ungekho umculo wezinsimbi. Ingekho neminkenenezo emnandi evusa usinga. Abantu abaningi bebeyokubheka njengokuphila okungajabulisi neze.
Ngempela, umculo uyithinta yonke imizwelo yabantu. Usenza sizole futhi uyasijabulisa, usikhuthaze, usishukumisele nasesenzweni. Usenza sivukwe usinga ubuye usikhalise. Ngaphezu kwalokho, ngenxa yokuthi umculo ukhuluma nenhliziyo, unamandla. Kungani usithonya kangaka umculo? Impendulo ilula kakhulu: Umculo uyisipho esihle esivela kuNkulunkulu. (Jakobe 1:17) Njengoba kunjalo, kufanele siwazise, kufanele uhlanzeke futhi kufanele utholakale kubo bonke abantu—abancane nabadala.
Umculo unomlando omude. Ngokwesibonelo, ubufakazi bemivubukulo bubonisa ukuthi emakhulwini amaningi eminyaka ngaphambi kweNkathi Evamile, izizwe zase-Afrika zazishaya ugubhu, amacilongo nezinsimbi. AmaShayina asendulo ayedlala imfiliji nemitshingo eyenziwe ngoqalo. Abantu baseGibhithe, abaseNdiya, abakwa-Israyeli nabaseMesophothamiya babedlala ihabhu. Mhlawumbe indima ebhekisela emculweni ngokuqondile yileyo etholakala eBhayibhelini kuGenesise 4:21. Kulo mBhalo sifunda ukuthi umuntu okuthiwa uJubali waba “nguyise wabo bonke abaphatha ihabhu negemfe.” Emakhulwini amaningi kamuva, uSolomoni iNkosi yakwa-Israyeli yayiwuthanda kakhulu umculo futhi yazitholela ukhuni olungcono kakhulu kwezazitholakala ukuze yakhe amahabhu nezinye izinsimbi zomculo ezinezintambo.—1 AmaKhosi 10:11, 12.
Kuyiqiniso ukuthi ukuze ujabulele umculo wezinsimbi ngaleziya zikhathi, kwakudingeka ukwazi ukudlala insimbi yomculo noma ulalele othile okwaziyo. Kodwa namuhla, umculo usuyatholakala ezigidini zabantu ngokucindezela nje inkinobho noma nge-computer. Empeleni, zonke izinhlobo zawo zingaqoshwa noma zithathwe kuyi-Internet bese zidlalwa ngemishini emincane nje engena ekhukhwini. Kwelinye izwe eliseNtshonalanga, ucwaningo lwango-2009 lwembula ukuthi izingane ezineminyaka engu-8 kuya kwengu-18 zichitha amahora angaphezu kwamabili ngosuku zilalele umculo nezinye izinto eziqoshiwe.
Le ndlela yokwenza evamile, iyabonisa ukuthi kungani umculo neminye imishini yokudlala nokuqopha umculo sekuyimikhiqizo emikhulu yezentengiselwano. Ngempela, umculo uyibhizinisi elikhulu. Kodwa ingabe wake wazibuza ukuthi yini edingekayo ekukhipheni ingoma ezodla ubhedu?
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 3]
Umculo Kuyi-Internet
UKUWUTHATHA: Ngokuvamile abantu abasebenzisa i-Internet bayawukhokhela umculo abawuthatha kuyo bese uba ngowabo. Abanye basebenzisa izindlela ezithile ukuze bawuthole njalo—ngokuvamile lapho benenkontileka kamakhalekhukhwini noma bawuthenge ngezinye izindlela—okubenza bakwazi ukuwuthatha futhi bawudlale phakathi nenkathi yenkontileka.
UKUWUDLALA: Umculo owudlala kuyi-Internet ngaphandle kokuwuthatha. Umculo omningi odlalwa kuyi-Internet awukhokhelwa, nakuba ukhona othile okhethekile okhokhelwayo.
[Ishadi/Izithombe ekhasini 3]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
Umlando Wezinto Zokuqopha Umculo
Ngawo-1880
Igilamafoni
Ngawo-1890
I-Steel wire
Ngawo-1940
I-Reel-to-reel tape
Ngawo-1960
Ikhasethi
Ngawo-1980
I-CD
Ngawo-1990
Ama-Digital audio file (MP3, AAC, WAV, njll.)