Izindlela Izinyoni Ezibamba Ngazo Izinhlanzi
ABADOBI—kungaba abantu noma izinyoni—banezinselele ezintathu eziyinhloko okumelwe babhekane nazo: (1) ukuthola izinhlanzi, (2) ukusondela kuzo, (3) kanye nokuzibamba.
Indlela ejwayelekile eyayisetshenziswa abadobi baseGibhithe ngezikhathi zakudala kwakuwukugwaza izinhlanzi ngomcibisholo. Laba badobi babesebenzisa izindlela ezifanayo nalezo eziye zasetshenziswa izinyoni ezithile zohlobo lwendwandwe bengakaphushwa nakuphushwa abadobi abangabantu.
Indwandwe empunga, inyoni evame kakhulu esizalweni seNayile eGibhithe, isebenzisa uqhwaku lwayo olucijile njengomkhonto ukuze igwaze inhlanzi. Ingagwaza ngisho nezinhlanzi ezimbili ngesikhathi esisodwa futhi ingadla izinhlanzi ezingaphezu kwengxenye yekhilogremu ngosuku. Kungashiwo ukuthi indwandwe iyamedlula umdobi ongumuntu ngokuhlakanipha.
Ngokuvamile, izindwandwe ziyasicathamela isisulu bese zisibamba. Le nyoni ihamba kancane emanzini angajulile noma ivele ime ingathi nyaka, uqhwaku lwayo lube lumi ngomumo. Uma inhlanzi isondela eduze ngokwanele, le nyoni ibe isifaka ikhanda layo emanzini iyibambe ngoqhwaku lwayo. Ngokuvamile isineke yiso esiyenza iphumelele le nyoni.
Ukudoba Ngokuyenga Ngokudla
Ngokwencwadi ethi The Life of Birds, izindwandwe zaseJapane eziluhlaza emhlane kubonakala sengathi zilingisa abantu abaphakela izinhlanzi ezihlala emachibini okwenziwa. Lezi zinyoni ezihlakaniphile zisebenzisa izincezu zesinkwa ukuze ziyenge izinhlanzi zisondele ukuze zizozibamba kalula.
Ilanda laseCaribbean nalo lisebenzisa isinkwa ukuze liyenge izinhlanzi. Amalanda akwazi ukubamba izinhlanzi ngisho nangaphandle kokudla kokuziyenga, esebenzisa izinyawo zawo eziphuzi. Eme ngonyawo olulodwa emanzini angajulile, anyakazisa olunye unyawo emanzini ukuze ayenge izinhlanzi ezinelukuluku.
Isu Lokuhlwitha Uhambe
Izinyoni zizibamba ngezindlela ezihlukahlukene izinhlanzi. Izinkozi ezidla izinhlanzi, ngokuvamile okuthiwa ama-osprey, zingachazwa kangcono ngokuthi abadobi abahlwithayo bese behamba. Zindiza phezu kwamanzi, zilokhu zibhekisisa izinhlanzi ezibhukudela maphezulu namanzi. Lapho ziyibona inhlanzi, zisonga amaphiko bese zitshuza zisuka emoyeni ziqonde emanzini, ziqikelele ukuthi ziqondana kahle nenhlanzi bese ziyihlwitha ngezinzipho zayo. Le ndlela yokubamba izinhlanzi idinga ukusicupha kahle isikhathi neso elibukhali.
Ngezinye izikhathi ukhozi lwase-Afrika oludla izinhlanzi luye luthole ukuthi inhlanzi oluyibambe ngezinzipho isinda kakhulu ukuba lungaphakama nayo. Kungenzeka le nhlanzi inesisindo esingafinyelela kumakhilogremu angu-2,7! Lube selwenzani-ke ukhozi? Izazi zemvelo ziye zabona ezinye izinkozi zisingatha le nkinga ngokugwedla amanzi ngamaphiko ziye osebeni!
Zishona Ngaphansi Kwamanzi Ukuze Zithole Ukudla
Ama-gannet nama-booby nawo angena emanzini ukuze athole izinhlanzi, kodwa wona atshuza angene emanzini ngekhanda. Idlanzana lalezi zinyoni lindiza ndawonye lifuna ifu lezinhlanzi ezibhukudela maphezulu namanzi. Lezi zinhlanzi ezinombala osasiliva zishintsha ukubukeka kolwandle okuluhlaza okwesibhakabhaka kube luhlaza njengotshani obuphaphathekile uma uzibuka uphezulu. Lapho ama-gannet nama-booby ebona lo mbala oluhlaza, kusuka isidumo.
Ngemva kokubona ifu lezinhlanzi, ama-gannet aphonseka emanzini njengemicibisholo ngesivinini esifinyelela emakhilomitheni angu-96. Lezi zinyoni zenza umbukwane ongase ufaniswe nomqhudelwano wabatshuzi bemidlalo ye-Olympic. Ezinye ziyakuqaphela lokhu bese nazo zigaleleka kule ndawo zizozitika.
Ngokungefani nezindwandwe, ama-booby nama-gannet awayigwazi inhlanzi lapho engena emanzini. Umfutho angena ngawo emanzini uwafinyelelisa ekujuleni okungamamitha amaningana. Kube sekuthi lapho esebhukuda eyophumela ngaphezu kwamanzi, abambe inhlanzi ayigwinye iphelele.
Ama-tern nawo anekhono elihle, kodwa wona andizela phansi noma ashaye amaphiko emi ndawonye ngaphezu kwamanzi. Incwadi ethi Handbook of the Birds of the World ithi kunokuba atshuzele emanzini njengoba kwenza ama-booby nama-gannet, ama-tern asebenzisa “ikhono, isizotha futhi aphenduphenduka kalula uma endiza.” Acaphuna inhlanzi ebhukudela maphezulu emanzini. Ngezinye izikhathi athi ukuyijaha inhlanzi ngaphansi kwamanzi.
Ukuzingela Izinhlanzi Njengeqembu
Amavuba angase abukeke exakile ngenxa yoqhwaku lwawo olukhulu kodwa anekhono lokundiza nelokubamba izinhlanzi. Amavuba ansundu avame ukungena ngaphansi kwamanzi ukuze athole ukudla, kanti futhi angase ahlwithe izinhlanzi kubadobi bendawo njengoba bedonsa amanetha abo anezinhlanzi. Kodwa amavuba angompetha ekuzingeleni izinhlanzi njengeqembu.
Ngokwemvelo, amavuba ahamba njengamaqembu. Okuphawuleka kakhulu kuwo umkhuba wawo wokubambisana lapho ebamba izinhlanzi. Ngokujwayelekile, izinyoni eziningana zindiza zifike zihlale emanzini bese zenza okusasiyingi. Azisheshi lapho zibhukuda, ziqhuba isixuku sezinhlanzi zisiyise endaweni engajulile lapho kuzoba lula khona ukuzibamba. Izinhlanzi zithi zingafika kule ndawo, lezi zinyoni zivule amaphiko zishone ngaphansi kwamanzi kanyekanye, bese zizibamba ngoqhwaku zizigwinye.
Yiqiniso ukuthi njengoba kunjalo nanganoma imuphi umdobi ongumuntu, izinyoni nazo zivamile ukwehluleka lapho zithi zibamba izinhlanzi. Kodwa izinga eziphumelela ngalo liphakeme kakhulu uma ziqhathaniswa nezimbangi zazo ezingabantu.
[Isithombe ekhasini 12]
Ukhozi lwase-Afrika oludla izinhlanzi
[Umthombo]
Photolibrary
[Isithombe ekhasini 12]
Indwandwe empunga
[Isithombe ekhasini 13]
Ama-gannet aseNyakatho
[Isithombe ekhasini 13]
I-tern evamile
[Isithombe ekhasini 13]
Amavuba ase-Australia