“Umshini Ofunda Izinto Onamandla Kunayo Yonke Endaweni Yonke”
UBUCHOPHO bomntwana buye babizwa ngokuthi “umshini ofunda izinto onamandla kunayo yonke endaweni yonke,” futhi kube kufanele. Usana lufika emhlabeni lulungele ukufunda ngezinto oluzibonayo, imisindo oluyizwayo nezinye izinto eziluzungezile ezithinta izinzwa zalo.
Ngaphezu kwakho konke, usana luyachazeka uma lubona abanye abantu—ubuso babo, lizwa amaphimbo abo noma luthintana nabo. Incwadi ka-Penelope Leach ethi Babyhood, ithi: “Kwenziwe ucwaningo oluningi ngezinto ezikhanga usana, imisindo elukhangayo nezinto ezilujabulisayo ngokomzwelo olungathanda kakhulu ukuphinde luzenze. Konke lokhu lukuthola njalo kumuntu omdala olunakekelayo.” Yingakho abazali bedlala indima ebaluleke kangaka ekukhuleni kwengane!
“Ngangikhuluma Njengosana”
Abazali nodokotela bezingane liyabamangaza ikhono losana lokukwazi ukufunda ulimi ngokulalela nje kuphela. Abacwaningi bathole ukuthi ngezinsuku ezimbalwa nje, usana lusuke selulijwayele iphimbo likanina futhi lukhetha lona kunelomuntu elingamazi; ngamasonto ambalwa lusuke seluwuzwa umehluko phakathi kwemisindo yolimi lwabazali balo nemisindo yezinye izilimi; kanti ngezinyanga ezimbalwa nje luyakwazi ukuzwa izikhawu eziphakathi kwamagama ngenxa yalokho luyawuzwa umehluko phakathi kwenkulumo evamile nemisindo nje engasho lutho.
Umphostoli ongumKristu uPawulu wabhala: “Ngesikhathi ngisewusana, ngangikhuluma njengosana.” (1 Korinte 13:11, Modern King James Version) Lukhuluma kanjani usana? Ngokuvamile luyabhibhidla. Ingabe lokhu kuwumsindo nje ongathi shú? Phinde! Encwadini yakhe ethi What’s Going On in There?—How the Brain and Mind Develop in the First Five Years of Life, uDkt. Lise Eliot usikhumbuza ukuthi ukukhuluma “kuyikhono eliyinkimbinkimbi, elidinga ukuxhumana okusheshayo kwemisipha eminingi elawula izindebe, ulimi, ulwanga nomphimbo.” Uyenezela: “Yize ukubhibhidla kungase kubonakale kuyindlela nje ingane ezifunela ngayo ukunakwa, kubuye kube indlela ebalulekile yokuzijwayeza inqubo eyinkimbinkimbi yokukhuluma.”
Uma usana lubhibhidla abazali basabela ngokuluteketisa, kanti nalokhu kufeza injongo ethile. Ukuteketisa usana kulwenza lusabele. Lokhu kuxhumana kufundisa usana indlela eyisisekelo yokukhulumisana—ikhono oluyolisebenzisa ukuphila kwalo konke.
Ukuguquka Kwendima
Abazali abanezinsana bahlale bematasa benakekela izidingo zansuku zonke zezinsana zabo. Lapho umntwana ekhala, ukhona ozomnika ukudla. Uma ephinda ekhala, ukhona ozomshintsha inabukeni. Uma ephinda ekhala, ukhona ozomgona. Ukumnaka ngale ndlela kuyafaneleka futhi kuyadingeka. Kuyindlela eyinhloko abazali abagcwalisa ngayo indima yabo yokuba abanakekeli.—1 Thesalonika 2:7.
Uma sicabangela lokhu okungenhla, kumane kungokwemvelo ukuba umntwana acabange ukuthi ubaluleke kunawo wonke umuntu emhlabeni nokuthi abantu abadala—ikakhulu abazali—baphilela ukunakekela izidingo zakhe. Lowo mbono uyiphutha kodwa uyaqondakala. Khumbula ukuthi isikhathi esingaphezu konyaka, yilokho kanye obekulokhu kwenzeka kuye. Ngokombono wakhe, uyinkosi yombuso ogcwele abantu abakhulu ababekelwe ukuba benze yonke into ayifunayo. Umeluleki wemikhaya uJohn Rosemond uyabhala: “Kuthatha iminyaka ecishe ibe mibili nje kuphela ukuhlwanyela lo mbono oyiphutha; bese kuthatha okungenani engu-16 ukuwulungisa! Okudidayo ukuthi, ngumzali owenza ingane yakhe ikholelwe yile nsumansumane, gwiqiqi, kancane kancane akushintshe lokho abese eyifundise khona.”
Lapho isiyohlanganisa iminyaka emibili, ingane iyaqaphela ngempela ukuthi lo mbono enawo uyize njengoba umzali eyeka ukuba umnakekeli eba umfundisi. Ngalesi sikhathi ingane iyaqaphela ukuthi abazali abalawulwa yiyo, kunalokho yiyo okulindeleke ukuba ilawulwe yibona. Umbuso wengane usugumbuqelwe futhi ingase ingakwamukeli kalula lokho. Ikhungathekile, ingase izabalaze izama ukulawula abazali bayo. Kanjani?
Ukubhekana Neconsi Lengane
Lapho beneminyaka engaba mibili, abantwana abaningi babonisa ushintsho endleleni yokuziphatha, ngokuvamile okuhlanganisa iziqubu zesififane okuthiwa iconsi. Le nkathi ibakhungathekisa kakhulu abazali kangangokuthi basebenzisa inkulumo ethi “ineconsi”! Kungazelelwe, ujahidada usethanda inkulumo enjengokuthi “Hhayi!” noma “Angifuni!” Angase akhungathekiswe isimo sakhe ngokwakhe nangabazali bakhe njengoba elwa nemizwa yakhe engqubuzanayo. Ufuna ukusuka eduze kwakho, kodwa ngesikhathi esifanayo ufuna ukuba seduze kwakho. Kubazali abadidekile, lokhu kubonakala kungenangqondo ngempela futhi kuncane kakhulu okubonakala kusebenza. Kwenzenjani?
Ake ucabange ngezinguquko eziyisisekelo ezenzeke ekuphileni kwalo jahidada. Kuze kube muva nje, ubevele azitetemele bese abadala beza begijima. Manje uqala ukuqaphela ukuthi lo “mbuso” wakhe bekungowesikhashana nokuthi sekuzodingeka azenzele ezinye izinto. Uya ngokuya eqaphela ukuthi kudingeka azithobe, into iBhayibheli eliyifingqa ngala mazwi: “Bantwana, lalelani abazali benu kukho konke.”—Kolose 3:20.
Phakathi nalesi sikhathi esinzima, abazali kufanele bawabambe bawaqinise amatomu. Uma benza kanjalo ngendlela eqinile kodwa enothando, ingane iyozivumelanisa nendima yayo entsha. Ngaleyo ndlela iyobe isizilungele izigaba zokukhula ezimangalisayo ezilandelayo.
Imikhuba Yokuziphatha
Izilwane, ngisho nemishini kungawezwa amagama kulingise nenkulumo. Kodwa umuntu kuphela okwazi ukuhlehlela emuva futhi azihlole. Khona-ke, uma ingane isineminyaka emibili noma emithathu, iyakwazi ukuba nomuzwa wokuziqhenya, amahloni, umuzwa wecala kanye nokuhlazeka. Lezi izikhathi eqala ngazo ukuba nezimfanelo zokuziphatha ezokhula nazo ibe umuntu omdala ongakwazi ukukumelela ngokuqinile okulungile ngisho noma abanye benza okungalungile.
Ngalesi sikhathi, abazali bayajabula njengoba bebona esinye isimanga. Ingane yabo isiqala ukuqaphela imizwa yabanye abantu. Nakuba ngenkathi ineminyaka emibili, ibimane idlala eceleni kwezinye izingane, manje isiyakwazi ukudlala nazo. Isiyaqaphela nalapho abazali bayo beneme futhi ingase ifune ukubajabulisa. Ngakho, cishe seyingafundiseka kakhudlwana.
Le ngane esineminyaka emithathu isiqala ukufunda umehluko phakathi kokulungile nokungalungile, okuhle nokubi. Ngokusobala, lesi isikhathi sokuba abazali baqeqeshe izingane zabo benomgomo wokuzisiza zibe abantu abadala abakwazi ukuzimela.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 5]
Ngezinsuku ezimbalwa nje, usana lusuke selulijwayele iphimbo likanina futhi lukhetha lona kunelomuntu elingamazi
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 6]
Le ngane esineminyaka emithathu isiqala ukufunda umehluko phakathi kokulungile nokungalungile, okuhle nokubi
[Ibhokisi ekhasini 6]
OKWENZA INGANE IVUKWE ICONSI
UJohn Rosemond uyabhala kwethi New Parent Power, “Abanye abazali bacabanga ukuthi ingane iba neconsi ngoba benze iphutha elithile lapho besabela kulokho ekufunayo. Babona kufaneleka ukuthi uma kuyibo ababangele ingane ukuba ivukwe iconsi, balungise iphutha labo ngokushesha. Ngakho, ngemva kokuba beqale ngokwenqaba, babe sebevuma. Noma ngemva kokushaya ingane, bayinika okungaphezu kwalokho ebikade ikufuna ukuze bagqibe umuzwa wecala. Ukwenza lokhu kuyasilungisa isimo. Iconsi liyehla, abazali bayakhululeka, kepha ingane njengoba ibonile ukuthi iconsi liyayisiza ithole izinto ezifunayo, iyaqhubeka nalo mkhuba.”