Imikhaya Yokutholwa Eyaphumelela
SESIYEZWANA
Indodakazi kaPhilip eneminyaka engu-20, u-Elise, yayihlala ekhaya futhi yenza imisebenzi yasekhaya eminingi. Ngemva kokuba uPhilip eshade noLouse, ingabe usingamzali nendodakazi yakhe yokutholwa babezokwazi ukwakha ubudlelwano obuhle?
ULouse: Kwaqale kwaba nzima kakhulu. Ngiyakujabulela ukuba sekhaya futhi ngangifuna ukuqiniseka ukuthi yimina umama wekhaya.
U-Elise: ULouise wayihlela kabusha indlu futhi walahla izinto eziningi. Ngesinye isikhathi ngaqoqa kodwa ngabeka izinto endaweni engafanele, ngoba ngingasazi ukuthi sezihlalaphi. Lokhu kwamthukuthelisa uLouise, mina naye sasho amazwi ahlabayo, futhi kwaphela isonto lonke singakhulumisani.
ULouise: Ngesinye isikhathi, ngatshela u-Elise, “Angazi ukuthi kwenziwa njani uma sekunje, kodwa angikwazi nje ukuphila ngaphansi kwalesi simo.” Weza kimi kamuva ngalobo busuku waxolisa. Ngamanga, sakhala sobabili.
U-Elise: ULouise waziyeka ezinye zezithombe zami ezazisodongeni, futhi noBaba akazisusanga izibani engangizifake egumbini lokuphumula. Kuzwakala kuyinto engasho lutho, kodwa ukuziyeka kwabo lezi zinto kwangisiza ngaba nomuzwa wokuthi alikakangilahlekeli ikhaya. Ngiyayazisa kakhulu indlela uLouise anakekela ngayo umfowethu omncane uma esivakashele. Sekuyiminyaka emibili manje, futhi sengiqala ukumbheka njengelungu lomkhaya langempela.
ULouise: Nginomuzwa wokuthi akukhona nje ukuthi sihlala ndawonye, mina no-Elise sesingabangane ngempela.
“UBUNYE BUBALULEKE KAKHULU”
U-Anton wafika nezingane zakhe ezintathu kanjalo noMarelize lapho beshada eminyakeni eyisithupha edlule.
U-Anton: Singcebeleka ndawonye njengomkhaya, futhi sichitha isikhathi ndawonye nengane ngayinye. Kwasithatha iminyaka ukuba sizizwe sinjengomkhaya, kodwa izinkinga eziningi zomkhaya wethu sezilungisiwe.
UMarelize: Sinomuzwa wokuthi kubalulekile ukubheka izingane “njengezethu,” hhayi “njengezakho noma ezami.” Ngikhumbula ngesinye isikhathi lapho nganginomuzwa wokuthi u-Anton uthethise abafana bami kungafanele futhi wanika indodakazi yakhe indawo ethandwa yiyo emotweni. Ngafunda ukuthi ubunye bomkhaya bubaluleke ukwedlula ukuhlala esihlalweni esiphambili emotweni. Siyazama ukungenzeleli ngisho noma kungenakwenzeka ukubaphatha bonke ngendlela efana ncamashí.
Ngiyakugwema nokukhuluma ngezikhathi ezimnandi zasemkhayeni odlule, ngenxa yokuthi labo ababengekho bangase bazizwe bengamukelekile. Kunalokho, ngibonisa ukwazisa kakhulu ngomkhaya esinawo manje.
“QALA NGOKUNCOMA”
UFrancis washada no-Cecelia eminyakeni emine edlule. Umkhaya wabo uhlanganisa izingane ezintathu ezindala nomfana oseyibhobhodlana.
UFrancis: Ngizama ukuba ongenekayo futhi ngiyakugwema ukucasuka kalula. Sidla ndawonye njalo futhi sisebenzise lesi sikhathi ukuze sixoxe ezomndeni. Ngibakhuthaza bonke ukuba banakekele imisebenzi yabo yasekhaya, ngoba lokhu kuzuzisa wonke umkhaya.
UCecelia: Ngichitha isikhathi nengane yethu ngayinye ngizwe ukuthi yini eyesabayo neyikhathazayo. Lapho sihlangene njengomkhaya, sizama ukuqale sibancome ngemva kwalokho bese sibakhuthaza ezindaweni okufanele bathuthukise kuzo. Lapho ngenza amaphutha, ngiyawavuma bese ngixolisa ngokusuka enhliziyweni.
NGAKHULISWA ABAZALI BOKUTHOLWA
UYuki, oneminyaka engu-20, wagcina ukubona uyise lapho eseneminyaka eyisihlanu. Kamuva unina washada noTomonori, kodwa washona lapho uYuki eneminyaka eyishumi. Eminyakeni eyisihlanu kamuva, uYuki wazithola esehlala nabazali bokutholwa.
UYuki: Lapho usingababa enquma ukuthi uzophinde ashade, ngacabanga, “Angimdingi usingamama. Luningi ushintsho oselwenzekile ekuphileni kwami.” Ngenqaba ukusamukela isimo futhi ngangamphatha kahle.
UMihoko: Ngisho noma umyeni wami engazange angicindezele ukuba ngithande indodana yakhe njengaye, nganquma ukuzama ukwakha ubuhlobo noYuki. Senza konke okusemandleni ukuba sizivumelanise nesimiso sakhe, kuhlanganise izinto ezingokomoya, ukuzijabulisa nokudla ndawonye kanye ngosuku kusihlwa futhi sixoxe ngemva kwalokho. Ngamazi kangcono ngemva kokuba sikhulume ngokushona kukanina.
Lapho sengikhulelwe, sakhathazeka ngoYuki futhi safuna ukuba azi ukuthi indawo yakhe ilondekile emkhayeni. Samvumela ukuba afunze futhi ageze umntwana amshintshe namanabukeni, futhi sasimncoma naphambi kweningi ngosizo lwakhe. U-Itsuki omncane umthanda kabi uYuki. Ngaphambi kokuba afunde igama elithi “baba” noma elithi “mama,” wayesekwazi ukuthi niinii—okusho ubhuti.
UYuki: Uma uyingane yokutholwa, kuvamile ukuba uzizwe uwedwa futhi ulahliwe. Ungazama ukuchazela abanye isimo sakho, kodwa bangase bangakuqondi. Nokho, ngiyajabula ukusho ukuthi amaKristu esikanye nawo angisekele ngempela. Manje angisamxwayi usingamama. Unginika izeluleko ezinhle, futhi ngiyakwazi ukukhuluma naye ngokusuka enhliziyweni.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 9]
Yiba nesineke! Imikhaya yokutholwa ingajabula futhi iphumelele