Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 6/12 k. 4
  • 1. Thenga Ngokuhlakanipha

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • 1. Thenga Ngokuhlakanipha
  • I-Phaphama!—2012
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Indlela Yokwenza Ukudla Kuphephe Kakhudlwana
    I-Phaphama!—2001
  • Kuzoba Nokudla Okunempilo Kwabo Bonke—Maduze!
    I-Phaphama!—2012
  • 3. Lungisa Ukudla Bese Ukubeka Kahle
    I-Phaphama!—2012
  • Ingabe Udla Kahle Ngokomoya?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2012
g 6/12 k. 4

1. Thenga Ngokuhlakanipha

UMA ungazilimeli ukudla, cishe ukudla ozokudla uqala ukukubona emakethe noma esitolo. Uma uthenga, ungakukhetha futhi ukuthenge kanjani ukudla okunempilo?

● Hlela ukuthi uthenga kanjani.

I-Food Safety Information Council e-Australia yeluleka kanje: “Qala ngokuthenga ukudla okungonakali ngokushesha. Ukudla okugcinwa eziqandisini kufanele ugcine ngakho.” Kanti uma uzothenga ukudla okushisayo, kuthenge ngaphambi nje kokubuyela ekhaya.

● Khetha ukudla okusha.

Zama ukuthenga ukudla okusha uma kungenzeka.a URuth, umama wezingane ezimbili eNigeria, uthi: “Ngivame ukuya emakethe ekuseni kakhulu lapho ukudla kusesesimweni esihle.” U-Elizabeth waseMexico, naye uthenga ukudla emakethe. Uthi: “Emakethe ngithenga imifino nezithelo ezintsha, futhi ngiyazikhethela. Njalo ngithenga inyama yesilwane esihlatshwe ngalelo langa. Uma kudingeka, leyo esalile ngiyifaka esiqandisini ibe yiqhwa.”

● Kuhlole ukudla.

Zibuze: ‘Ingabe imifino yami ibonakala inempilo? Ingabe inyama ayinalo iphunga elingathandeki?’ Uma ukudla ukuthenga sekusongwe ngento yakhona, ibhekisise leyo nto. Izinto zokuphatha ukudla ezilimele zingenza amabhakteriya ayingozi akwazi ukungena.

UChung Fai, oyaye athenge ukudla esitolo esikhulu eHong Kong uthi: “Kubalulekile nokubheka usuku okudlulelwa ngalo isikhathi lokho kudla.” Kungani? Ochwepheshe baxwayisa ngokuthi ngisho noma ukudla “osekudlulelwe yisikhathi” kubonakala kusekahle, kunuka kahle futhi kunambitheka, kusengakugulisa.

● Kubeke kahle.

Uma unesikhwama noma isitsha sepulasitiki ophatha ngaso ukudla uma uthenga, zihlanze njalo lezi zinto ngamanzi ashisayo anensipho. Inyama nenhlanzi kufake entweni yako ehlukile ukuze kungonakalisi okunye ukudla.

U-Enrico noLoredana, umbhangqwana wase-Italy, uthenga ezitolo zendawo. Uyachaza: “Ngaleyo-ndlela akudingeki ukuba sihambe ibanga elide nokudla okungenza kugcine konakele.” Uma kuzokuthatha imizuzu engaphezu kuka-30 ukubuyela ekhaya, faka ukudla okubandayo noma okuneqhwa esikhwameni esivaleka ngci, noma zama ukukugcina kubanda ngandlela-thile.

Esihlokweni esilandelayo, uzofunda indlela yokugcina ukudla kuphephile ngemva kokuba usufike nakho ekhaya.

[Umbhalo waphansi]

a Bheka isihloko esithi “Isinyathelo 1—Yidla Ngokuhlakanipha,” kuyi-Phaphama! ka-March 2011.

[Ibhokisi ekhasini 4]

QEQESHA IZINGANE ZAKHO: “Ngifundisa izingane zami ukuthi ngaphambi kokuba zithenge noma yikuphi ukudla okuthola sekwenziwe njengokudlana okusemaphaketheni, kufanele zibheke usuku okudlulelwa ngalo isikhathi ngaphambi kokuba zikuthenge.”—URuth, eNigeria

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela