Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 6/12 k. 7
  • 4. Qaphela Lapho Udla Ezitolo Zokudlela

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • 4. Qaphela Lapho Udla Ezitolo Zokudlela
  • I-Phaphama!—2012
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Indlela Yokwenza Ukudla Kuphephe Kakhudlwana
    I-Phaphama!—2001
  • Kuzoba Nokudla Okunempilo Kwabo Bonke—Maduze!
    I-Phaphama!—2012
  • 3. Lungisa Ukudla Bese Ukubeka Kahle
    I-Phaphama!—2012
  • Ingabe Ukudla Kwakho Kuphephile?
    I-Phaphama!—2012
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2012
g 6/12 k. 7

4. Qaphela Lapho Udla Ezitolo Zokudlela

UJeff, indoda ewumqemane eneminyaka engu-38, wakhipha umkhaya wakhe wayokudla esitolo esithile sokudlela ePittsburgh, ePennsylvania, e-U.S.A. Ngemva kwenyanga, uJeff washona ngenxa yokungasebenzi kwesibindi. Yini eyayibangele lokho? U-anyanisi owawusekudleni kwakhe—wawunegciwane lokusha kwesibindi kohlobo A.

CISHE yonke ingxenye yemali esetshenziselwa ukudla kwelinye izwe laseNtshonalanga ichithwa ezitolo zokudlela. Kodwa, ezweni elifanayo, ukudla kwakulezi zitolo kuvama ukuhlotshaniswa nengxenye yezifo ezibangelwa ukudla.

Kuyiqiniso ukuthi uma ukhetha ukudla esitolo sokudlela, kuba omunye umuntu othenga ukudla okuzophekwa, ahlanze ikhishi futhi apheke lokho kudla. Noma kunjalo, ungazinqumela ukuthi udla kusiphi isitolo, udlani nokuthi ukuphatha kanjani ukudla ozohamba nakho.

● Bheka indawo ekuzungezile.

UDaiane ohlala eBrazil uthi: “Uma singena okokuqala ngqá esitolo sokudlela, ngiyaqalaza ukuze ngibone ukuthi amatafula, izindwangu, izinto zokudla kuhlanzekile yini, kuhlanganise noweta. Uma kungahlanzekile, siyaphuma siyofuna esinye isitolo.” Kwamanye amazwe, izikhulu zezempilo zivame ukuhlola futhi zisho nezinga lokuhlanzeka lesitolo sokudlela, bese imiphumela ziyibeka obala ukuze umphakathi uyibone.

● Ziqaphele izinto okufakwa kuzo ukudla ozohamba nakho.

UMnyango Wokuqondisa Ukudla Nezidakamizwa e-U.S. uyeluleka: “Uma kuzophela amahora amabili ungakafiki ekhaya nokudla okusalile [uma izinga lokushisa lingaphezu kwama-degree angu-32], ungakuthathi.” Uma unokudla okusalile, kuthathe uye nakho ekhaya ngokushesha ufike ukufake esiqandisini.

Uma uthatha lezi zinyathelo ezine okukhulunywe ngazo kulolu chungechunge lwezihloko, ungenza ukudla kwakho kuphephe nakakhulu.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 7]

QEQESHA IZINGANE ZAKHO: “Izingane zethu sizifundisa ukuthi zikugweme ukudla okungase kube yingozi ukukudla.”—UNoemi, ePhilippines

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela