Imali Ehamba Ngezinyawo Ezine
U-ENMARIE Kani, intombazane eneminyaka engu-17 ubudala, uhlala ezintabeni zasePapua New Guinea uthi: “Endaweni yakithi ingulube iyimpahla ebaluleke kakhulu emkhayeni, ngakho ukuyifuya kuwumsebenzi omkhulu. Lapho ubaba engicela ukuba nginakekele izinyane lengulube, ngajabula kakhulu kodwa ngangithukile. Lalilincane kangangokuba ngangicabanga ukuthi lingase life.”
U-Enmarie walinakekela kanjani leli zinyane lakhe? Kungani izingulube zibaluleke njengemali kubantu abaphila emaphandleni asePapua New Guinea? Nakhu u-Enmarie akutshela i-Phaphama!
Sicela usichazele ukuthi uhlalaphi.
Mina nabazali bami kanye nezingane zakithi ezine—amantombazane amabili nabafana ababili—ngihlala emzini omncane ofulelwe ngotshani osehlathini edolobhaneni elikude eliseziNtabeni eziseNtshonalanga. Leli dolobhana linezakhamuzi ezingaba ngu-50, zonke eziyizihlobo zami, futhi sakhe eduze komfula omncane ozombeza kula magquma anehlathi elicinene.
Abantu abaningi kuleli dolobhana lethu baphila ngemfuyo. Umkhaya wakithi unesivande esikhulu semifino, lapho sitshala khona ubhatata, amathanga, ukhukhamba, ikhofi kanye nezinye izitshalo. Ngiyakuthanda ukutshala imifino kanti ukusebenza kuyangiyajabulisa. Ngenza neminye imisebenzi enjengokuhlanza indlu, ukuwasha izingubo, kanye nokunakekela ingulube yakithi.
Uyinakekela kanjani ingulube yakho?
Lapho ubaba ethenga le ngulube cishe esikhathini esingangonyaka, yayincane kangangokuba ngangikwazi ukuyiphatha. Usuku ngalunye, ngiyipha ingxube yenhlanzi egayiwe nobhatata, amanzi, usawoti nompe lomoba. Kusihlwa, lapho sekupholile kulezi zindawo eziphakeme, yayilala esakeni lelayisi elingenalutho elilenga phezulu ophahleni eduze kweziko. Ngangilala phansi eceleni kwayo. Ngenxa yalokho, le ngulube akukhona nje ukuthi iyaphila kodwa futhi ikhula kahle!
Le ngulube yakithi angizange ngiyethe igama. Ngamane ngayibiza ngokuthi uNgulube, futhi kwaba yigama layo lelo. Ngangiyinakekela njengokungathi umntanami—ngiyiphakela, ngiyigeze, kuphele amahora amaningi ngidlala nayo. Sasondelena kakhulu noNgulube, nomaphi lapho ngiya khona wayengilandela.
Njengoba uNgulube ekhula, ngamfundisa izinto ezintsha esisazenza namanje. Ngisebenzisa indophi, ngimdonse ngayo siye esivandeni semifino okuwuhambo lwemizuzu engu-15 ukusuka ekhaya. Uma sifika lapho, ngibophela indophi esihlahleni bese uNgulube ngimyeka ambe umgodi esivandeni lonke usuku. Esebenzisa intamo yakhe enamandla nekhala lakhe elisasikhumba, ukhipha izimpande nomswenya, ngesikhathi esifanayo ahlelembe futhi avundise inhlabathi. Ekupheleni kosuku ngiyamdonsa siye ekhaya, ngifike ngimphakele ubhatata oluhlaza nophekiwe ngaphambi kokuba ayolala egoqweni lezingodo.
Kungani izingulube zibaluleke kangaka kubantu basezintabeni?
Thina bantu bakulezi zindawo sinesisho esithi, Ingulube iyimali nemali iyingulube. Endulo, ngaphambi kokuba kufike imali kulezi zindawo, abantu babesebenzisa izingulube njengemali—okuwumkhuba osaqhubeka nanamuhla. Ngokwesibonelo, indawo ethile edayisa izimoto esezintabeni yayimbhansela ngengulube ephilayo umuntu othenge imoto. Izizwe ezihlukahlukene zixazulula ukungezwani kwazo ngokukhokhelana imali noma ngezingulube. Kanti abakhwenyana abaningi balobola ngazo noma abasemzini bacela zona njengelobolo.
Kuzwakala sengathi uma udla ingulube udla imali ebekwe ebhange ukuze izale!
Kunjalo ngempela! Njengoba izingulube zibaluleke kangaka, sivame ukudla inyama yazo ngezikhathi ezikhethekile kuphela, njengasemingcwabeni noma kweminye imikhosi ebalulekile. Nakubaba kunjalo, ezinye izinhlanga kulezi zindawo zihlaba izingulube eziningi emikhosini yazo ngenjongo yokubukisa ngengcebo yazo noma ukuze zibuyisele okuthile okuhle ezakwenzelwa abanye.
Umkhaya wakini uzokwenzani ngezingulube zakho?
Uqinisile uma uthi “izingulube” ngoba uNgulube uzale amazinyane amaningi, elinye lawo esisanda kulidayisa ngama-kina angu-100 (okungaba ngu-R300). Le mali siyisebenzisele ukukhokhela ibhasi eliya emhlanganweni wesigodi waminyaka yonke woFakazi BakaJehova oba sedolobhaneni eliseduze laseBanz. Cishe ubaba uzodayisa elinye ukuze anakekele izidingo zansuku zonke zomkhaya wakithi.
Kungani ningafuyi izingulube eziningi ukuze nenze imali eningi?
Umgomo wethu awukona ukuceba, kodwa ukuthola lokho esikudingayo njengokudla, izembatho nendawo yokuhlala. Umkhaya wakithi ugxile kakhulu ezintweni ezingokomoya. Lokho kuhlanganisa ukukhonza uNkulunkulu wethu, uJehova; ukuya emihlanganweni yobuKristu; ukusiza abanye abantu uma singakwazi—ngokwenyama noma ngokomoya, nokwenza izinto ndawonye njengomkhaya. Siphila ukuphila okulula, kodwa sinobunye futhi sijabule.
Empeleni, kulezi zinsuku ngiyasebenza—ngilima isivande nginakekele nezingulube—kodwa angisebenzi njalo. Umsebenzi wami oyinhloko ukukhonza njengomshumayeli ongumKristu, ngifundise omakhelwane bami amaqiniso eBhayibheli. Lo msebenzi, uJesu ayala abalandeli bakhe ukuba bawenze, ungigcina ngimatasa izinsuku eziningana ngesonto. (Mathewu 28:19, 20) Nginethemba lokuthi ngolunye usuku ngizoyosebenza ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova ePort Moresby, lapho kuhunyushwa khona izincwadi zeBhayibheli ngezilimi zakule ndawo. Kodwa ngisho noma ngingawufinyeleli lowo mgomo, ngiyazi ukuthi ngiyohlale ngithola injabulo enkulu ngokukhonza uJehova nokugcina izinto ezingokomoya ziza kuqala. Ngibonga kakhulu ngokusekelwa engikutholayo ngosizo lwemali enezinyawo ezine.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 12]
AMAQINISO NGENGULUBE
● Isiqhingi saseNew Guinea siyikhaya lezingulube ezifuywayo ezingaba izigidi ezimbili okungenani, cishe ingulube eyodwa kubantu abathathu abahlala kule ndawo.
● Umphakathi ongaphezu kwengxenye kule ndawo yasemaphandleni unezingulube.
[Amabalazwe ekhasini 10]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
I-INDONESIA
IPAPUA NEW GUINEA
I-AUSTRALIA
I-INDONESIA
IPAPUA NEW GUINEA
IPORT MORESBY
IZINTABA EZISENTSHONALANGA
I-AUSTRALIA
[Isithombe emakhasini 10, 11]
Siya esivandeni
[Isithombe ekhasini 11]
Isikhathi sokugeza
[Isithombe ekhasini 11]
Isikhathi sokudlala