Umbono WeBhayibheli
Ingabe Kufanele Uye Ethempelini, Endaweni Engcwele Noma Esontweni Ukuze Uthandaze KuNkulunkulu?
NGOKUVAMILE, abantu abaningi baya ezakhiweni zenkolo zohlobo oluthile ukuze bathandaze kuNkulunkulu. Abanye bathatha uhambo olude beya ezindaweni ezinjalo. Ingabe unomuzwa wokuthi kufanele uye ethempelini, endaweni engcwele noma esontweni ukuze uthandaze kuNkulunkulu? Noma unomuzwa wokuthi ungakhuluma naye noma nini nanoma kuphi? Lithini iBhayibheli?
Ekuqaleni komlando wesintu, zazingekho izakhiwo zenkolo. Insimu enhle yayiyikhaya labazali bethu bokuqala. (Genesise 2:8) Babekwazi ukukhuluma noMdali wabo, uJehova uNkulunkulu bekuleyo ndawo. Kamuva, njengoba umkhaya wesintu wawanda, wonke amadoda alungile, afana noNowa, ‘ahamba noNkulunkulu weqiniso’—engasizwa izakhiwo zenkolo. (Genesise 6:9) Ayengabantu bomthandazo ababemthanda uJehova futhi ebamukela.
UNkulunkulu Akahlali Ezakhiweni Ezenziwe Ngezandla
Amadoda okholo asendulo ayazi ukuthi uMenzi womhlaba nendawo yonke akahlali ezakhiweni ezakhiwe ngezandla. INkosi uSolomoni yabuza: “Ingabe ngempela uNkulunkulu uyohlala nesintu emhlabeni? Bheka! Izulu, yebo, izulu lamazulu ngokwawo, alikwazi ukukuthwala,” futhi wakusho kufanele lokhu. (2 IziKronike 6:18) Kuyavunywa, ama-Israyeli asendulo ayenetabernakele kamuva kwaba ithempeli lapho ayehlangana khona ukuze abe nemikhosi engokwenkolo yaminyaka yonke ngokoMthetho kaNkulunkulu. (Eksodusi 23:14-17) Noma kunjalo, ayekwazi ukuthandaza kuNkulunkulu noma nini—lapho eluse imihlambi yawo, esebenza emasimini, ngesikhathi endawonye nemikhaya yawo noma ejabulela isikhathi sokuba ngawodwa.—IHubo 65:2; Mathewu 6:6.
Kungokufanayo nangathi, singathandaza kuNkulunkulu noma kuphi nanoma nini. UJesu Kristu, isibonelo sethu, wayevamile ukuya endaweni ethulile ngasese ukuze athandaze. (Marku 1:35) Ngokwesibonelo, kwesinye isenzakalo, “waya entabeni eyothandaza, futhi wahlala ubusuku bonke ethandaza kuNkulunkulu.”—Luka 6:12.
Yiqiniso, njengomJuda uJesu waya ngokwethembeka emikhosini engokwenkolo ethempelini elaliseJerusalema. (Johane 2:13, 14) Noma kunjalo, wakhuluma ngesikhathi lapho lalingeke lisaba isikhungo sokukhulekela kweqiniso. Ekhuluma nowesifazane ongumSamariya eduze kwentaba yaseSamariya, lapho ithempeli labantu bakubo lalikhona, uJesu wathi: “Ihora liyeza lapho ningayikumkhulekela uBaba kule ntaba noma eJerusalema.” Wabe esenezela ukuthi abakhulekeli beqiniso ‘bayokhulekela uBaba ngomoya nangeqiniso.’—Johane 4:21, 23.
Yebo, uJesu wayengagxilile ezakhiweni zezitini nodaka kodwa ekukhulekeleni kweqiniso okusuka enhliziyweni eqotho. Kodwa ingabe lokho kusho ukuthi abalandeli bakaJesu, kamuva ababizwa ngokuthi amaKristu, babeyokhulekela uNkulunkulu ngasese kuphela? (IzEnzo 11:26) Akunjalo, futhi kunezizathu ezinhle.
Abantu BakaNkulunkulu Bawumkhaya Ongokomoya
Izinceku zikaNkulunkulu zeqiniso ziwumkhaya—umkhaya ongokomoya. (Luka 8:21) Umkhaya omuhle wenza izinto eziningi ndawonye, njengokujabulela isidlo, futhi lokhu kuyaziqinisa izibopho zawo. Lokhu kuyiqiniso nangomqondo ongokomoya. Imihlangano yamaKristu injengedili elingokomoya okondliwa kulo umuntu ongaphakathi futhi kuqiniswe nezibopho zethu ezingokomoya. Umphostoli uPawulu ongumKristu wabhala: “Masicabangelane ukuze sivuselelane uthando nemisebenzi emihle, singakuyeki ukuhlangana kwethu ndawonye, njengoba kungumkhuba wabanye, kodwa sikhuthazane.”—Hebheru 10:24, 25.
Ngakho-ke, abakhulekeli beqiniso bayaqaphela ukuthi ibandla linendima ebalulekile, ngoba lenza ukuba ilungu ngalinye lihlakulele izimfanelo ezingokomoya elingenakukwazi ukuzihlakulela ngokugcwele lilodwa. Lezi zihlanganisa uthando, ukuthethelela, umusa, ubumnene nokuthula.—2 Korinte 2:7; Galathiya 5:19-23.
AmaKristu okuqala ayehlangana kuphi ukuze abe nobudlelwano futhi akhulekele ndawonye? Ngokuvamile, ayehlangana emizini ehlukahlukene. (Roma 16:5; Kolose 4:15) Ngokwesibonelo, lapho umphostoli uPawulu ebhalela omunye umKristu, wabhekisela ‘nasebandleni elisendlini yakhe.’a—Filemoni 1, 2.
Nanamuhla, abantu bakaNkulunkulu abazidingi izakhiwo zenkolo eziwubukhazikhazi, kodwa badinga izindawo ezikahle nezingakwazi ukuhlalisa bonke ababa khona. OFakazi BakaJehova banezindawo ezinjalo, abazibiza ngokuthi amaHholo OMbuso. Empeleni, kungenzeka ukuthi likhona iHholo LoMbuso endaweni okuyo. Lezi zakhiwo ziyasebenziseka, zinesizotha futhi imihlangano eqhutshelwa kuzona iyaqondakala—ihlanganisa ingoma, umthandazo nezingxoxo zeBhayibheli.
OFakazi BakaJehova bayazazisa izikhathi zokusondelana noNkulunkulu abazichitha bengabodwa. Ngakho, basebenzisa isikhathi esithile usuku ngalunye bethandaza, njengemikhaya nanjengabantu ngabanye. UJakobe 4:8 uthi: “Sondelani kuNkulunkulu, naye uyosondela kini.”
[Umbhalo waphansi]
a Igama lokuqala lesiGreki elisho “ibandla” lihunyushwa nangokuthi “isonto” kwamanye amaBhayibheli esiNgisi.
INGABE WAKE WAZIBUZA?
● Ingabe uNkulunkulu uyahlala ezakhiweni ezenziwe ngezandla?—2 IziKronike 6:18.
● UJesu wabuchitha kuphi ubusuku ethandaza?—Luka 6:12.
● Kungani abakhulekeli beqiniso bebuthana ndawonye?—Hebheru 10:24, 25.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 15]
Ingabe imithandazo yakho iyozwakala kangcono uma usezindaweni ezithile?