Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 6/13 k. 16
  • Iphiko Lomkhoma I-humpback

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Iphiko Lomkhoma I-humpback
  • I-Phaphama!—2013
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ifundisani Indalo?
    I-Phaphama!—2006
  • Ubani Owaklama Kuqala?
    Ingabe Izinto Eziphilayo Zadalwa?
  • Izilwane Ezinkulu Zasekujuleni Kolwandle
    I-Phaphama!—2009
  • Uhlu Lokuphakathi
    I-Phaphama!—2013
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2013
g 6/13 k. 16

INGABE LAKLANYWA?

Iphiko Lomkhoma I-humpback

UMKHOMA i-humpback osukhulile mkhulu futhi uyesinda kuneloli eligcwele nswi. Noma kunjalo, lesi silwane esincelisayo esikhulukazi sishesha ngendlela ephawulekayo lapho sitshuza futhi siphenduka emanzini. Kwenzeka kanjani ukuba lo mkhoma usheshe kangaka? Ngokwengxenye, imfihlo isemaqhutshini asemaphikweni awo.

Cabanga ngalokhu: Imikhoma eminingi nezinye izilwane zasemanzini ezincelisayo zinamaphiko abushelelezi ngaphambili. Nokho, umkhoma i-humpback wehlukile. Wona unamaqhubu amakhulu (okuthiwa ama-turbercle) ngaphambili emaphikweni awo. Lapho utshuza emanzini, amanzi adlula phezu kwamaqhubu abese ehlakazeka eba imisinga eminingi. Amaqhubu alawula indlela amanzi ahamba ngayo abangele ukuba anyakaze ngamandla. Lokhu kwenza umkhoma uphakame kalula, kuwenze ukwazi ukuyekelela amaphiko alenge lapho uphezulu emanzini futhi ungaziki. Lapho uphezulu emanzini, la maqhubu aphinde awenze uhambe kalula—okuwusizo kakhulu emaphikweni amade alo mkhoma, ngalinye elithi alilingane nengxenye eyodwa kwezintathu yobude bawo.

Abacwaningi basebenzisa lesi simiso ukuze bakhe amaphini okuqondisa izikebhe asebenza kangcono, izinjini ezisebenza ngamanzi, ama-windmill nophephela bezindiza.

Ucabangani? Ingabe iphiko lomkhoma i-humpback laba khona ngokuziphendukela kwemvelo, noma ingabe laklanywa?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela