Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 9/13 kk. 4-5
  • Ubulili Ngaphambi Komshado

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ubulili Ngaphambi Komshado
  • I-Phaphama!—2013
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe ubulili ngaphambi komshado abulungile?
  • Ingabe noma iziphi izenzo zobulili phakathi kwabantu abangashadile ziwukungcola?
  • Ungakugwema kanjani ukuziphatha kobulili okungcolile?
  • Umbono Wakho Ngobulili—Wenza Mehluko Muni?
    Ukuthula Kweqiniso Nokulondeka—Ungakuthola Kanjani?
  • Kunani Ukuhlanganyela Ubulili Ngaphambi Komshado?
    I-Phaphama!—2004
  • Ingabe Ukuthandana Kugunyaza Ubulili Ngaphambi Komshado?
    I-Phaphama!—2006
  • Basha, Ingabe Ukuziphatha OkungokweBhayibheli Kuyindlela Engcono Kakhulu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2013
g 9/13 kk. 4-5

UMBONO WEBHAYIBHELI

Ubulili Ngaphambi Komshado

Ingabe ubulili ngaphambi komshado abulungile?

“Ngoba yilokhu uNkulunkulu akuthandayo, . . . ukuba nidede ebufebeni.”—1 Thesalonika 4:3.

OKUSHIWO ABANTU

Amasiko abanye abantu ayaluvumela ucansi phakathi kwabantu abadala abangashadile. Kwezinye izindawo kubhekwa njengokwamukelekayo ukuba intsha engashadile ihlanganyele ezenzweni ezithile zobulili.

OKUSHIWO YIBHAYIBHELI

IBhayibheli lisebenzisa igama elithi “ubufebe” ezenzweni ezihilela ubulili kubantu abangashadile. UNkulunkulu ulindele ukuba izinceku zakhe ‘zidede ebufebeni.’ (1 Thesalonika 4:3) Ubufebe bubalwa phakathi kwezono ezingathi sina, njengokuphinga, ukusebenzelana nemimoya, ukudakwa, ukukhonza izithombe, ukubulala nokweba.—1 Korinte 6:9, 10; IsAmbulo 21:8.

OKWENZA IBALULEKE LE NDABA

Phakathi kokunye, iBhayibheli lisixwayisa ngokuthi “uNkulunkulu uyozahlulela izifebe.” (Hebheru 13:4) Okubaluleke nakakhulu ukuthi, uma silalela imithetho kaNkulunkulu endabeni yokuziphatha ngokobulili, sibonisa uthando lwethu ngoJehova uNkulunkulu. (1 Johane 5:3) Kanti yena uyababusisa labo abagcina imiyalo yakhe.—Isaya 48:18.

Ingabe noma iziphi izenzo zobulili phakathi kwabantu abangashadile ziwukungcola?

“Ubufebe nokungcola kwazo zonke izinhlobo noma ukuhaha makungaphathwa nakuphathwa phakathi kwenu.”—Efesu 5:3.

OKUSHIWO ABANTU

Abantu abaningi bakholelwa ukuthi uma abantu bengahlangani ngokoqobo, akukho lutho olungalungile ngezinye izenzo zobulili phakathi kwabantu abangashadile abathandanayo.

OKUSHIWO YIBHAYIBHELI

Uma likhuluma ngezenzo zobulili ezingcolile, iBhayibheli alikhulumi nje ngobufebe kuphela kodwa nangezenzo zobulili ‘ezingcolile’ kuhlanganise ‘nokuziphatha okubi.’ (2 Korinte 12:21) Ngokusobala, kunezindlela ezihlukahlukene zezenzo zobulili ezimnyanyisayo uNkulunkulu lapho zenziwa abantu abangashadile, ngisho nalapho kungahilelekile ukuhlangana okungokoqobo.

Ngelilodwa nje, umyalezo weBhayibheli ngobulili uwukuthi izenzo zobulili ezabesilisa nabesifazane abashadile kuphela. IBhayibheli liyasilahla ‘nesifiso sobulili sokukhanuka.’ (1 Thesalonika 4:5) Kusho ukuthini lokho? Ake ucabange ngalesi sibonelo esingase sisebenze kowesilisa nakowesifazane: Owesifazane angase azimisele ngobuqotho ukungayi ocansini nesoka lakhe. Kodwa, uyahlanganyela kwezinye izinhlobo zobulili nalo. Ngokwenza kanjalo, bafisa noma banenkanuko ngento okungeyona eyabo. Khona-ke, banecala ‘lesifiso sobulili sokukhanuka.’ IBhayibheli liyasilahla isifiso sobulili esinjalo.—Efesu 5:3-5.

Ungakugwema kanjani ukuziphatha kobulili okungcolile?

“Balekelani ubufebe.”—1 Korinte 6:18.

OKWENZA IBALULEKE LE NDABA

NgokweBhayibheli, labo abenza ubulili ngaphambi komshado basengozini yokulahlekelwa ubuhlobo babo noNkulunkulu.—Kolose 3:5, 6.

OKUSHIWO YIBHAYIBHELI

IBhayibheli leluleka abantu ukuba ‘babalekele ubufebe.’ (1 Korinte 6:18) Lokhu kusho ukuthi umuntu kufanele azihlukanise ngangokunokwenzeka nanoma yini engase imyengele ezenzweni zobulili ezingcolile. (IzAga 22:3) Ngokwesibonelo, ukuze umuntu ahlale ehlanzekile ngokokuziphatha, kubalulekile ukuba agweme ukuzihlanganisa nabantu abazishaya indiva izimiso zikaNkulunkulu eziphathelene nobulili. IBhayibheli liyaxwayisa: “Ohamba nabahlakaniphile uyohlakanipha, kodwa osebenzelana neziphukuphuku kuyomhambela kabi.”—IzAga 13:20.

Ukondla ingqondo ngemicabango engcolile nakho kungaholela ekuziphatheni kobulili okungafanele. (Roma 8:5, 6) Ngakho-ke, kuwukuhlakanipha ukugwema umculo, ama-video, izincwadi nomagazini nanoma yini enye eveza izenzo zobulili noma eqhakambisa izenzo zobulili ezicasula uNkulunkulu nganoma iyiphi indlela.—IHubo 101:3.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela