Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 11/13 k. 16
  • Ingabe Uhlale “Unedili Njalo”?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Uhlale “Unedili Njalo”?
  • I-Phaphama!—2013
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Mathewu 6:34—“Ningakhathazeki Ngekusasa”
    Amavesi EBhayibheli Ayachazwa
  • Phila Unombono Wekusasa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • 4 | Vikela Ithemba Lakho
    I-Phaphama!—2022
  • IBhayibheli Lingakusiza Uthole Injabulo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2013
g 11/13 k. 16

Ingabe Uhlale “Unedili Njalo”?

“Zonke izinsuku zohluphekile zimbi; kodwa onenhliziyo enhle unedili njalo.”—IzAga 15:15.

ASHO ukuthini lawo magama? Abhekisela esimweni somuntu sengqondo nesingokomzwelo. Umuntu “ohluphekile,” uhlale enombono ongemuhle—isimo sengqondo esenza izinsuku zakhe zibe “zimbi,” noma angabi nathemba. Ngakolunye uhlangothi, umuntu “onenhliziyo enhle” uzama ukugxila ezintweni ezakhayo—isimo sengqondo esimenza ajabule ngaphakathi, abe “nedili njalo.”

Sonke sinazo izinkinga ezingasincisha injabulo ngezinga elithile. Noma kunjalo, singakwazi ukwenza izinto ezingasisiza silondoloze injabulo yethu phakathi nezikhathi ezinzima. Cabangela lokho okushiwo yiBhayibheli.

  • Ungavumeli ukukhathazeka ngekusasa kukucindezele namuhla. UJesu Kristu wathi: “Ningakhathazeki ngekusasa; lizoba nezinkathazo ezanele lona. Asikho isidingo sokunezela ezinkingeni eziza nosuku ngalunye.”—Mathewu 6:34, Good News Translation.

  • Zama ukugxila ezintweni ezinhle eziye zenzeka kuwe. Eqinisweni, uma uzizwa udangele, kungani ungabhali uhlu lwalezo zinto ezinhle bese uzindla ngazo? Kanti okunye, gwema ukugxila emaphutheni noma ezenzweni ezimbi zesikhathi esidlule. Funda kulezo zinto, uqhubekele phambili. Yenza njengomshayeli, othi nje nhla esibukweni esimenza abone into engemuva kodwa angagxili kuso. Khumbula futhi ukuthi, “[uNkulunkulu] unentethelelo yeqiniso.”—IHubo 130:4.

  • Uma izinkathazo zikwenza udangale, khuluma nothile ongase akwenze uqabuleke. IzAga 12:25 zithi, ‘Ukukhathazeka kwenza inhliziyo yethu ibhocobale, kodwa izwi elihle liyenza ijabule.’ Lelo “zwi elihle” lingase livele elungwini lomkhaya noma kumngane othembekile—umuntu ongabhuqi noma ongenawo umbono ophambene, kodwa ‘onothando ngaso sonke isikhathi.’—IzAga 17:17.

Amazwi ahlakaniphile esiwathola eBhayibhelini asize abantu abaningi ukuba bathole injabulo eyengeziwe ekuphileni, ngisho nalapho bebhekene nezikhathi zokulingwa. Sengathi la mazwi ayigugu angakusiza nawe.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela