Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 12/14 k. 7
  • Ukubuka Okwezwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubuka Okwezwe
  • I-Phaphama!—2014
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kwa-Israyeli, EJordani NasePalestina
  • EJalimane
  • EBrithani
  • ELatin America NaseCaribbean
  • Ulwandle Olumangalisayo—Kodwa Olufile!
    I-Phaphama!—2008
  • UKhisimusi Usho Ukuthini Kuwe?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • Amasiko—KaKhisimusi Iyini Imisuka Yawo?
    I-Phaphama!—1989
  • Ingabe Ukuphana Izipho ZikaKhisimusi Kunengqondo?
    I-Phaphama!—1992
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2014
g 12/14 k. 7

UKUBUKA OKWEZWE

Kwa-Israyeli, EJordani NasePalestina

Ulwandle Olufile

ULwandle Olufile luncipha ngesilinganiso esingaba imitha unyaka ngamunye. Abanye banovalo lokuthi leli chibi liyobe selishe ngokuphelele ngonyaka ka-2050. Iziphathi-mandla zifuna ikhambi. Okunye ezikucabangelayo ukudonsa amanzi oLwandle Olubomvu, ahlanzwe ukuze asetshenziswe umphakathi, bese kuthi asele anosawoti ahambe ngepayipi ayongena oLwandle Olufile. Abahlaziyi banovalo lokuthi leli cebo lizolimaza ezemvelo zasoLwandle Olufile.

EJalimane

I-ambulanse

Ngokocwaningo lwenkampani ethile yomshwalense, ngoKhisimusi kungena esibhedlela ingxenye eyodwa kwezintathu yabantu abahlaselwa isifo senhliziyo kunangezinye izikhathi phakathi nonyaka. Le nkampani isikisela ukuthi ukwenyuka kwezinga lokucindezeleka ngesikhathi sokufunwa kwezipho zikaKhisimusi nokulindela komndeni nabangane izinto ezinkulu ngokweqile, yizona zimbangela eziyinhloko.

EBrithani

Umdwebo womnenke omdala wase-Iceland

Ososayensi baseBrithani bamemezele ukuthi umnenke wasolwandle lwase-Iceland obekucatshangwa ukuthi wafa uneminyaka engaba ngu-405 ubudala, empeleni wawunengu-507 ngesikhathi ufa kungalindelekile ngo-2006. Lokhu kuwenza ube isilwane esiphile isikhathi eside kunazo zonkea ezaziwayo. Lo mnenke wafa ngesikhathi ososayensi bewufake esiqandisini ukuze bawuthuthele endaweni yabo yokwenza ucwaningo.

ELatin America NaseCaribbean

Engqungqutheleni eyayiseHavana, eCuba, ngasekuqaleni kwalo nyaka, izizwe ezingu-33 zaseLatin America namazwe aseCaribbean zimemezele ukuthi amazwe azo ‘ayindawo yokuthula’ ngokuvuma ukuxazulula izingxabano eziphakathi kwazo ngaphandle kwempi. Phakathi kwezihambeli zale ngqungquthela kwakukhona noNobhala-jikelele weNhlangano Yezizwe uBan Ki-moon.

a Lapha inkulumo ethi “isilwane esiphile isikhathi eside kunazo zonke” ayihlanganisi izinto ezifana namakhorali, wona okucatshangwa ukuthi aphila izinkulungwane zeminyaka.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela