Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g16 No. 3 k. 16
  • Intamo Yentuthwane

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Intamo Yentuthwane
  • I-Phaphama!—2016
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isikhumba Esivikela Intuthwane Ecwebezelayo YaseSahara Ekushiseni
    I-Phaphama!—2017
  • Umnakekeli Wengadi Oyingcweti
    I-Phaphama!—1997
  • “Yana Entuthwaneni”
    I-Phaphama!—1990
  • Uhlu Lokuphakathi
    I-Phaphama!—2016
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2016
g16 No. 3 k. 16

INGABE KWAKLANYWA?

Intamo Yentuthwane

Intuthwane iphethe iqabunga ngomlomo

KUYABAMANGAZA onjiniyela ukuthi intuthwane evamile ikwazi ukufukula izinto ezisinda kakhulu kunayo. Ukuze baqonde lokhu, onjiniyela baseYunivesithi Yase-Ohio State, e-U.S.A., bakha izitho zentuthwane nge-computer bebuka ukwakheka, ukuma nokunyakaza kwayo. Lezi zitho bazakha besebenzisa izithombe ze-X-ray (micro CT scans) futhi belinganisa amandla asetshenziswa intuthwane lapho ithwele umthwalo.

Ingxenye ebaluleke kakhulu yomzimba wentuthwane yintamo yayo, okufanele ikwazi ukuthwala wonke umthwalo esuke iwubambe ngomlomo. Izinyama ezithambile ezisentanyeni yentuthwane zihlangana nohlaka oluqinile lomzimba nenhloko ngendlela efuze iminwe yezandla ezibambene. Omunye wabacwaningi uthi: “Indlela lokhu okuklanywe ngayo nokwakheke ngayo ibalulekile ukuze intamo isebenze ngendlela esebenza ngayo. Indlela engavamile okubambana ngayo izinyama ezithambile nohlaka oluqinile cishe yenza lezi zinto zinamathelane futhi kungenzeka yiyo ebaluleke kakhulu endleleni lokhu okuklanywe ngayo, okwenza intamo ikwazi ukuthwala umthwalo omkhulu.” Abacwaningi banethemba lokuthi ukuyiqonda kahle indlela intamo yentuthwane esebenza ngayo kuzosiza ekuthuthukiseni ukuklanywa kwamarobhothi.

Wena ucabangani? Ingabe intamo yentuthwane nendlela eyinkimbinkimbi exhumana ngayo nomzimba wayo kwazivelela? Noma ingabe kwadalwa?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela