Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g17 No. 2 k. 3
  • Ukuthanda Amandla Angaphezu Kwawemvelo!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuthanda Amandla Angaphezu Kwawemvelo!
  • I-Phaphama!—2017
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isethulo
    I-Phaphama!—2017
  • Izintshumayelo Ezisikiselwe
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2017
  • Uhlu Lokuphakathi
    I-Phaphama!—2017
  • Lithini IBhayibheli Ngokusebenzelana Nemimoya?
    I-Phaphama!—2017
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2017
g17 No. 2 k. 3
Umfana uyamangala ngalokho akubona emshinini wakhe wobuchwepheshe

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI | AVELAPHI AMANDLA ANGAPHEZU KWAWEMVELO?

Ukuthanda Amandla Angaphezu Kwawemvelo!

“Sesiphelile isikhathi sabantu abamunca igazi labantu, abaphenduka izimpisi nemikhovu​—manje sekukhonya ukungenwa amademoni kanye nokukhishwa kwawo.”​—I-Wall Street Journal.

ABENZI bemilingo abancane nabadala, abathakathi abakhangayo kanye nabantu ababukeka kahle abamunca igazi labantu, bangabanye babalingisi abanamandla angaphezu kwawemvelo asebetholakala ngobuningi ezincwadini, emafilimini nasemidlalweni yama-video. Yini ebenza bathandeke?a

UProfesa wezenhlalo uClaude Fischer uthi, “Ukukholelwa ezipokini kuye kwanda emashumini eminyaka yakamuva, ekuqaleni eMelika kwakungumuntu oyedwa kwabayishumi okholelwa kuzo kodwa manje sekungoyedwa kwabathathu. Uma kuqhathaniswa nabantu abadala baseMelika, aphindeke kabili amathuba okuba abantu abasebasha baye kwabanemimoya futhi bakholelwe ezipokini nasekutheni kunemizi enezipoki.”

Akumangazi ukuthi izindaba zemimoya emibi engena kubantu sezande ngendlela ethusayo. Kuyi-Wall Street Journal, uMichael Calia wabhala ukuthi, “Ukwanda kwezindaba zokungenwa amademoni kungenxa yokukhula kokuthandwa kwemikhovu, abantu abaphenduka izimpisi nabantu abamunca igazi labantu kule minyaka eyishumi eyedlule.”

Omunye umbiko uthi “abantu abangaba ngamaphesenti angu-25 kuya kwangu-50 emhlabeni wonke bakholelwa ezipokini futhi izincwadi eziningi emasikweni ahlukahlukene zivame ukukhuluma ngezipoki.” Ucwaningo olwenziwa e-United States ngoprofesa bezenhlalo uChristopher Bader noCarson Mencken, “lwembule ukuthi abantu baseMelika abangamaphesenti angu-70 kuya kwangu-80 bakholelwa ngokuqinile okungenani ohlotsheni olulodwa lwamandla angaphezu kwawemvelo.”

Ingabe ukuzihlanganisa nemimoya kanye namandla angaphezu kwawemvelo kumane kuwukuzijabulisa okungenangozi?

a Amandla angaphezu kwawemvelo: “Okuthile isayensi noma imithetho yemvelo engakwazi ukukuchaza.”—I-Merriam-Webster’s Learner’s Dictionary.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela