Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g17 No. 3 k. 16
  • Uboya Bomthini Wasolwandle

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Uboya Bomthini Wasolwandle
  • I-Phaphama!—2017
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Uhlu Lokuphakathi
    I-Phaphama!—2017
  • IPoint Lobos—Ukuhlangana Kwezwe Namanzi Okuvusa Amadlingozi
    I-Phaphama!—1990
  • Ikhono Lobunjiniyela Lebhele Lasezindaweni Ezineqhwa
    I-Phaphama!—1991
  • Ulwandle Olumangalisayo—Kodwa Olufile!
    I-Phaphama!—2008
I-Phaphama!—2017
g17 No. 3 k. 16
Umthini wasolwandle

INGABE KWAKLANYWA?

Uboya Bomthini Wasolwandle

IZILWANE eziningi ezincelisayo ezihlala emanzini abandayo zinamafutha awugqinsi ngaphansi kwesikhumba azigcina zifudumele. Umthini wasolwandle wona usebenzisa nenye indlela ewugcina ufudumele—uboya obuthothene.

Cabanga ngalokhu: Uboya bomthini wasolwandle buminyene kakhulu uma buqhathaniswa nobezinye izilwane ezincelisayo. Esikhunjeni salesi silwane indawo ecishe ibe ngangembobo yekhala lomuntu inoboya obungaba ngu-155 000. Lapho umthini wasolwandle ubhukuda, ubamba umoya uwugcine esikhunjeni sawo. Lowo moya uvimba amanzi abandayo ukuthi angafinyeleli esikhunjeni sawo ukuze umzimba wawo uqhubeke ufudumele.

Ososayensi bakholelwa ukuthi sikhona isifundo abangasifunda oboyeni balesi silwane. Baye benza ucwaningo besebenzisa amajazi enziwe ngoboya bokuzenzela, belokhu beshintshashintsha ubude nokugqagqana kwabo. Abacwaningi bafinyelele esiphethweni sokuthi “uma uboya buminyene futhi bubude, bukwazi kangcono ukuvimba amanzi ukuba angafinyeleli esikhunjeni.” Uboya bomthini wasolwandle bungenza ijazi elikahle kakhulu.

Abacwaningi banethemba lokuthi bazobuthola ubuchwepheshe bokuklama nokwenza uhlobo lwendwangu olungeke lungenwe amanzi. Lokhu kungenza abanye bacabange ukuthi mhlawumbe abantu ababhukuda emanzini abandayo kungabasiza ukugqoka izimpahla zokubhukuda ezenziwe ngoboya obufana nobomthini.

Ucabangani? Ingabe uboya obuvikela ukubanda bomthini wasolwandle bazivelela noma baklanywa?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela