Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g17 No. 5 kk. 10-11
  • Izimpi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izimpi
  • I-Phaphama!—2017
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kungani ama-Israyeli ayelwa izimpi?
  • UNkulunkulu uyazisekela yini izimpi namuhla?
  • Ziyoke ziphele yini izimpi?
  • UNkulunkulu Uyibheka Kanjani Impi?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • Indlela UNkulunkulu Abheka Ngayo Impi Namuhla
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • Ama-Israyeli Asendulo Ayelwa Izimpi​—Kungani Thina Singazilwi?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2022
  • Impi Yokuqeda Izimpi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2017
g17 No. 5 kk. 10-11

UMBONO WEBHAYIBHELI

Izimpi

Ezikhathini zasendulo, ama-Israyeli ayelwa izimpi egameni likaNkulunkulu wawo, uJehova. Ingabe lokho kusho ukuthi uNkulunkulu uyazivumela izimpi namuhla?

Kungani ama-Israyeli ayelwa izimpi?

OKUSHIWO ABANTU

Ama-Israyeli ayekhonza uNkulunkulu owomele igazi, othanda impi.

OKUSHIWO IBHAYIBHELI

Izizwe ama-Israyeli azinqoba zazonakele, zinodlame futhi zenza izinto ezinyantisayo njengokulala nezilwane, ukuya ocansini nezihlobo nokubulala izingane ukuze zinikele ngazo. Ngemva kokuzibekezelela isikhathi eside lezi zizwe, uNkulunkulu wathi: “Izizwe engizixosha phambi kwenu zizingcolise ngazo zonke lezi zinto.”—Levitikusi 18:21-25; Jeremiya 7:31.

“Kungenxa yobubi balezi zizwe ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho uyazixosha phambi kwakho.”—Duteronomi 9:5.

UNkulunkulu uyazisekela yini izimpi namuhla?

KUNGENZEKA UKE WABONA

Lapho kuliwa, abaholi benkolo bezinhlangothi ezilwayo bathi basekelwa uNkulunkulu. Incwadi i-The Causes of War ithi, “Inkolo ibe negalelo kuzo zonke izimpi ezike zaba khona.”

OKUSHIWO IBHAYIBHELI

AmaKristu akufanele alwe nezitha zawo. Umphostoli uPawulu wathi kumaKristu ayekanye nawo, “Uma kungenzeka, ngokusemandleni enu, yibani nokuthula nabantu bonke. Ningaziphindiseleli.”—Roma 12:18, 19.

Kunokuba athi abalandeli bakhe abaye empini, uJesu wathi kubo: “Qhubekani nithanda izitha zenu, nithandazela nalabo abanishushisayo; ukuze nizibonakalise ningamadodana kaYihlo osemazulwini.” (Mathewu 5:44, 45) Ngisho noma izwe ahlala kulo liya empini, amaKristu akufanele asekele uhlangothi oluthile kuleyo mpi ngoba awayona “ingxenye yezwe.” (Johane 15:19) Uma uNkulunkulu efuna izikhonzi zakhe ezisemhlabeni wonke zithande izitha zazo futhi zingazihlanganisi nezinto ezenziwa emhlabeni, angazisekela kanjani izimpi namuhla?

“Umbuso wami awuyona ingxenye yaleli zwe. Ukube umbuso wami ubuyingxenye yaleli zwe, izikhonzi zami ngabe zilwile ukuze nginganikelwa kumaJuda. Kodwa, njengoba kunjalo, umbuso wami awuveli kulo mthombo.”—Johane 18:36.

Ziyoke ziphele yini izimpi?

OKUSHIWO ABANTU

Izimpi ngeke ziphele. Incwadi i-War and Power in the 21st Century ithi, “Impi iyohlala ikhona. Alikho ithemba lokuthi ziyoke ziphele izimpi kulesi sikhathi esiphila kuso.”

OKUSHIWO IBHAYIBHELI

Izimpi ziyophela lapho sekungekho muntu othanda impi. Maduze uMbuso kaNkulunkulu, owuhulumeni obusa usezulwini, uzoziqeda zonke izikhali emhlabeni futhi ufundise abantu ukuthanda ukuthula. IBhayibheli lisiqinisekisa ngokuthi uNkulunkulu uzolungisa “izindaba ngokuqondene nezizwe ezinamandla ezikude. Ziyokhanda izinkemba zazo zibe ngamageja nemikhonto yazo ibe ngocelemba. Ngeke ziphakamise inkemba, isizwe simelane nesizwe, futhi ngeke zisayifunda impi.”—Mika 4:3.

IBhayibheli lisifundisa ukuthi lapho sekubusa uMbuso kaNkulunkulu ngeke kuphinde kube nohulumeni ababangayo ukuze kuzuze bona, imithetho engalungile eyenza abantu balwisane nohulumeni, noma ubandlululo oluhlukanisa abantu. Ngenxa yalokho, izimpi ziyophela. UNkulunkulu uthembisa ukuthi: ‘Ngeke neze balimaze noma babangele incithakalo kuyo yonke intaba yami engcwele; ngoba umhlaba ngokuqinisekile uyogcwala ulwazi ngoJehova njengoba nje amanzi esibekela ulwandle.’—Isaya 11:9.

“Uqeda izimpi kuze kube semkhawulweni womhlaba. Umnsalo uyawuphula anqamule umkhonto ube yizicucu; izinqola uzishisa ngomlilo.”—IHubo 46:9.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela