Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g19 No. 2 kk. 6-7
  • Ukuthobeka

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuthobeka
  • I-Phaphama!—2019
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • KUYINI UKUTHOBEKA?
  • KUNGANI KUBALULEKILE?
  • INDLELA YOKUFUNDISA INGANE YAKHO UKUTHOBEKA
  • Hlakulela Ukuthobeka Kwangempela
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • Kungani Kumelwe Wembathe Ukuthobeka?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • UJehova Uyazithanda Izinceku Zakhe Ezithobekile
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2019 (Efundwayo)
  • Ukufundisa Izingane Ukuthobeka
    I-Phaphama!—2017
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2019
g19 No. 2 kk. 6-7
Umfana ulahla udoti emgqomeni

ISIFUNDO 2

Ukuthobeka

KUYINI UKUTHOBEKA?

Abantu abathobekile banenhlonipho. Abaziphakamisi futhi abalindele ukuphathwa ngendlela ekhethekile. Kunalokho, umuntu othobekile uyazihlupha ngabanye futhi uzimisele ukufunda kwabanye.

Abanye abantu bacabanga ukuthi ukuthobeka kubonisa ubuthaka. Empeleni, ukuthobeka kwenza abantu bakwazi ukubona amaphutha abo futhi bavume lapho benamandla alinganiselwe.

KUNGANI KUBALULEKILE?

  • Kuthuthukisa ubudlelwane nabanye. Incwadi ethi The Narcissism Epidemic ithi: “Abantu abathobekile bakha ubungane kalula.” Ibonisa nokuthi abantu abathobekile bakuthola kulula “ukuxoxa nokuphilisana nabanye.”

  • Kuzoyizuzisa ingane yakho lapho isikhulile. Ukuthobeka kuzoyisiza ingane yakho manje nalapho isikhulile, njengalapho isifuna umsebenzi. UDkt. Leonard Sax uthi: “Umuntu osemusha ozibona engcono nongakuqapheli ukulinganiselwa kwamakhono akhe, angase adlulisele isithombe esingesihle lapho efuna umsebenzi. Kodwa osemusha ozikhathaza ngezidingo zomqashi, usemathubeni angcono okuthola umsebenzi.”a

INDLELA YOKUFUNDISA INGANE YAKHO UKUTHOBEKA

Fundisa ingane yakho ukuthi kunezinto engeke ikwazi ukuzenza.

OKUSHIWO IBHAYIBHELI: “Uma umuntu ecabanga ukuthi uwutho abe engelutho, uyazikhohlisa.”—Galathiya 6:3.

  • Gwema izinkulumo ezivame ukushiwo, kodwa ezikhohlisayo. Izinkulumo ezinjengethi “Wonke amaphupho akho azofezeka” nethi “Ungaba yinoma yini oyifunayo,” zingazwakala zikhuthaza kodwa azilona iqiniso ekuphileni okuvamile. Izingane zakho zingaphumelela kangcono uma zizibekela imigomo efinyelelekayo, futhi zizimisela ekuyifezeni leyo migomo.

  • Cacisa ukuthi yini oyincomayo. Ukumane uthi enganeni “Ave uyingane enhle,” ngeke kuyenze ithobeke. Cacisa ukuthi yinhle uma kwenzenjani.

  • Bekela ingane yakho imingcele ekusebenziseni ezobuchwepheshe. Izikhathi eziningi izindlela zokuxhumana ezisheshayo zisetshenziselwa ukuzigabisa. Abantu bayathanda ukukhuluma ngabo nokufaka izinto abazifezile, okuyinto ephambene kakhulu nokuthobeka.

  • Khuthaza ingane yakho ukuba isheshe ukuxolisa. Siza ingane yakho ikwazi ukusheshe ilibone iphutha layo, bese ixolisa.

Fundisa ingane yakho ukubonga.

OKUSHIWO IBHAYIBHELI: “Yibani ngababongayo.”—Kolose 3:15.

  • Ukubonisa ukubonga ngendalo. Izingane kufanele zibonise ukubonga ngendalo, futhi ziqonde ukuthi sincike kangakanani kuyo ukuze siqhubeke siphila. Sidinga umoya ukuze siphefumule, amanzi okuphuza kanye nokudla. Sebenzisa lezi zibonelo ukuze ugxilise ukubaluleka kwendalo, ubuhle nobukhulu boMdali.

  • Ukubonisa ukubonga ngabantu. Khumbuza ingane yakho ukuba ibheke bonke abantu njengabangcono kunayo, nokuba ifunde emakhonweni abanye abantu kunokuba ibe nomona ngabo.

  • Izenzo zokubonga. Fundisa ingane yakho ukubonga, hhayi nje ngamazwi kuphela kodwa ngezenzo ezisuka enhliziyweni. Ukubonisa ukubonga kuyasisiza ukuba sihlale sithobekile.

Fundisa ingane yakho ukubaluleka kokusiza abanye.

OKUSHIWO IBHAYIBHELI: “Ngokuthobeka bhekani abanye njengabakhulu kunani, njengoba ningacabangeli izindaba zenu nje kuphela, kodwa nikhathalela nabanye.”—Filipi 2:3, 4.

  • Nikeza ingane yakho imisebenzi yasekhaya. Uma ungayinikezi ingane yakho imisebenzi engasiza ngayo ekhaya, ingase icabange ukuthi ukwenza izinto zayo kubaluleke kakhulu kunokusiza ekhaya. Imisebenzi yasekhaya kufanele ize kuqala, ukudlala kuze kamuva. Yibonise ukuthi ukusiza emisebenzini yasekhaya kubazuzisa kanjani abanye, nokuthi bazoyihlonipha ngokusiza.

  • Gcizelela izinzuzo zokusiza abanye. Ukusiza abanye kuzoyisiza ingane yakho ibe umuntu ovuthiwe. Ngakho yisize ikwazi ukubona lapho othile edinga usizo. Xoxa nayo ngezindlela engasiza ngazo. Yincome futhi uyisize lapho yenzela abanye okuthile.

a Kucashunwe encwadini ethi The Collapse of Parenting.

Umfana ulahla udoti emgqomeni

QEQESHA KUSEMANJE

Ingane efunda ukwenza imisebenzi yasekhaya ebonakala iphansi, isemathubeni angcono okusebenzelana kahle nabanye lapho isikhulile

Yiba Yisibonelo

  • Ingabe ngiyazitshela izingane zami ukuthi nami ngiyaludinga usizo lwabanye ngezinye izikhathi?

  • Ingabe ngikhuluma kahle ngabanye, noma ngibehlisa isithunzi?

  • Ingabe izingane zami ziyabona ukuthi ngiyakujabulela ukusiza abanye?

Esakwenza . . . 

“Indodakazi yethu yasixoxela ngengane efunda nayo. Yathi ibaphatha kabi abanye, ngakho abaningi abayithandi. Ngayitshela ukuthi kufanele icabange ngezimo okungenzeka ibhekene nazo kubo. Sayichazela ukuthi akusiwo wonke umuntu ovela emndenini okahle. Lokho kwayisiza indodakazi yethu yabona ukuthi ayingcono kunabanye. Imane nje iphila ngaphansi kwezimo ezingcono.”—UKaren.

“Sikhuthaza amadodakazi ethu ukuba akujabulele lokho akufunda esikoleni, nokuba enze okusemandleni awo ngaphandle kokuziqhathanisa nabanye. Sifuna azi ukuthi nathi ngeke siwaqhathanise nabanye.”—UMarianna.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela