Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g19 No. 2 kk. 12-13
  • Izinzuzo Zokufunda Kubantu Abadala

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izinzuzo Zokufunda Kubantu Abadala
  • I-Phaphama!—2019
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UBANI OKUFANELE AFUNDISE IZINGANE?
  • KUNGANI KUBALULEKILE?
  • INDLELA YOKUFUNDISA IZINGANE
  • Indlela Yokuqondisa Ingane
    Usizo Lomndeni
  • Ubusha—Ukulungiselela Ukuba Umuntu Omdala
    I-Phaphama!—2011
  • Iseluleko Ongasethemba Sokukhulisa Abantwana
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
  • Imibuzo Ebuzwa Abazali
    Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2019
g19 No. 2 kk. 12-13
Owesifazane utshengisa intombazane izithombe zakhe

ISIFUNDO 5

Izinzuzo Zokufunda Kubantu Abadala

UBANI OKUFANELE AFUNDISE IZINGANE?

Izingane ziyabadinga abantu abadala abazozinikeza iziqondiso nezeluleko. Njengomzali, usethubeni elingcono kakhulu lokukwenza lokho. Empeleni, kuwumthwalo wakho. Nokho, nabanye abantu abadala bangasiza ekunikezeni izingane zakho izeluleko.

KUNGANI KUBALULEKILE?

Emazweni amaningi, izingane azichithi isikhathi esiningi nabantu abadala. Cabanga ngalokhu:

  • Izingane zichitha isikhathi esiningi esikoleni, okuyindawo enezingane eziningi kunothisha nabanye abantu abadala.

  • Nangemva kwesikole ezinye izingane zihlala zodwa emakhaya, ngenxa yokuthi abazali bayasebenza.

  • Ucwaningo olwenziwa e-United States lwaveza ukuthi izingane eziphakathi kweminyaka engu-8 nengu-12 zichitha amahora angaba yisithupha ngosuku zibukela i-TV, zidlala imidlalo yamavidiyo, noma zilalela umculo.a

Incwadi ethi Hold On to Your Kids, ithi: “Kunokuba iye kubazali, kothisha noma kubanye abantu abadala lapho idinga izeluleko nosizo, intsha eningi ifuna lolu sizo . . . kontanga.”

INDLELA YOKUFUNDISA IZINGANE

Chitha isikhathi nezingane zakho.

OKUSHIWO IBHAYIBHELI: “Qeqesha ingane ngendlela okufanele ihambe ngayo; ngisho nalapho ikhula ngeke isuke kuyo.”—IzAga 22:6.

Ngokwemvelo, izingane zifuna kube abazali bazo abazisizayo nabazifundisayo. Empeleni ochwepheshe bathi ngisho nalapho zikhula, izingane zisazisa kakhulu iseluleko sabazali kunesontanga. UDkt. Laurence Steinberg owabhala incwadi ethi You and Your Adolescent, uthi: “Abazali basanethonya elinamandla ekuqeqesheni izingane zabo endleleni okufanele ziziphathe ngayo, kusukela zisencane kuze kube yilapho zizimela.” Uyanezela: “Intsha iyayazisa imibono yakho futhi iyalalela lapho ukhuluma nayo, nakuba ingase ingavumelani nawe ngaso sonke isikhathi.”

Njengoba ingane yakho isaseminyakeni ekahle yokwamukela isiqondiso sakho, sisebenzise ngokunenzuzo lesi sikhathi. Chitha isikhathi esanele nengane yakho, yitshele indlela ozizwa ngayo ngezinto ezithile nokuthi yiziphi izinto ezibalulekile kuwe, nezinto osuzifundile ekuphileni.

Umuntu oyisibonelo ongalingiswa yingane yakho.

OKUSHIWO IBHAYIBHELI: “Ohamba nabahlakaniphile uyohlakanipha.”—IzAga 13:20.

Ukhona yini umuntu okhulile ocabanga ukuthi angaba yisibonelo esihle enganeni yakho? Ungakwazi yini ukuhlela naye ukuba achithe isikhathi esithile nengane yakho? Uma ekhona, akusho ukuthi usuzodlulisela umthwalo wakho njengomzali kuye. Nokho, isikhuthazo somunye umuntu omethembayo ukuthi ngeke ayilimaze ingane yakho, singanezela ekuqeqesheni kwakho. IBhayibheli libonisa ukuthi nakuba uThimothewu ayesekhulile, wayezuza kakhulu ebunganeni bakhe noPawulu, kanti noPawulu wayezuza kuThimothewu.—Filipi 2:20, 22.

Namuhla, imindeni eminingi ayisahlali ndawonye. Kuyenzeka ogogo nomkhulu, omalume nezinye izihlobo bahlale ezifundeni noma emazweni ahlukile. Uma kunjalo nangomndeni wakho, hlela isikhathi sokuba izingane zakho zibe nabantu abadala abanobuntu ongathanda ukuba zibulingise.

a Lolu cwaningo lwaveza nokuthi ngokwesilinganiso intsha eneminyaka engaphezu kwengu-12, ichitha amahora angaba ngu-9 ngosuku kulezi zinto ezibaliwe. Lezi zibalo azihlanganisi isikhathi esisetshenziselwa umsebenzi wesikole.

Owesifazane utshengisa intombazane izithombe zakhe

QEQESHA KUSEMANJE

Ingane efunda kubantu abadala isemathubeni amahle okubonisa ukuhlakanipha nokuvuthwa njengoba ikhula

Yiba Yisibonelo

  • Ingabe ngibekela izingane zami isibonelo esihle?

  • Ingabe izingane zami ziyangibona nami ngicela usizo kulabo abanolwazi olungcono kunami?

  • Ngiyazibonisa yini izingane zami ukuthi zibalulekile, ngokuchitha isikhathi esanele nazo?

Esakwenza . . . 

“Ngezinye izikhathi indodakazi yami ike icele ukukhuluma nami, kuyilapho ngimatasa ngempela. Ngenza konke okusemandleni ukuyitshengisa ukuthi ibalulekile kimi ngokuyicela ukuba inginike imizuzwana yokuqedela lokho engisuke ngikwenza, ukuze ngiyilalele ngaphandle kweziphazamiso. Kanti mina nomkami sizama nokuba yizibonelo ezinhle, ukuze ibone ukuthi siyakwenza lokho esiyifundisa kona.”—UDavid.

“Ngemva kokuthola indodakazi yethu, mina nomyeni wami sanquma ukuba ngihlale ekhaya ukuze ngiyikhulise. Angizisoli ngaleso sinqumo. Kubalulekile ukuba nesikhathi esanele nomntwana ukuze athole ukukhuliswa okukahle, nesiqondiso esifanele. Okubaluleke nakakhulu, kubonisa ingane yakho ukuthi uyayithanda.”—ULisa.

UKUCHITHA ISIKHATHI NABANTU ABADALA

“Izingane zami zikhule phakathi kwabantu abadala abangafani futhi abaneminyaka engalingani, lokho kuzisize zakwazi ukufunda izinto ezihlukahlukene ngokuphila. Ngokwesibonelo, zamangala kakhulu lapho ugogo wami ezixoxela ukuthi umndeni wakubo waba owokuqala endaweni ukufakelwa ugesi. Wazixoxela ukuthi omakhelwane babefika bezobona lapho ugesi ukhanyiswa futhi ucishwa. Lokho kwenza izingane zami zaba nesithombe sokuthi ukuphila kwakunjani kudala. Kwazisiza zamhlonipha ukhokho wazo kanye nabanye abantu abadala. Lapho izingane zichitha isikhathi esiningi nabantu abadala kunaleso ezisichitha nontanga, zifunda izinto eziningi.”—UMaranda.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela