Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g19 No. 3 k. 3
  • Incwadi Yasendulo Esewusizo Nanamuhla

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Incwadi Yasendulo Esewusizo Nanamuhla
  • I-Phaphama!—2019
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kulo Magazini we-Phaphama!: Ibhayibheli Lingakuthuthukisa Yini Ukuphila Kwakho?
    I-Phaphama!—2019
  • Okuphakathi
    I-Phaphama!—2019
  • Incwadi Ewusizo Ekuphileni Kwanamuhla
    Incwadi Yabo Bonke Abantu
  • Kungani Kufanele Sifune Isiqondiso EBhayibhelini?
    I-Phaphama!—2006
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2019
g19 No. 3 k. 3
Indoda ibuka iBhayibheli elidala emyuziyamu

Incwadi Yasendulo Esewusizo Nanamuhla

Abantu abaningi bayalihlonipha iBhayibheli njengeliyincwadi engcwele. Nokho, iBhayibheli lingaphezu nje kokuba incwadi engcwele esitshela indlela okufanele simkhonze ngayo uNkulunkulu. Linezeluleko eziwusizo ekuphileni kwansuku zonke.

Ngokwesibonelo, cabanga ngalokho abantu abakushoyo ngendlela iBhayibheli elibasize ngayo ekuphileni kwabo, lapho belifunda futhi besebenzisa nezeluleko zalo.

“Ukuphila kwami sekungcono kakhulu manje. Indlela engicabanga nengizizwa ngayo isiye yathuthuka. Ngizizwa ngijabule nakakhulu.”—UFiona

“Ngokutadisha iBhayibheli ngiye ngathola injongo yokuphila kwangempela.”—UGnitko

“Impilo yami isishintshe ngendlela eyisimanga. Manje ngisebenza isikhathi esincane bese ngichitha isikhathi esiningi nomndeni wami.”—U-Andrew

Ziningi izibonelo ezinjengalezi. Abantu abaningi emhlabeni wonke bathole ukuthi iBhayibheli linezeluleko eziningi ezisewuziso nanamuhla.

Ake sihlole ukuthi iBhayibheli lingakusiza kanjani uthuthukise . . . 

  • Indlela yokunakekela impilo yakho

  • Indlela yokunakekela imizwelo yakho

  • Ukuphila komndeni nabangane

  • Indlela yokuphatha imali

  • Ubuhlobo bakho noNkulunkulu

Izihloko ezilandelayo zizokubonisa ukuthi iBhayibheli liyincwadi evela kuNkulunkulu engakusiza ngezindlela ezingokoqobo ekuphileni kwansuku zonke.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela