Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g20 No. 2 kk. 6-7
  • 1. Ingabe Kufanele Sisole UNkulunkulu Ngokuhlupheka Kwethu?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • 1. Ingabe Kufanele Sisole UNkulunkulu Ngokuhlupheka Kwethu?
  • IPhaphama!—2020
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okwenza Kubaluleke Ukwazi Lokhu
  • Lokho Ongacabanga Ngakho
  • Lokho Okushiwo IBhayibheli
  • Okuphakathi
    IPhaphama!—2020
  • Lithini IBhayibheli?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2017
  • Umbuzo 3: Kungani UNkulunkulu Evumela Ukuba Ngihlupheke?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Kungani UNkulunkulu Evumela Ukuhlupheka?
    Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
Bheka Okunye
IPhaphama!—2020
g20 No. 2 kk. 6-7
Umpristi uphethe iBhayibheli njengoba enikeza intshumayelo yomngcwabo esontweni.

1. Ingabe Kufanele Sisole Unkulunkulu Ngokuhlupheka Kwethu?

Okwenza Kubaluleke Ukwazi Lokhu

Abantu abaningi abafuni ukukhonza uNkulunkulu ngoba bacabanga ukuthi nguye obangela ukuhlupheka.

Lokho Ongacabanga Ngakho

Ngezindlela eziqondile nezicashile, abaholi benkolo abaningi baye bafundisa ukuthi nguNkulunkulu obangela ukuhlupheka kwethu. Ngokwesibonelo, abanye basho lokhu okulandelayo:

  • Izinhlekelele zemvelo ziyisijeziso esivela kuNkulunkulu.

  • Izingane ziyafa ngoba uNkulunkulu udinga izingelosi ezengeziwe ezulwini.

  • UNkulunkulu uthatha uhlangothi ezimpini​—okuyimbangela enkulu yokuhlupheka.

Kodwa kungenzeka yini ukuthi abaholi benkolo bakhuluma amanga ngoNkulunkulu? Kuthiwani uma uNkulunkulu engabemukeli?

FUNDA OKWENGEZIWE

Bukela ividiyo ethi: Kungani Kufanele Utadishe IBhayibheli? ku-jw.org/zu.

Lokho Okushiwo IBhayibheli

UNkulunkulu akayona imbangela yokuhlupheka kwethu.

Ukube ubeyiyo, lokho bekuyobe kuphambene nezimfanelo zakhe ezembulwe eBhayibhelini. Ngokwesibonelo:

“Zonke izindlela [zikaNkulunkulu] ziwubulungisa. . . . Ulungile futhi uqotho yena.”​—DUTERONOMI 32:4.

“Makube kude noNkulunkulu weqiniso ukwenza ngendlela yokukhohlakala, noMninimandla onke ukwenza ngokungabi nabulungisa!”​—JOBE 34:10.

“UMninimandla onke akasiphendukezeli isahlulelo.”​—JOBE 34:12.

UNkulunkulu akayamukeli inkolo ekhuluma amanga ngaye.

Lokhu kuhlanganisa izinkolo ezifundisa ukuthi nguNkulunkulu obangela ukuhlupheka nalezo ezisekela izimpi nodlame.

“Abaprofethi baprofetha amanga egameni lami [likaNkulunkulu]. Angibathumanga, futhi angizange ngibayale noma ngikhulume nabo. Baprofetha kini umbono wamanga . . . nokukhohlisa kwenhliziyo yabo.”​—JEREMIYA 14:14.

UJesu wabulahla ubuzenzisi bezinkolo.

“Akuyena wonke umuntu othi kimi, ‘Nkosi, Nkosi,’ oyongena embusweni wamazulu, kodwa lowo owenza intando kaBaba osemazulwini uyongena. Abaningi bayokuthi kimi ngalolo suku, ‘Nkosi, Nkosi, asiprofethanga yini egameni lakho, saxosha amademoni egameni lakho, senza nemisebenzi eminingi yamandla egameni lakho na?’ Kodwa nokho ngiyovuma kubo ngaleso sikhathi ngithi: ‘Angikaze nginazi! Sukani kimi, nina abenza okungemthetho.’”​—MATHEWU 7:21-23.

Ingabe kufanele sisole uNkulunkulu ngokuhlupheka kwethu?

Ake sithi ubaba ukhulisa izingane zakhe futhi azinakekele kahle. Kamuva, enye yamadodana akhe iyavukela, ihambe ekhaya, ikhethe ukuphila ngendlela eyibangela izinkinga. Ingabe kufanele kusolwe ubaba ngokuziphatha kwendodana yakhe? Ingabe le ndodana kumelwe isole ubaba wayo ngemiphumela emibi ebhekana nayo? Ngendlela efanayo, asikwazi ukusola uNkulunkulu ngokuhlupheka kwethu.

Kodwa ingabe lokhu kusho ukuthi yithi esiyimbangela yako?

Bheka umbuzo 2.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela