Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g20 No. 2 kk. 8-9
  • 2. Ingabe Yithi Esiyimbangela Yokuhlupheka Kwethu?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • 2. Ingabe Yithi Esiyimbangela Yokuhlupheka Kwethu?
  • IPhaphama!—2020
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okwenza Kubaluleke Ukwazi Lokhu
  • Lokho Ongacabanga Ngakho
  • Lokho Okushiwo IBhayibheli
  • Lithini IBhayibheli?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2017
  • Okuphakathi
    IPhaphama!—2020
  • Umbuzo 3: Kungani UNkulunkulu Evumela Ukuba Ngihlupheke?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Kungani Kunokuhlupheka Okungaka?
    I-Phaphama!—2011
Bheka Okunye
IPhaphama!—2020
g20 No. 2 kk. 8-9
Indoda egumbini lokuphumula, ibambe ugwayi kwesinye isandla, iphethe nebhodlela likabhiya elivuliwe kwesinye.

2. Ingabe Yithi Esiyimbangela Yokuhlupheka Kwethu?

Okwenza Kubaluleke Ukwazi Lokhu

Uma impendulo inguyebo, kusho ukuthi singakwazi ukunciphisa ukuhlupheka.

Lokho Ongacabanga Ngakho

Abantu banesandla kangakanani kulokhu kuhlupheka okulandelayo?

  • Umdwebo wenqindi, omelela ukuhlukumeza.

    Ukuhlukunyezwa.

    IWorld Health Organization (i-WHO) ilinganisela ukuthi umuntu omdala oyedwa kwabane wake wahlukunyezwa ngokomzimba lapho eseyingane kanti owesifazane oyedwa kwabathathu useke wabhekana nokuhlukumezeka ngokomzimba noma ngokocansi (noma kokubili) phakathi nesikhathi sokuphila kwakhe.

  • Umdwebo wamatshe ethuna, omelela amangcwaba.

    Ukushonelwa.

    I-World Health Statistics Ka-2018, eshicilelwe i-WHO ithi: “Kulinganiselwa ukuthi kwabulawa abantu abangaba ngu-477 000 ngo-2016 emhlabeni wonke.” Lokhu kwenezela enanini labantu abangu-180 000 okucatshangwa ukuthi babulawa ezimpini nasezingxabanweni ngalowo nyaka.

  • Umdwebo wenhliziyo onomugqa we-EKG, omelela izinkinga zempilo.

    Izinkinga Zempilo.

    Esihlokweni esikhishwe kumagazini i-National Geographic, esibhalwe uFran Smith, kuthiwa: “Abantu abangaphezu kwezigidi eziyinkulungwane bayabhema, futhi ugwayi ubalwa phakathi kwezinto ezinhlanu eziyizimbangela zokufa ezihamba phambili: isifo senhliziyo, unhlangothi, izifo ezihlobene nokuphefumula, isifo sokucinana emaphashini kanye nomdlavuza wamaphaphu.”

  • Umdwebo wesikali esingalingani, omelela ukungalingani ngokwezenhlalo.

    Ukungalingani Ngokwezenhlalo.

    UJay Watts onguDokotela wengqondo uyabika, “Ubumpofu, ukungalingani, ukucwaswa ngokobuhlanga, ngokobulili, ukuphelelwa yindawo yokuhlala nomoya wokuncintisana, konke lokhu kwandisa amathuba okucindezeleka.”

    FUNDA OKWENGEZIWE

    Bukela ividiyo ethi: Kungani UNkulunkulu Adala Umhlaba? ku-jw.org/zu.

Lokho Okushiwo IBhayibheli

Indoda ebivezwe nogwayi isilele esibhedlela. Inkosikazi yayo iyafulathela njengoba udokotela ebatshela izindaba ezibuhlungu ngesimo sempilo yomyeni wakhe.

Abantu bayimbangela enkulu yokuhlupheka.

Okuningi kwakho kubangelwa ohulumeni abacindezelayo abaye benza ukuphila kwaba nzima kubantu abababusayo nakuba bethi bayabasiza.

‘Umuntu uye wabusa umuntu kwaba ukulimala kwakhe.’​—UMSHUMAYELI 8:9.

Ukuhlupheka kungancishiswa.

Imiyalo yeBhayibheli ikhuthaza impilo engcono nobudlelwane obunokuthula nabanye.

“Inhliziyo ezolile ingukuphila komzimba, kodwa umhawu ungukubola emathanjeni.”​—IZAGA 14:30.

“Makususwe kini konke ukufutheka okubi nentukuthelo nolaka nokuklabalasa nokuhlambalaza kanye nabo bonke ububi.”​—EFESU 4:31.

Ingabe yithi esiyimbangela yokuhlupheka kwethu?

IBhayibheli lithi: “Noma yini umuntu ayihlwanyelayo, uyovuna yona futhi.” (Galathiya 6:7) Okunye ukuhlupheka kwethu kubangelwa izinqumo esizenzayo. Yingakho odokotela bekhuthaza abantu ukuba badle ukudla okunempilo, bazivocavoce, bagweme nemikhuba elimazayo enjengokubhema. Nakuba kunjalo, akulona iqiniso ukumane nje sithi umuntu uyimbangela yakho konke ukuhlupheka. Abantu abaningi bayizisulu ezingenacala zezingozi, izinhlekelele nezinye izinto ezibuhlungu.

Kungani abantu abalungile behlupheka?

Bheka umbuzo 3.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela