Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g20 No. 2 kk. 12-13
  • 4. Ingabe Sasidalelwe Ukuhlupheka?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • 4. Ingabe Sasidalelwe Ukuhlupheka?
  • IPhaphama!—2020
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okwenza Kubaluleke Ukwazi Lokhu
  • Lokho Ongacabanga Ngakho
  • Lokho Okushiwo IBhayibheli
  • Okushiwo YiBhayibheli Ngokuhlupheka
    I-Phaphama!—2015
  • Okuphakathi
    IPhaphama!—2020
  • Lithini IBhayibheli?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2017
  • Umbuzo 3: Kungani UNkulunkulu Evumela Ukuba Ngihlupheke?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
Bheka Okunye
IPhaphama!—2020
g20 No. 2 kk. 12-13
Umndeni umise amatende azintabeni. Uzithatha isithombe esiveza izintaba ngemuva.

4. Ingabe Sasidalelwe Ukuhlupheka?

Okwenza Kubaluleke Ukwazi Lokhu

Impendulo yalo mbuzo ithinta indlela esikubheka ngayo ukuphila.

Lokho Ongacabanga Ngakho

Ingabe kunengqondo ukuthi uNkulunkulu owadala izinto ezinhle kangaka emhlabeni angasijezisa ngokuba sihlupheke?

Abantu abangenandaba nenkolo babheka ukuhlupheka njengesizathu sokungabaza izisusa zikaNkulunkulu​—noma ngisho nokuba khona kwakhe. Bakholelwa ukuthi ukuhlupheka kubonisa ukuthi (1) uNkulunkulu akanamandla okukuqeda, (2) uNkulunkulu akafuni ukukuqeda, noma (3) uNkulunkulu akekho.

Ingabe yilezi kuphela okungaba yizizathu?

FUNDA OKWENGEZIWE

Bukela ividiyo ethi: Singaqiniseka Kanjani Ukuthi IBhayibheli Liyiqiniso? ku-jw.org/zu.

Lokho Okushiwo IBhayibheli

UNkulunkulu akasidalelanga ukuhlupheka.

Ufuna sijabulele ukuphila.

“Akukho lutho olungcono ngabo kunokuba umuntu ajabule futhi enze okuhle phakathi nokuphila kwakhe; nokuthi wonke umuntu adle futhi empeleni aphuze abone okuhle ngawo wonke umsebenzi wakhe onzima. Kuyisipho sikaNkulunkulu.”​—UMSHUMAYELI 3:12, 13.

UNkulunkulu wanika abantu ababili bokuqala isiqalo esingenazinkinga.

Akazange abadalele ukuba bona​—noma inzalo yabo—​bahlupheke.

“UNkulunkulu wathi kubo: ‘Zalani nande nigcwalise umhlaba niwunqobe.’”​—GENESISE 1:28.

Abantu ababili bokuqala bakhetha ukungamlaleli uNkulunkulu.

Ngenxa yalokho, bazilethela ukuhlupheka kanye nayo yonke inzalo yabo.

“Ngomuntu oyedwa isono sangena ezweni nokufa kwangena ngesono, futhi kanjalo ukufa kwasakazekela kubantu bonke ngenxa yokuthi bonke bonile.”​—ROMA 5:12.a

UNkulunkulu akasidalelanga ukuba sikwazi ukuphila ngaphandle kokuqondiswa nguye.

Njengoba kungenakwenzeka ukuba abantu baphile ngaphansi kwamanzi, akunakwenzeka nokuba bazibuse.

“Akukona okomuntu ohambayo ngisho nokuqondisa isinyathelo sakhe.”​—JEREMIYA 10:23.

UNkulunkulu akafuni sihlupheke.

Ufuna sigweme izinkinga ngokusemandleni ethu.

“Ukube ubuyoyilalela nokuyilalela imiyalo yami! Khona-ke ukuthula kwakho bekuyoba njengomfula.”​—ISAYA 48:18.

a EBhayibhelini, igama elithi “isono” alibhekiseli nje kuphela ezenzweni ezimbi kodwa nasesimweni bonke abantu abasizuza njengefa.

Ingabe sasidalelwe ukuhlupheka?

Cha. Kwakungesiyo injongo kaNkulunkulu ukuba abantu bahlupheke. Ukuhlupheka kwaqala lapho abantu bokuqala ababili bekhetha ukuzibusa. Nokho, lokho akusho ukuthi uhlanga lwesintu luyohlupheka phakade.

Ingabe ukuhlupheka kuyoke kuphele?

Bheka umbuzo 5.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela