Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g21 No. 1 k. 15
  • Ungakuthola Ukuhlakanipha

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ungakuthola Ukuhlakanipha
  • I-Phaphama!—2021
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UNkulunkulu Ukumema Ukuba Uzuze Ekuhlakanipheni Kwakhe
  • Ungakuthola Ukuhlakanipha KukaNkulunkulu
  • Simlalela Kanjani UNkulunkulu?
    Lalela UNkulunkulu Uphile Phakade
  • ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI
    I-Phaphama!—2015
  • Okuhle Nokubi: Kufanele Sikhethe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2024
  • Izimfundiso Eziyiqiniso Ezijabulisa UNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2021
g21 No. 1 k. 15

Ungakuthola Ukuhlakanipha

“Yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu.” (2 Thimothewu 3:16) Kuleli vesi, igama elithi “iphefumulelwe” lisho ukuthi uNkulunkulu uMninimandla onke wafaka imicabango yakhe kubabhali beBhayibheli.

IBHAYIBHELI

  • Izingxenye zencwadi.

    66

    Inani lezincwadi ezakha iBhayibheli.

  • Isandla esibhalayo esikhanyiswe ukukhanya okuvela phezulu.

    40

    Inani lamadoda uNkulunkulu awasebenzisa ekubhaleni iBhayibheli.

  • Ingilazi enesihlabathi sokukala isikhathi.

    1513 B.C.E.

    Unyaka iBhayibheli elaqala ukubhalwa ngawo​—eminyakeni engaphezu kuka-3 500 edlule!

  • Izinhlamvu zamagama nendlela yokubhala yezilimi ezihlukahlukene.

    3 000+

    Inani lezilimi iBhayibheli elitholakala ngazo liphelele noma liyingxenye.

UNkulunkulu Ukumema Ukuba Uzuze Ekuhlakanipheni Kwakhe

“Mina, Jehova, . . . okufundisayo ukuzeuzuze, lowo okuqondisa endleleni okufanele uhambe ngayo. Ukube nje ubuyoyilalela imiyalo yami! Ukuthula kwakho bekuyoba njengomfula nokulunga kwakho kube njengamagagasi olwandle ahlale egubha.”​—ISAYA 48:17, 18.

Lawo mazwi ungawabheka njengesimemo sakho esivela kuNkulunkulu. Ufuna ube nokuthula kwangaphakathi nenjabulo ehlala njalo futhi angakusiza ukuze ukuthole.

Ungakuthola Ukuhlakanipha KukaNkulunkulu

“Izindaba ezinhle kumelwe zishunyayelwe ezizweni zonke.”​—MARKU 13:10.

“Izindaba ezinhle” zihlanganisa izithembiso zikaJehova zokuqeda ukuhlupheka, enze umhlaba ube ipharadesi futhi abuyisele ekuphileni abafileyo esibathandayo. OFakazi BakaJehova bashumayela ngalowo myalezo osekelwe eBhayibhelini, emhlabeni wonke.

Ukudideka Enganginakho Kwaphela Lapho Ngifunda IBhayibheli

“Kusukela ngisemncane ngangididekile ukuthi ubani uMdali. Ngangizibuza, ‘Kungenzeka kanjani ukuba isizwe ngasinye sibe nonkulunkulu noma umdali waso?’ Ngakho ngiyakuthanda lokho okushiwo iBhayibheli encwadini yamaRoma 3:29 ukuthi uNkulunkulu weqiniso ‘unguNkulunkulu wabantu bezizwe.’ Unanegama elithi Jehova futhi ufuna sibe abangane bakhe.”​—URakesh.

URakesh.
    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela