Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g21 No. 2 kk. 7-9
  • Ezobuchwepheshe Zinamuphi Umthelela Ezinganeni Zakho?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ezobuchwepheshe Zinamuphi Umthelela Ezinganeni Zakho?
  • I-Phaphama!—2021
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • OKUFANELE UKWAZI
  • ONGAKWENZA
  • Ingabe Umntanakho Usebenzisa I-Internet?
    I-Phaphama!—2008
  • Izingane Namafoni Esimanje—Ingxenye 1: Ingabe Ingane Yami Kufanele Ibe Nefoni Yesimanje?
    Usizo Lomndeni
  • Izingane Namafoni Esimanje—Ingxenye 2: Ukufundisa Izingane Ukusebenzisa Kahle Ifoni Yesimanje
    Usizo Lomndeni
  • Ingabe Uzisebenzisa Ngokuhlakanipha Ezobuchwepheshe?
    I-Phaphama!—2015
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2021
g21 No. 2 kk. 7-9
Izingane ezineminyaka ehlukahlukene zizijabulisa ngezobuchwepheshe esikhundleni sokudlala ngamathoyizi noma eminye imidlalo.

Ezobuchwepheshe Zinamuphi Umthelela Ezinganeni Zakho?

Kulula ukuba izingane zisebenzise ezobuchwepheshe kangangokuthi zingase zibizwe ngokuthi “isizukulwane sezobuchwepheshe” kodwa kungase kube nzima kubantu abadala ukufunda ukuzisebenzisa. Yingakho bengase babizwe ngokuthi “izimfundamakhwela zezobuchwepheshe.”

Ngesikhathi esifanayo, abanye baye baphawula ukuthi intsha echitha isikhathi esiningi kwezobuchwepheshe igcina . . .

  • isiyimilutha yemishini yayo yezobuchwepheshe.

  • isihlukumeza abanye nge-inthanethi.

  • isibukela izithombe zocansi, ihlosile noma ingahlosile.

OKUFANELE UKWAZI

Umfana uphethe ifoni futhi uvala umnyango ethukile njengoba unina edlula emnyango wekamelo lakhe.

UKUNGAKWAZI UKUPHILA NGAPHANDLE KWEZOBUCHWEPHESHE

Ezinye izinto ezenziwa ku-inthanethi​—ngokwesibonelo, imidlalo—​kwenziwe ngendlela yokuba kube nzima ukukuyeka. Incwadi ethi Reclaiming Conversation ithi: “Ama-app asemafonini ethu ahlelwe ngendlela yokuthi asigcine sisemafonini.” Uma sichitha isikhathi esiningi sigqolozele ama-app abakhangisi benza imali.

ONGACABANGA NGAKHO: Ingabe izingane zakho ziwasebenzisa kakhulu amaselfoni namathebhlethi azo? Ungazisiza kanjani zisisebenzise kahle isikhathi sazo?​—EFESU 5:15, 16.

UKUHLUKUNYEZWA KU-INTHANETHI

Ku-inthanethi abanye abantu baba nodlame, bathuke inhlamba futhi bangayicabangeli imizwa yabanye. Lokho kungase kuholele ekuhlukumezeni abanye.

Abanye abantu bayadelela futhi baziphatha ngendlela engafanele ku-inthanethi ngenxa yokuthi bafuna ukunakwa futhi bafuna ukuduma. Noma, uma umuntu ethola ukuthi akamenywa ezintweni ezithile​—ngokwesibonelo, uma ebona ukuthi akamenywanga ephathini ethile—​lokho kungamenza aphatheke kabi futhi azizwe engathandwa.

ONGACABANGA NGAKHO: Ingabe izingane zakho zidelela abanye ku-inthanethi? (Efesu 4:31) Zisabela kanjani lapho zingamenywanga ezintweni ezithile?

IZITHOMBE ZOCANSI

Izithombe zocansi sezitholakala kalula ku-inthanethi. Nakuba ezobuchwepheshe zinendlela yokuba abazali balawule lokho okwenziwa yizingane zabo ku-inthanethi, lokhu akusona isivikelo ngaso sonke isikhathi ngoba izingane zingakwazi ukubona izinto ezingcolile.

Ukuthumelelana imiyalezo nezithombe zocansi ngefoni​—kungenza umuntu athathelwe izinyathelo ezingokomthetho. Kwezinye izimo, abantu abathumelelana imiyalezo yocansi bangabekwa icala lokusakaza izithombe zocansi zezingane, kuye ngemithetho yendawo neminyaka yalabo abathintekayo.

ONGACABANGA NGAKHO: Ungazisiza kanjani izingane zakho zigweme isifiso sokubuka nokuthumela izithombe zocansi ku-inthanethi?​—EFESU 5:3, 4.

ONGAKWENZA

QEQESHA IZINGANE ZAKHO

Nakuba lesi “sizukulwane sezobuchwepheshe” singazisebenzisa kalula ezobuchwepheshe, sisasidinga isiqondiso. Incwadi ethi Indistractable ithi ukunikeza izingane ifoni noma omunye umshini wezobuchwephe ngaphambi kokuba zikwazi ukuwusebenzisa kahle kuwukwenza “ngokungacabangi okufana nokuvumela ingane ukuba igxumele edamini lokubhukuda ibe ingakwazi ukubhukuda.”

ISIMISO SEBHAYIBHELI: “Qeqesha ingane ngendlela okufanele ihambe ngayo; ngisho nalapho ikhula ngeke isuke kuyo.”​—IZAGA 22:6.

Khetha kulokhu okungezansi ongase uthande ukukuzama noma ubhale phansi okunye okucabangayo.

  • Ngizoxoxa nengane yami ngendlela okufanele iziphathe ngayo lapho ixoxa nabanye ku-inthanethi

  • Ngizosiza ingane yami ibhekane nomuzwa wokukhishwa inyumbazane

  • Ngizokwenza konke engingakwenza ukuze ngivikele ingane yami ukuba ingaziboni izinto ezingalungile ku-inthanethi

  • Ngezikhathi ezithile, ngizohlola ifoni yengane yami ukuthi iyisebenzisa kanjani

  • Ngizobekela izingane zami isikhathi ezingasisebenzisa kwezobuchwepheshe usuku ngalunye

  • Ngeke ngiyivumele ingane yami ukuba isebenzise ifoni yayo ngesikhathi okufanele ngabe ilele ngaso

  • Ngizobeka umthetho wokuthi akekho okufanele asebenzise ifoni ngesikhathi sokudla

IMIBUZO ABAZALI ABANGAXOXA NGAYO

  • Ingabe sinikeza ingane umshini wezobuchwepheshe ukuze ilibale yiwo ingasihluphi?

  • Ingabe ingane yethu idinga umshini wezobuchwepheshe one-inthanethi? Uma kunjalo, kungani?

  • Sizokwazi yini ukubhekana nezindleko zokunika ingane yethu umshini wezobuchwepheshe one-inthanethi?

  • Ingane yethu ibonisa kanjani ukuthi isiyakwazi ukuzenzela izinqumo ezinhle?

  • Ingabe ingane yethu iyavuma lapho yenze iphutha bese iyalilungisa?

  • Yimiphi imithetho esizoyibeka?

  • Singayisiza kanjani ingane yethu ukuba ingachithi isikhathi esiningi isebenzisa imishini yezobuchwepheshe?

    ISIMISO SEBHAYIBHELI: ‘Abantu abavuthiwe [benze] amandla abo okuqonda aqeqeshelwa ukuhlukanisa okulungile nokungalungile.’​—HEBHERU 5:14.

ULaureta noDavid.

“Kungani izingane zakho zifuna ukuba nefoni? Ziyisebenzisa kanjani eyakho? Zingena kumaphi amawebusayithi? Yimiphi imidlalo eziyidlalayo efonini? Ziyisebenzisa isikhathi esingakanani ifoni? Ngaphambi kokunikeza izingane zakho ifoni noma umshini wezobuchwepheshe, hlola ukuthi zikhule kangakanani engqondweni nokuthi ziyakwazi yini ukuzithiba.”​—ULAURETA NOMYENI WAKHE UDAVID

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela