Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g21 No. 2 kk. 10-12
  • Ezobuchwepheshe Zinamuphi Umthelela Emshadweni Wakho?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ezobuchwepheshe Zinamuphi Umthelela Emshadweni Wakho?
  • I-Phaphama!—2021
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • OKUFANELE UKWAZI
  • ONGAKWENZA
  • Indlela Yokugcina Ezobuchwepheshe Zisendaweni Yazo
    Usizo Lomndeni
  • Indlela Yokushiya Umsebenzi “Emsebenzini”
    Usizo Lomndeni
  • Kubalulekile Ukuchitha Isikhathi Ndawonye
    Usizo Lomndeni
  • Lapho Ubungane Sebudlulele
    I-Phaphama!—2013
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2021
g21 No. 2 kk. 10-12
Indoda esesikhumulweni sezindiza ikhuluma ngevidiyo nomkayo osekhaya.

Ezobuchwepheshe Zinamuphi Umthelela Emshadweni Wakho?

Uma ezobuchwepheshe zisetshenziswa kahle, zingasiza indoda nomkayo ukuba basondelane. Ngokwesibonelo, bangasebenzisa ezobuchwepheshe ukuze baxhumane phakathi nosuku.

Kodwa abanye abantu abashadile bazisebenzisa kabi ezobuchwepheshe. Lokhu kungababangela lezi zinkinga ezilandelayo:

  • Kungabaphuca isikhathi sokuba ndawonye.

  • Bangenza izinto zasemsebenzini ekhaya ngokungenasidingo.

  • Bangaqala ukungathembani ngisho nokungathembeki.

OKUFANELE UKWAZI

Phakathi kwamabili, indoda nomkayo, ngamunye usebenzisa ifoni yakhe njengoba besembhedeni.

ISIKHATHI SOKUBA NDAWONYE

Umyeni okuthiwa uMichael uthi: “Ngezinye izikhathi lapho mina nomkami sindawonye, kufana nokuthi akekho. Ulibala ifoni yakhe, bese ethi, ‘Bengingakayibheki imiyalezo kuze kube manje.’” Umyeni okuthiwa uJonathan uthi ezimweni ezinjalo “abashadile bangase babe ndawonye kodwa bazizwe sengathi basezindaweni ezahlukene.”

ONGACABANGA NGAKHO: Kukangaki ukukhala kocingo noma umyalezo, kuphazamisa isikhathi ebeningasisebenzisela ukuxoxa noshade naye?​—EFESU 5:33.

UMSEBENZI

Abanye abantu benza imisebenzi edinga ukuba bahlale betholakala efonini ngisho noma besekhaya. Abanye, ngisho nalapho imisebenzi yabo ingabaphoqeleli ukuba bahlale betholakala, bakuthola kunzima ukushayisa emsebenzini bese besebenza nasekhaya. Umyeni okuthiwa uLee uyavuma: “Kunzima ukuba ngingalubambi ucingo noma ngingawuphenduli umyalezo ovela emsebenzini ngesikhathi engisibekele eceleni ukuba nomkami.” Inkosikazi okuthiwa uJoy ithi: “Ngisebenzela ekhaya, ngakho umsebenzi uhlale ukhona bese kuba nzima ukuyeka ukusebenza. Kudinga umzamo ukuhleleka.”

ONGACABANGA NGAKHO: Ingabe uyamlalelisisa oshade naye lapho ekhuluma nawe?​—LUKA 8:18.

UKWETHEMBEKA

Abantu abaningi bathi izingxabano eziba phakathi kwabantu abashadile zibangelwa izinto ezisolisayo ezisuke zifakwe abantu abashade nabo ezinkundleni zokuxhamana. Abanye bayavuma ukuthi bayazifaka ngasese izinto ku-inthanethi abangafuni ukuthi abantu abashade nabo bazi ngazo.

Kungashiwo kufanele ngezinkundla zokuxhumana ukuthi “zingamabhomu acushelwe umshado” ngoba zingakwenza kube lula ngabantu abashadile ukuba baziphathe kabi ngokocansi nabantu abangashadile nabo. Akumangazi ukuthi abameli bamacala okudivosa bathi izinkundla zokuxhumana ziyimbangela enkulu yokuba imishado eminingi ihlukane namuhla.

ONGACABANGA NGAKHO: Ingabe uyamfihlela oshade naye lapho ukhuluma nothile wobulili obuhlukile?​—IZAGA 4:23.

ONGAKWENZA

BEKA IZINTO EZIZA KUQALA

Umuntu ongadli kahle ngeke abe nempilo. Ngokufanayo, umuntu ongaziniki isikhathi esanele nowakwakhe uba nezinkinga emshadweni.​—Efesu 5:28, 29.

ISIMISO SEBHAYIBHELI: “Niqiniseke ngezinto ezibaluleke kakhulu.”​—FILIPI 1:10.

Xoxani ngalokhu okungezansi eningase nithande ukukuzama noma nibhale phansi enikucabangayo okunganisiza ukuze ezobuchwepheshe zingaphazamisi umshado wenu.

  • Sizodla ndawonye okungenani kanye ngosuku

  • Sizozibekela isikhathi esingeke sizisebenzise ngaso ezobuchwepheshe

  • Sizohlela isikhathi sokwenza okuthile okukhethekile okuzosijabulisa sisobabili

  • Sizocisha imishini yethu yezobuchwepheshe ebusuku, siyibeke kude nalapho silala khona

  • Sizobekela eceleni imizuzu engu-15 ngosuku ukuze sixoxe singaphazanyiswa yimishini yezobuchwepheshe

  • Ngeke singene ku-inthanethi isikhathi esithile usuku ngalunye

IZINTO ABANGAXOXA NGAZO ABASHADILE

Ngemva kokuba wena nowakwakho seniyifundile le mibuzo elandelayo futhi nacabanga ngayo, xoxani ngezimpendulo zayo nindawonye.

  • Iziphi izindlela eningasebenzisa ngazo ezobuchwepheshe ukuze niqinise umshado wenu?

  • Ngokombono wenu, ezobuchwepheshe zisiphazamisa kangakanani isikhathi senu sokuba ndawonye?

  • Yikuphi lapho eningathuthuthukisa khona lapho nisebenzisa ezobuchwepheshe?

  • Kunzima kangakanani ukushiya umsebenzi emsebenzini? Ingabe oshade naye uyavumelana nempendulo yakho?

  • Ungabonisa kanjani ukucabangela uma kuziwa esikhathini olindele ukuba oshade naye akunike sona nendlela akunaka ngayo?

    ISIMISO SEBHAYIBHELI: “Yilowo nalowo makangazifuneli inzuzo yakhe siqu, kodwa eyomunye umuntu.”​—1 KORINTE 10:24.

UJason no-Alexandra.

“Ngisebenzela ekhaya, ngakho ngizama ukuyeka ukusebenza ngesikhathi esibekiwe. Ngicisha nesaziso sokungena kwama-email ngemva kwesikhathi esithile, ukuze ngikwazi ukusebenzisa ifoni yami ezintweni ezinjengokubheka isikhathi ngaphandle kokuphazanyiswa umsebenzi.”​—UJASON NOMKAKHE U-ALEXANDRA

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela