Isethulo
Abantu abaningi banemibono ehlukahlukene mayelana nokuthi umhlaba nezinto ezisemkhathini kanye nezinto eziphilayo kwaba khona kanjani. Lo magazini i-Phaphama! uzokusiza ukuba uzihlolele amaqiniso ngokwakho futhi unqume ukuthi yikuphi okuyiqiniso. Ingabe umhlaba nezinto ezisemkhathini kwamane kwazivelela nje noma kwadalwa? Ukwazi impendulo yalokhu kungakusiza kakhulu.