Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g21 No. 3 k. 3
  • Unganquma Kanjani?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Unganquma Kanjani?
  • I-Phaphama!—2021
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UMdali Angenza Ukuphila Kwakho Kube Nenjongo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
  • Qinisa Ukholo Lwakho KuMdali
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2021
  • Kwaqala Kanjani Ukuphila?
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
  • UMdali Wakho—Funda Ukuthi Unjani
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2021
g21 No. 3 k. 3
Owesifazane uyazibuza ukuthi akhethe kuphi njengoba ebuka umfundisi ophethe iBhayibheli nososayensi ophethe into efanekisela izakhi zofuzo.

Unganquma Kanjani?

“Umhlaba nezinto ezisemkhathini kungakwazi ukuzidala futhi kuzozidala kona ngokwakho.”​—UStephen Hawking noLeonard Mlodinow, ososayensi, ngo-2010.

“UNkulunkulu wadala amazulu nomhlaba.”​—IBhayibheli, kuGenesise 1:1.

Umhlaba nezinto ezisemkhathini nezinto eziphilayo kwadalwa uNkulunkulu yini noma kwazivelela? Amazwi ososayensi ababili acashunwe kulesi sihloko namazwi okuqala eBhayibheli anikeza izimpendulo zalo mbuzo ezingafani nhlobo. Yomibili le mibono inabantu abayisekelayo. Noma kunjalo, abantu abaningi abaqiniseki. Abantu bayaphikisana ngalokhu ezincwadini ezithandwa kakhulu nasezinhlelweni ze-TV.

Kungenzeka ukuthi othisha bakho esikoleni babesho ngokuqiniseka ukuthi umhlaba nezinto ezisemkhathini kanye nezinto eziphilayo kwavele kwazivelela nokuthi akekho uMdali owakudala. Kodwa ingabe bukhona ubufakazi othisha bakho abakunika bona bokuthi akekho uMdali? Ngakolunye uhlangothi, kungenzeka wake wezwa abaholi benkolo beshumayela ngokuthi ukhona uMdali. Kodwa ingabe bakunika ubufakazi obusekela abakushoyo? Noma bakutshela ukuthi kumele umane ukholelwe nje kuNkulunkulu ngaphandle kobufakazi?

Akungabazeki ukuthi wake wacabanga ngalo mbuzo futhi kungenzeka waba nomuzwa wokuthi akekho ongasho ngokuqiniseka ukuthi ukhona uMdali. Ungase uzibuze futhi: Ibaluleke ngempela yini impendulo yokuthi ukhona yini uMdali noma cha?

Lo magazini i-Phaphama! uzoqale ukubonise amanye amaqiniso aye enza abantu abaningi bakholelwa kuMdali. Uzobe usuchaza ukuthi kungani ibalulekile impendulo yalo mbuzo mayelana nemvelaphi yokuphila emhlabeni.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela