Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g21 No. 3 kk. 8-9
  • Lokho Ososayensi Abangeke Bakwazi Ukusitshela Khona

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lokho Ososayensi Abangeke Bakwazi Ukusitshela Khona
  • I-Phaphama!—2021
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isazi Sesayensi Yemibungu Sichaza Ngokholo Lwaso
    I-Phaphama!—2016
  • Umkhathi Nokuphila Kwavela Kanjani?
    I-Phaphama!—2002
  • Indlela Isayensi Ekuthinta Ngayo Ukuphila Kwakho
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • UMdali Angenza Ukuphila Kwakho Kube Nenjongo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2021
g21 No. 3 kk. 8-9
Uthisha ofundisa isayensi ubonisana nabanye babafundi bakhe.

Lokho Ososayensi Abangeke Bakwazi Ukusitshela Khona

Kubonakala sengathi ososayensi sebecwaninge cishe ngayo yonke into ngomhlaba nangezinto ezisemkhathini. Kodwa kusenemibuzo eminingi abangeke bakwazi ukuyiphendula.

Ososayensi bangakwazi yini ukuchaza ukuthi umhlaba nezinto ezisemkhathini kwaba khona kanjani? Impendulo inguCha. Abanye bathi ososayensi abacwaninga ngomhlaba nangezinto ezisemkhathini bangakwazi ukuchaza ukuthi kwavelaphi. Nokho, uMarcelo Gleiser ongusosayensi wezinkanyezi eKolishi LaseDartmouth, ongakholelwa kuNkulunkulu uthi: “Asizange sikuchaze nhlobo ukuthi umhlaba nezinto ezisemkhathini kwaba khona kanjani.”

Ngokufanayo, mayelana nokuthi izinto eziphilayo zaba khona kanjani, isihloko esikumagazini i-Science News sithi: “Singase singakwazi ukuthola ukuthi zaba khona kanjani ngempela izinto eziphilayo emhlabeni: Izinto eziningi ezibonisa ukuthi yini eyenzeka ngempela kudala emhlabeni kade zanyamalala.” Lokhu okushiwo ngenhla kubonisa ukuthi ososayensi abakawuphenduli umbuzo othi, Umhlaba, izinto ezisemkhathini kanye nezinto eziphilayo kwaba khona kanjani?

Kodwa ungase uzibuze, ‘Uma izinto eziphilayo ezisemhlabeni zadalwa, ubani owazidala?’ Kungenzeka nokuthi uke wazibuza le mibuzo elandelayo: ‘Uma ekhona uMdali ohlakaniphile nonothando, kungani ebengavumela indalo yakhe engabantu ukuba ihlupheke? Kungani ebengavumela ukuba kube nezinkolo eziningi kangaka eziphikisanayo? Kungani ebengavumela ukuba izikhonzi zakhe zenze izinto eziningi kangaka ezimbi?’

Ososanyensi ngokwabo ngeke bakwazi ukuphendula leyo mibuzo. Kodwa lokho akusho ukuthi ngeke uzithole izimpendulo ezanelisayo. Empeleni, abantu abaningi bazitholile izimpendulo ezanelisayo eBhayibhelini.

Uma ungathanda ukuthola ukuthi kungani abanye ososayensi abazinike isikhathi sokutadisha iBhayibheli bethi bayakholelwa kuMdali, ngena ku-jw.org/zu. Bheka uchungechunge lwamavidiyo olunesihloko esithi Imibono Yabathile Ngomsuka Wokuphila.”

Ucwaningo lwesayensi neBhayibheli kwabaqinisekisa

UGeorgiy N. Koidan, usokhemisi

“Izikhathi eziningi, umsebenzi wami ‘uwukuhlanganisa’ amakhemikhali ahlukahlukene ukuze ngenze lokho okudingekayo. Kufana nokudlala i-chess: kufanele uhlele izinyathelo zakho kusengaphambili. Uma kukhona okukodwa nje ongakwenzanga ngeke kwenzeke okudingekayo. Nakuba umsebenzi wami uyinkimbinkimbi, ulula uma uqhathaniswa nalokho okwenziwa izinkulungwane zamakhemikhali ngaphakathi engqamuzaneni eliphilayo ukuze akhe izinhlayiyana zamakhemikhali ayinkimbinkimbi. Lokho kungenza ngikholelwe ukuthi kumele ukuba kunoSokhemisi Omkhulu​—uMdali.

“Lapho ngifunda iBhayibheli, ngaqaphela ukuthi lalingafani nezinye izincwadi. IBhayibheli laqedwa ukubhalwa cishe eminyakeni engu-2 000 edlule, kodwa ngicabanga ukuthi iseluleko salo sisasebenza nanamuhla. Elikushoyo mayelana nokuxazulula izingxabano emndenini, emsebenzini nakomakhelwane kuyasebenza ngempela. Ngaphetha ngokuthi lesi seluleko esihle kangaka singavela kuphela kumuntu ohlakaniphe ngaphezu kwabantu.”

UYan-Der Hsuuw, oyisazi semibungu

“Njengoba umbungu ukhula, wonke amangqamuzana kumele asebenze ndawonye ukuze ashintshe amanye amangqamuzana abe izinzwa, imisipha, amathambo, igazi kanye nezinye izicubu bese kwakheka umuntu. Asikakuqondi kahle ukuthi amangqamuzana aba kanjani umbungu. Ngendlela engibona ngayo, kumele ukuba kunomuntu ohlakaniphile owenza kwaba nezinto eziphilayo.

“Indlela iBhayibheli elichaza ngayo indlela umbungu okhula ngayo esibelethweni sikanina encwadini yeHubo 139:15, 16 iyafana nalokho ososayensi abakutholile emashumini eminyaka adlule. Incazelo enembe kangaka kungenzeka kanjani ukuthi yabhalwa kudala ngaphandle kokuba lowo owayiloba wayeyambulelwe uMdali?”

Buka ividiyo ethi URocío Picado Herrero: Uthisha We-Chemistry Uchaza Ukholo Lwakhe. Funa le vidiyo ngokubhala isihloko sayo ebhokisini lokucinga ku-jw.org/zu.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela